Inhlakanipho kaSolomoni 1
Funani Ubulungiswa
1Nina babusi bomhlaba thandani ukulunga, nizindle ngeNkosi ekulungeni niyifune ngenhliziyo ephelele; 2Ngokuba itholwa yilabo abangayilingi, izibonakalisa kulabo abayethembayo. 3Ngokuba imicabango emibi iyamehlukanisa umuntu noNkulunkulu lapho kuhlolwa amandla akhe, yembula ubuwula bomuntu; 4ngokuba ukuhlakanipha akunakungena emphefumulweni okhohlakele noma kuhlale emzimbeni ogqilazwe yisono. 5Ngokuba umoya oqeqeshekile nongcwelisiwe uyakubaleka enkohlakalweni, uyishiya emuva imicabango yobuwula, futhi uyakuba namahloni lapho kusondela ukungalungi.
UNkulunkulu Uyakwazi Esikushoyo
6Ngokuba ukuhlakanipha kungumoya omnene, kodwa akunakuyekela abahlambalazi ecaleni lamazwi abo; ngokuba uNkulunkulu ubona izizindlo zenhliziyo futhi nguyena ohlola izinhliziyo nolalela izilimi zabo. 7Ngokuba umoya weNkosi ugcwalise umhlaba, nalokho okuhlanganise izinto ndawonye kuyazi okushiwoyo, 8ngakho-ke labo abakhuluma izinto ezingalungile abanakuhlala bengaziwa, lapho sekwenziwa ubulungisa sebejeziswa abunakubadlula. 9Ngokuba kuyokwenziwa uphenyo emacebeni abangalungile, umbiko ngabo ufinyelele eNkosini, ubamangalele ngezenzo zabo zokungalungi, 10ngokuba indlebe enomona ayeqiwa lutho, izwi lenkonondo aledluli lingezwakalanga. 11Qaphela nokho ukukhononda okuyize, ubambe ulimi lwakho enhlebeni; ngokuba akukho lizwi noma ngelifihlakele elingenamphumela, umlomo onamanga ubhubhisa umphefumulo.
UNkulunkulu Akakudalanga Ukufa
12Ungakumemi ukufa ngokungalungi kwakho, noma ubize ukubhujiswa ngenxa yemisebenzi yezandla zakho. 13Ngokuba uNkulunkulu kakudalanga ukufa futhi kathokozi ngokufa kwabaphilayo. 14Ngokuba wazenza zonke izinto zaba khona namandla adalayo aphelela, akukho nhlese ebulalayo kuwo, namandla esihogo awekho emhlabeni. 15Ngokuba ukulunga akunakufa.
Ukucabanga Okuzikhohlisayo
16Kepha abangalungile bakhonga ukufa ngamazwi nangezenzo zabo; bakwenza umngani wabo futhi bayancunzeka baphele. Benza isivumelwano nakho, ngokuba befanele ukuba seqenjini lakho.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.