USimoni Indodana Ka-Oniyase
1USimoni umphristi omkhulu, indodana ka-Oniyase okwathi ngesikhathi sakhe walungisa indlu futhi waliqinisa nethempeli, wayengumholi wabafowabo neqholo labantu bakhe. 2Wabeka isisekelo sothango oludekazi, olwaluyisihenqo. 3Emihleni yakhe kwambiwa umthombo wamanzi owawulidamukazi okolwandle ubukhulu. 4Wakucabangisisa ukuthi wayengabahlenga kanjani abantu ekubhubheni, wawuqinisa umuzi ukuze kungabi lula ukuwuchitha nxa uhlaselwa. 5Bheka ubuhle bakhe lapho engungwe abantu mhla ephuma endlini ehenqiwe. 6Wayefana nekhwezi lokusa phakathi kwamafu, nanjengenyanga edilingele ngesikhathi sokuthokoza; 7enjengelanga likhanyise ithempeli likaNkulunkulu Ophezukonke, nanjengothingo lwenkosazana lubengezela phakathi kwamafu; 8wayenjengezimbali ngesikhathi sezithelo zokuqala, nanjengeminduze ngasemifuleni yamanzi futhi efana nehlumela eliluhlaza eLebhanoni ngesikhathi sasehlobo; 9enjengomlilo nempepho odengezini, nanjengesitsha esicangcathwe kahle segolide, esihlotshiswe ngazo zonke izinhlobo zamatshe amahle; 10enjengomnqumo ugcwele izithelo, nanjengo msayiphuresi olulekele emafini. 11Lapho esembethe ingubo yakhe yakwanokusho, esevunule ngobuhle obuphelele, lapho ekhuphukela e-althare elingcwele, wayenza indawo engcwele yaba inhle isibili. 12Lapho emukela isabelo sakhe ezandleni zabaphristi, nalapho emile ngasekuphetheni kwe-althare kanye nesixuku sabafowabo simzungezile, wayefana nomsedari osemusha eLebhanoni, uzungezwe isixha samasundu.
13Wonke amadodana ka-Aroni evunule econsa, ephethe umnikelo weNkosi ngezandla phambi kwenhlangano yebandla lonke lika-Israyeli. 14Ekuqedeni kwakhe ukukhonza e-althare nalapho esewuhlelile umnikelo kaSomandla Ophezukonke, 15welula isandla sakhe ukwamukela indebe, wase ethela kuyo isiphuzo esingumnikelo wesithelo somvini; wasithelo ngasesinabelweni se-althare, kwaba liphunga elimnandi koPhezukonke, iNkosi yabo bonke. 16Kwase kuthi amadodana ka-Aroni akhamuluka; abetha imiqangala eyenziwe ngensimbi; kwaba nomsindo omkhulu wokujabula, njengesikhumbuzo phambi koPhezukonke.
17Bonke abantu bawa phansi emhlabathini ngobuso bedumisa iNkosi uSomandla, uNkulunkulu Ophezukonke. 18Kwathi nabahlabelelayo bamdumisa ngamaphimbo abo, ngolozolo lomculo. 19Abantu beNkosi Ephezukonke banikela imithandazo yabo phambi kwakhe oNomusa, kwaze kwaqedwa imicikilisho nokudumisa iNkosi uSimakade. 20USimoni wayesehla waphakamisa izandla zakhe phezu kwebandla lonke lakwa-Israyeli, ukuba amemezele isibusiso seNkosi ngezindebe zakhe, nokuba alikhazimulise igama layo; 21abantu bawa ngobuso ngokwesibili, ukwemukela isibusiso koPhezukonke.
Isibusiso
22Ngakho-ke manje mdumiseni uNkulunkulu wakho konke, owenza izimangaliso ezindaweni zonke, owasikhulisayo kusukela ekuzalweni kwethu, futhi osiphatha ngomusa. 23Makasiphe inhliziyo ethokozile, asiphe ukuthula esikhathini sethu kwa-Israyeli, njengezikhathi zasemandulo. 24INkosi mayibeke umusa wayo kithi, isophule emihleni yethu!
Izizwe Ezintathu Ezenyanywayo
25Zimbili izizwe ezenyanywa ngumphefumulo wami, esesithathu asikabi nayisizwe lesi: 26Labo abahlala eSeyiri kanye namaFilisti, kanye nabantu abayiziwula abakhe eShekhemu.
Inhlakanipho KaJesu Indodana KaSirakhi
27Imiyalo eqondene nokuqonda nokwazi, ilotshwe kule ncwadi yimina Jesu indodana kaSirakhi ka-Eliyezare waseJerusalema, ongqondo yakhe yathulula lokhu kuhlakanipha. 28Babusisiwe labo abayozihlupha ngalezi zinto, nalabo abayozilonda enhliziyweni bayoba nokuhlakanipha. 29Ngokuba uma bezenza lezi zinto, bayokwazi ukubhekana nanoma yini, ngokuba ukwesaba iNkosi kuyiyona ndlela yabo.