UNkulunkulu Weqiniso Upha Ukungafi
1Kepha wena, Nkulunkulu wethu, ulungile uyiqiniso, unesineke futhi ubusa konke ngesihe. 2Ngokuba noma sona, singabakho, nokho ngokuwazi amandla akho; asinakona, ngokuba siyazi ukuthi uyasazi njengabakho. 3Ngokuba ukwazi wena kungukulunga okuphelele, nokwazi amandla akho kungumsuka wakho konke ukungafi. 4Ngokuba asikaze sihungwe inhloso embi yobuciko babantu, noma imisebenzi eyize yabapendi, isithombe esihlobe ngemibala, 5esikubonakala kwaso kuvusa ukulangazela ezithutheni, zize zilangazele ukufana nesithombe esingenampilo nesifile. 6Abathandi bezinto ezimbi befanele izinto ezinjalo ukuba zibanike ithemba yilabo abazakhayo, bazifise noma bazikhonze.
Ubulima Bokukhonza Izithombe Zobumba
7Umbumbi uyawuvocavoca umhlabathi ocolisekile, ngokucophelela okukhulu uyasakha isitsha asakhele umsebenzi, ekhanda kulo lolo lubumba izitsha zokwenza umsebenzi omuhle nalezo zokwenza okuphambene, ezenza zonke zifane, kodwa ukuthi uyakuba yini umsebenzi waleso naleso kunquma yena umbumbi. 8Kuthi ngalokho okuseleyo zona lezo zisebenzi zenze unkulunkulu ongenamsebenzi kulo lona lolo lubumba. Lezi zidalwa ezenziwa ngomhlabathi esikhashaneni nje esifushane esedlule kuthi emva kwesikhashana zibuyele emhlabathini okuthathwe kuwo zonke izidalwa, lapho isikhathi sesifikile sokuba yonke imiphefumulo eyayibolekiwe ibuyiselwe kumniniyo.
9Kepha lezi zisebenzi kazikhathazwa ngukuthi izidalwa zimiselwe ukufa nangukuthi impilo yazo imfushane, kodwa ziqhudelana nabasebenza ngegolide nesiliva, zizama ukulingisa abasebenza ngomthofi; zikubona kuyinto enkulu ukwenza okusankulunkulu. 10Inhliziyo yazo ingumlotha, nethemba lazo liyize kunezibi, futhi impilo yazo iyize leze kunobumba, 11ngokuba zehluleka ukumazi lowo ozenzileyo wazipha imiphefumulo zaphila futhi waphefumulela umoya ophilayo kuzo. 12Kepha zakubona ukuphila kwethu njengomdlalo ongasho lutho, nempilo njengomkhosi owenzelwa ukuthola inzuzo, ngokuba zathi umuntu kufanele athole imali akukhathalekile ukuthi kanjani, noma kungaba ngezindlela ezingalungile. 13Ngokuba laba bantu, ngaphezu kwabo bonke abanye, bayazi ukuthi bayona lapho benza izitsha ezifayo ngotho lomhlabathi nalapho bebaza beqopha imifanekiso.
Ukujeziswa KwabaseGibhithe
14Kepha abayizithutha nabadinga ukudatshukelwa kakhulu kunomntwana omncane, yizo zonke izitha ezacindezela abantu bakho. 15Ngokuba bacabanga ukuthi zonke izithixo zabo zobuhedeni zingonkulunkulu, nanxa zingakwazi ukusebenzisa amehlo azo ukuba zibone ngawo, namakhala azo ukuba zidonse umoya noma izindlebe zazo ukuba zizwe ngazo, neminwe yazo ukuba zithinte ngayo, nezinyawo zazo azinamsebenzi walutho ekuhambeni. 16Zona zenziwa ngumuntu, futhi zakhandwa ngumuntu omoya wakhe webolekiwe; ngokuba akekho ongenza onkulunkulu abafuze yena.
17Abantu bayizidalwa ezifayo, nalokho abakwenza ngezandla zabo ezingenamthetho kufile; ngokuba bona bangcono kunezithombe abazikhonzayo, ingani bona banokuphila, kodwa izithixo kazikaze zibe nakho. 18Phezu kwakho konke, bakhonza nalezo zilwane ezenyanyeka kakhulu, ezingahlakaniphile uma ziqhathaniswa nezinye; 19futhi kazibukeki nakahle njengezilwane ukuze umuntu azilangazelele; ngokwenza lokhu laba bantu baphuthelwe ukutuswa nguNkulunkulu nokuzuza isibusiso sakhe.