USirakhi 8
Ukusebenzisa Ingqondo
1Ungaphikisani nabanamandla funa uwele ezandleni zabo. 2Ungaxabani nabacebileyo funa bakwehlule ngengcebo yabo, ngokuba igolide libhubhise iningi ladukisa izinhliziyo zamakhosi. 3Ungaphikisani nomuntu okhulumela futhi funa ufane nothela amafutha emlilweni ovuthayo. 4Ungahlekisi ngomuntu ongakhulisekanga kahle ngoba ungahle uthuke okhokho bakho. 5Ungasiklolodeli isoni esiphendukayo; khumbula ukuthi sonke sifanele ukujeziswa. 6Ungameyi umuntu omdala ngoba nathi sizoguga maduze nje. 7Ungakujabuleli ukufa komunye, khumbula ukuthi sonke sifanelwe ukufa. 8Ungazideleli izingxoxo zabahlakaniphileyo, kodwa zihluphe ngabakushoyo ngokuba kukho uyofumana ukuqondiswa ufunde ukuthi zikhonzwa kanjani izikhulu.
9Ungazishayi indiva izindlela zabadala, ngoba nabo bazifunda koyise; nawe uyofunda kubo ukuqonda nokuphendula uma kuvela isidingo. 10Ungokheli amalahle ezoni funa ushe eklobeni lomlilo wazo. 11Ungavumeli izedeleli zikubukele phansi, ukuze zingakwakheli uzungu lokukubulala ngenkemba. 12Ungamboleki umuntu onamandla kunawe, uma umboleke okuthile kuthathe njengento ekulahlekele. 13Ungasenzi isibambiso esingaphezu kwamandla akho, uma usenzile zimisele ukukhokha.
14Ungamangalelani nomahluleli; ngokuba isinqumo siyovuna yena ngenxa yesikhundla sakhe. 15Ungaluthathi uhambo nabantu ababudedengu, ngokuba bayoba ngumthwalo emahlombe akho; bayozenzela umathanda, kuthi nangenxa yobuthutha babo ubhubhe kanye nabo. 16Ungaxabani nabantu abanolaka noma uhambisane nabo unqamule ugwadule, ngoba kabakushayi-mkhuba ukuchitha igazi, kuthi nxa lungafumaniseki usizo baphendukele wena. 17Ungazidaluli izimfihlo zakho esithutheni ngoba kasinasifuba. 18Ungenzi lutho oluyimfihlo phambi kwezihambi, ngoba awukwazi ezizokudalula. 19Ungakusho konke okusenhliziyweni yakho kuwo wonke umuntu funa uqede ukuthokoza kwakho.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.