UJoshuwa
1UJoshuwa indodana kaNuni wayeliqhawe empini futhi walandela uMose emsebenzini wobuphrofethi. Wafuza igama lakhe umsindisi omkhulu wabakhethwa bakaNkulunkulu, ukuphindisela ezitheni ezibavukelayo, ukuze anikeze u-Israyeli ifa lakhe. 2Yeka ubuhle obabukuye lapho ephakamisa izandla zakhe eyaluzisa inkemba yakhe ebhekene nomuzi! 3Ngubani ngaphambi kwakhe owake wema akanyakaziswa? Ngokuba wayelwa izimpi zikaSimakade.
4Kwakungengaye yini ukuthi ilanga lema ndawonye kwathi usuku olulodwa lwafana nezimbili na? 5Wambiza Ophezukonke, onguSomandla, lapho izitha zimvukele nxazonke, iNkosi uSimakade yamphendula ngesichotho esinamandla amakhulu. 6Wazehlula izizwe empini, wabachitha abamelene naye emathafeni, ukuze izizwe zazi izikhali zakhe, ukuthi wayelwa phambi kukaSimakade; ngokuba wayengumlandeli ozinikele kakhulu kuSomandla.
UKhalebhi
7Futhi nasezinsukwini zikaMose wazibonakalisa ethembekile, yena noKhalebhi indodana kaJefone: bamelana nebandla, babanqanda abantu ukuba bangoni, futhi bakuthulisa ukukhononda kwabo okungalungile. 8Laba bobabili bahlengwa phakathi kwamakhulu ayisithupha amabutho, ukuze baholele abantu efeni labo, izwe eligcwele ubisi noju lwezinyosi. 9INkosi yamnika uKhalebhi amandla, ahlala kuye nasebudaleni bakhe, ngaleyo ndlela wakhuphukela ezweni lezintaba kwathi abantwana bakhe balizuza njengefa labo, 10ukuze wonke u-Israyeli abone ukuthi kuhle kanjani ukulandela uSimakade.
Abehluleli
11Ngokunjalo nabahluleli ngokwehlukana kwamagama abo, abanhliziyo zabo zingawelanga ekukhonzeni izithombe futhi abangayihlubukanga iNkosi – makuthi ukukhunjulwa kwabo kube ngokubusisekileyo. 12Makuthi amathambo abo lapho belele khona athumele impilo entsha, kanjalo namagama alabo abahlonishwayo mawaphile ngisho enzalweni yabo.
USamuweli
13USamuweli wayethandeka kuNkulunkulu; umphrofethi kaNkulunkulu, wamisa umbuso, wagcoba ababusi phezu kwabantu bakhe. 14Wayehlulela inhlangano ngokomthetho kaSimakade, iNkosi yahlala imqaphile uJakobe. 15Ngenxa yokwethembeka kwakhe wamiswa waba ngumphrofethi futhi waziwa njengomboni othembekile ngenxa yezwi lakhe elaliyiqiniso. 16Wakhuleka eNkosini uSomandla, lapho izitha zakhe zimbunganyele nxazonke, wenza umnikelo wewundlu elisancelayo, 17ngakho iNkosi yezwakalisa izwi lokuduma kwayo isezulwini, lezwakala izwi layo ngomdumo omkhulu; 18wabanqoba abaholi bezitha zakhe, kanjalo nababusi bamaFilisti. 19Ngaphambi kokuba abizelwe koyisemkhulu, uSamuweli wafakaza phambi kukaSimakade nakogcotshiweyo wakhe: “Akukho mpahla ngisho izicathulo imbala, engizithathe kunoma ngubani!”
Akubangakho namunye owambeka icala. 20Nasemva kokuba eseye koyisemkhulu, waphrofetha, wenza ukuba inkosi yazi ngokufa kwayo, futhi waphakamisa izwi lakhe livela emhlabathini ephrofetha, ukuze esule ukonakala kwabantu.