Ukugula Namakhambi
1Bahloniphe odokotela ngenxa yomsebenzi wabo, ngokuba bazidalwa zikaSimakade; 2ngokuba isipho sabo sokuphilisa sivela koPhezukonke, futhi bavuzwa yiNkosi. 3Ubuciko bodokotela yibo obubenza baziwe, naphambi kwezikhulu bayahlonishwa. 4NguSimakade owenze imithi, ngakho-ke ohlakaniphileyo akanakuyibukela phansi. 5Ngabe amanzi awenziwanga-mtoti ngegatsha lomuthi, ukuze amandla awo aziwe na? 6Futhi wanikeza ubuciko kubantu ukuze adunyiswe emisebenzini yakhe emangalisayo. 7Ngayo le mithi udokotela uyaphilisa aqede ubuhlungu bonke; 8uSokhemisi enze ingxube ngayo. Imisebenzi kaNkulunkulu kayisoze yaqedwa; ukuphila kuphuma kuye kugcwalise umhlaba wonke.
9Mntanami, lapho ugula, ungalibali, kodwa khuleka kuNkulunkulu, ngokuba uzakukuphilisa. 10Shiya amaphutha akho, uqondise izandla zakho kahle, uhlanze zonke izono enhliziyweni yakho. 11Nikela umnikelo ophunga lawo limnandi, kanye nesikhumbuzo sikakolweni wekhethelo, uthele amafutha emnikelweni wakho, kangangobuningi bawo.
12Nikeza nodokotela indawo yakhe, ngokuba udalwe yiNkosi uSimakade; ungavumi ukuba akushiye, ngokuba uyamdinga. 13Kunokufika isikhathi lapho ukusinda kwakho kwencike esandleni sikadokotela, 14ngokuba nabo bakhuleka kuNkulunkulu, ukuba abanike impumelelo lapho bexilonga belapha isifo, ngenxa nje yokulondolozwa kwempilo. 15Lowo owona kuMdali wakhe uyokumdelela nodokotela.
Ukulila
16Mntanami, bakhalele abafileyo, njengalowo osezinhlungwini ezinkulu, qala ukulila. Ufihleni umzimba ngenkonzo efanele, ningakuyekeli ukungcwaba. 17Ukukhala kwenu makube buhlungu nokulila kwenu kugcwale umfutho; ukulila kwenu makubafanele abahambileyo, lila usuku olulodwa, noma ezimbili, ukuze ungagxekwa; bese ududuzeka ngenxa yokulila kwakho. 18Ngokuba usizi lunokugcina ekufeni, nenhliziyo elilayo incunca amandla omuntu. 19Lapho umuntu esengcwatshiwe usizi luyaphela, kodwa impilo yabampofu iyawucindezela umphefumulo.
20Ungayinikeli inhliziyo yakho osizini; luxoshe, bese ukhumbula isiphetho sakho. 21Ungakhohlwa, akukho ukubuyela emuva emhlabeni; awubenzeli lutho oluhle abafileyo futhi uzilimaza wena. 22Khumbula isiphetho sakhe, ngokuba nesakho siyefana naso; izolo bekungesakhe, namuhla ngesakho. 23Lapho ofileyo esethule ephumule makube njalo nangokukhunjulwa kwakhe, duduzeka ngaye lapho umoya wakhe usuhambile.
Ukuhweba Nomsebenzi Wezandla
24Ubuhlakani bombhali bencike ekubeni nesikhathi sokungcebeleka, kodwa yilowo kuphela onomsebenzi omncane ongazuza ukuhlakanipha. 25Lowo obamba igeja angahlakanipha kanjani, othokoziswa ngukugudluka kwezinkandi, oqhuba izinkabi futhi eneliswe ngumsebenzi wazo, onkulumo yakhe ingezinkunzi na? 26Ubeka inhliziyo yakhe ekulimeni imisele, uyaqikekela nangokudla kwezinkomazi.
27Kunjalo nangawo onke amaciko kanye nomphathi wawo asebenza ebusuku nasemini; labo abenza izitembu zamakhosi, yilowo nalowo usebenza ngenkuthalo ukwenza into ehlukile; babeka inhliziyo yabo ekudwebeni isithombe okungathi sinempilo, futhi bayaqikekela ukuba bawuqede umsebenzi wabo.
28Kunjalo nangomkhandi wezinsimbi, ehlezi esicangcathweni sakhe, ebekile ingqondo yakhe emsebenzini wakhe wensimbi; umphefumulo womlilo uncibilikisa inyama yakhe, abe nobunzima ngokushisa kwesithando; ukukhala kwesando kuvala izindlebe zakhe, amehlo akhe abe ethe njo emfanekisweni awukhandayo. Ubeka inhliziyo yakhe ekuqedeni lo msebenzi, futhi uyaqikekela ukuba awuqedele ngokuwuhlobisa.
29Kunjalo nangombumbi ohlezi enza umsebenzi wakhe futhi ephendula isondo ngezinyawo zakhe; uhlala ekhathazekile kakhulu ngalokho akwenzayo futhi ukukhiqiza ngobuningi bakho. 30Uyalufocoza udongwe ngezandla zakhe alwenze luthambe ngezinyawo zakhe; ubeka inhliziyo yakhe ekuqedeni lo msebenzi azinike isineke lapho esewufake emlilweni.
31Bonke laba bethembele ezandleni zabo, bonke banobuciko emsebenzini wabo. 32Ngaphandle kwabo akukho dolobha elingaba nabantu, futhi nakuphi lapho behlala khona, abanakutholwa yindlala. Nokho akekho obafunayo ukuze beluleke abantu, 33futhi abafumani kwaziwa emihlanganweni yomphakathi. Abahlali esihlalweni sakwahlulela, kabaziqondi nezinqumo zezinkantolo; kabanakukhuluma ngemfundiso nangokwahlulela, abatholwa phakathi kwababusi. 34Kepha yibo abamise ubukhona bomhlaba, futhi ukukhathazeka kwabo kungokokuba benze umsebenzi wabo.