Usuku LukaSimakade Selusondele
1Izwi likaSimakade elafika kuZefaniya, indodana kaKushi kaGedaliya, ka-Amariya kaHezekiya, ezinsukwini zokubusa kukaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, lathi:
2“Ngiyakubhubhisa kuphele nya
konke okusebusweni bomhlaba,” kusho uSimakade.
3“Ngiyakuqeda nya abantu nezilwane,
ngishabalalise izinyoni zezulu
nezinhlanzi zasolwandle.
Ngiyakuqeda ababi kanye nezikhubekiso
ngibaqothule abantu ebusweni bomhlaba,” kusho uSimakade.
4“Ngiyakwelula isandla sami
ngishaye uJuda nabo bonke
abakhileyo eJerusalema.
Ngiyakuqeda nya insali kaBhali kule ndawo,
negama labaphristi bonkulunkulu nabaphristi babo,
5nabakhothama ophahleni
bekhuleka kulo ibandla lasezulwini,
nabakhothamela ukufunga kuSimakade
bebe befunga nakuMalkhamu,
6nabafulathelayo beyeka ukulandela uSimakade,
nalabo abangamfunanga uSimakade,
abangabuzanga kuye.
7Thula phambi kweNkosi uSimakade,
ngokuba usuku lukaSimakade selusondele.
Phela uSimakade usewulungisile umhlatshelo,
usebangcwelisile abamenyiweyo bakhe.
8Kuyakuthi ngosuku lomhlatshelo kaSimakade,
ngijezise izikhulu namadodana enkosi,
nabo bonke abembethe izingubo zabezizwe.
9Ngalolo lusuku ngiyakujezisa bonke abeqa umbundu,
abagcwalisa izigodlo zamakhosi abo
ngobudlova nangenkohliso.
10“Kuyakuthi ngalolo lusuku
kube khona ukukhala kalusizi,
kuvela eSangweni Lezinhlanzi,
nokulila,
kuvela eNgxenyeni Yesibili,
nokuphihlika okukhulu,
kuvela emagqumeni.
11Khihlani isililo nina enihlala eMothari,
ngokuba bonke abantu
abahwebayo bayakubhujiswa,
bonke abahweba ngesiliva bayakuqothulwa.
12Kuyakuthi ngaleso sikhathi
ngicinge eJerusalema ngezibani,
ngijezise abantu abanethezeke
njengewayini liyekwe nenzika,
abathi ezinhliziyweni zabo:
“ ‘USimakade akakwenzi okuhle,
ngeke akwenze nokubi.’
13Ingcebo yabo iyakuba yimpango,
nezindlu zabo zibe yincithakalo.
Bayakukwakha izindlu,
kodwa abayukuhlala kuzo,
bayakutshala izivini,
kepha abayukuliphuza iwayini lazo.
14“Usuku olukhulu lukaSimakade seluseduze,
lusondele futhi luyashesha kakhulu.
Umsindo wosuku lukaSimakade uwusizi,
neqhawe liyakuqanduqandula lapho.
15Lolo lusuku, usuku lolaka,
usuku lokuhlupheka nosizi,
usuku lomonakalo nencithakalo,
usuku lobumnyama nethunzi elibi,
usuku lwamafu nesigayegaye,
16usuku lokukhala kwecilongo
nokukhuza iziqubulo zempi
emizini ebiyelweyo
nasemibhoshongweni esemakhoneni.
17“Ngiyakwenza kube nengcindezi kubantu,
bahambe njengezimpumputhe,
ngokuba bonile kuSimakade.
Igazi labo liyakuthululwa njengothuli,
nezibilini zabo njengobulongwe.
18Noma ngabe yisiliva labo
noma yigolide labo
akuyukuba namandla okubahlenga
ngosuku lolaka lukaSimakade.
Umhlaba wonke uyakungqongqiswa
ngumlilo womhawu wakhe,
ngokuba uyakuqeda nya,
impela abaqothule ngokuphazima kweso
bonke abakhileyo emhlabeni.”