USirakhi 2
Ukwethembeka KuNkulunkulu
1Mntanami, uma ulangazelela ukuba yisikhonzi seNkosi, zilungiselele ukuvivinywa. 2Bamba indlela eqondile ume kuyo, ungadikibali ngezikhathi zobunzima. 3Bambelela kuye ungasuki ukuze izinsuku zakho zigcine ngobuhle. 4Yamukela noma yini ekwehlelayo ubekezele ngezikhathi zobunzima, nezokudunyazwa. 5Ngokuba igolide lihlanzwa emlilweni, kodwa abakhethiweyo esithandweni sokudunyazwa. 6Methembe, uyakukusiza, hamba uqonde, ubeke ithemba lakho kuye. 7Nina enesaba uSimakade lindelani umusa wakhe, ningaphambuki funa niwe. 8Nani enimesabayo uSimakade, methembeni, khona ningekulahlakelwa ngumvuzo wenu. 9Nina enimesabayo uSimakade, lindelani okuhle, intokozo engapheli nesisa.
10Bhekani izizukulwane zasendulo, nibone: Ukhona yini owethembela kuSimakade wadunyazwa na? Ukhona yini owema waqina ekumesabeni ake wamlaxaza na? Ngubani oke wakhala kuye akamuzwa na? 11Ngokuba iNkosi inesisa nesihawu; ithethelela owonile futhi isindise ngesikhathi sokuhlupheka. 12Maye! Kuzo izinhliziyo ezinobugwala, nezandla ezingenasibindi, nakuso isoni esimpilo yaso imbaxambili. 13Maye! Kubo abanhliziyo ingenathemba! Inhliziyo engenalo ukholo iyohamba ingavikelekile. 14Maye! Kini eseniyeke ukuzabalaza! Niyokwenze njani ekufikeni kweNkosi na? 15Labo abayesabayo iNkosi abaweqi neze amazwi ayo; nalabo abayithandayo, bahamba ezindleleni zayo.
16Abayesabayo iNkosi benza intando yayo, nabo bonke abayithandayo bagxila emthethweni wayo. 17Labo abayesabayo iNkosi balungisa izinhliziyo zabo, bazithobe phambi kwayo bathi: 18“Kungcono ukuwela ezandleni zeNkosi kunokuwela ezandleni zabantu, ngokuba ubukhosi bayo bulingana nesihawu sayo, nemisebenzi yayo ilingana negama layo.”
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.