UTobiti 2
Idili Lomndeni KaTobiti
1Kwathi lapho sekubusa u-Esari Hadoni ngabuyela ekhaya, umkami u-Anna nendodana yami babuyiselwa kimi. Emkhosini wethu kaPhentekhosti okungumkhosi ongcwele wamaviki, ngalungiselwa idili elikhulu, ngase ngihlala phansi ngadla. 2Lapho sekulungisiwe kwabekwa ukudla okuningi phambi kwami ngathi endodaneni yami uThobiyase: “Hamba mntanami umeme noma ngubani ompofu ongamthola kubathunjwa abaseNineve, othembekile ngenhliziyo yakhe yonke, lowo-ke uyakuhlala adle nami. Ngizakukulinda uze ubuye.”
Ukubulawa KomJuda ENineve
3Ngakho-ke uThobiyase waphuma wayofuna abampofu kubantu bakubo. Lapho esebuyile wathi kuyise: “Baba,” ngase ngiphendula ngithi: “Ngilapha mntanami”.
Waqhubeka wathi: “Bheka baba, omunye wethu ubulewe waphonswa endaweni yokuhwebela, isidumbu sakhe sidindilize lapho njengoba ngikhuluma nawe.”
4Ngaphakama ngokushesha ngashiya ukudla ngingakakuthi mbibi, ngaya ngasisusa isidumbu endaweni yokuhwebela ngasibeka kwenye yezindlu lize lishone ilanga ngithole ithuba lokusingcwaba. 5Sengibuyile ngazihlambulula ngase ngidla ukudla ngidabukile. 6Ngase ngikhumbula isiphrofetho sika-Amose asisho ngeBhethele: “Imicimbi yenu iyakuphenduka ukukhala namaculo enu aphenduke isililo” ngase ngikhala.
7Selishonile ilanga, ngaya ngamba ithuna ngamngcwaba. 8Abakhelene nami bangihleka usulu bethi: “Namanje akakabi nalo uvalo na? Useke wazingelwa ukuze abulawe ngokwenza lokhu, waze wabaleka; kodwa nangu manje usaqhubeka ungcwaba abafileyo.”
Ukuvaleka Kwamehlo KaTobiti
9Ngalobo busuku ngageza ngase ngiya esibuyeni sakwami ngalala khona; angigubuzelanga ubuso bami ngenxa yokushisa. 10Ngangingazi ukuthi kwakukhona imizwilili odongeni lomuzi wami; kwathi imisimbane yayo yawela emehlweni ami yadala ulwelwe olumhlophe kuwo. Ngaphuma ngingena kwabelaphayo ukuze ngelashwe, kodwa kwathi ngokuqhubeka ngisebenzisa imithi yabo kwaya ngokuya amehlo efiphala ngaze ngagcina sengiyimpumputhe. Kwaba yiminyaka emine ngingaboni. Bonke abahlobo bami bazwelana nami, u-Ahikari wanginakekela iminyaka emibili ngaphambi kokuba aye e-Elumayida.
UTobiti Uhilizisana Nomkakhe
11Ngaleso sikhathi, umkami u-Anna wayehola imali emsebenzini wakhe wabesifazane. 12Wayevame ukuthumela ayekwenzile kubanikazi bese bemkhokhela. Ngolunye usuku, olwesikhombisa kwekaDayastarusi, wasika ingxenye yalokho ayekwenzile wayithumela kubanikazi, bamkhokhela ngokuphelele futhi bamnika izinyanyana njengokudla kwakhe. 13Lapho ebuyela kimi, izinyane laqala ukukhala. Ngakho ngambiza ngathi kuye: “Ulitholephi leli zinyane na? Ngikholwa ukuthi alebiwe, kunjalo? Libuyisele kubanikazi balo ngoba asinalo ilungelo lokudla okwebiwe.”
14Kepha wathi kimi: “Ngilinikezwe njengesipho sokwenezela eholweni lami.”
Nokho angimkholwanga, ngathi makalibuyisele kubanikazi. Ngamthukuthelela ngalokhu. Kepha wangiphendula wathi: “Iphi imisebenzi yakho yesihawu nezenzo zakho zokulunga na? Bheka bonke bakwazi ngalezi zinto.”
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.