Amaqhawe kaDavide afika kuye ekuzingelweni kwakhe nguSawule
1Nampa abafika kuDavide eSikilagi esagogobele ebusweni bukaSawule indodana kaKishi; babephakathi kwamaqhawe, abasizi bakhe empini.
2Babehlomile iminsalo, basebenzisa isandla sokunene nesokhohlo ekuphonseni amatshe nasekucibisheleni imicibisholo ngomnsalo; ababekubafowabo bakaSawule kwaBenjamini kwakuyilaba:
3inhloko uAhiyezeri noJowashi amadodana kaShemaha waseGibeya, noJeziyeli noPheleti amadodana ka-Azimaveti, noBerakha, noJehu waseAnathoti,
4noIshmaya waseGibeyoni, iqhawe phakathi kwabangamashumi amathathu, ebaphethe abangamashumi amathathu, noJeremiya, noJahaziyeli, noJohanani, noJozabadi waseGedera,
5noEluzayi, noJerimoti, noBehaliya, noShemariya, noShefathiya umHarufi,
6noElkana, noJishiya, noAzareli, noJohezeri, noJashobehamu, amaKora,
7noJowela noZebadiya, amadodana kaJerohamu waseGedori.
8KwabakwaGadi abanye bazahlukanisa baya kuDavide enqabeni ehlane, amaqhawe anamandla, abantu abazilungiselele ukulwa, abakwazi ukuphatha isihlangu nomkhonto, ababuso babo bafana nobuso bezingonyama, abanejubane njengezinsephe ezintabeni:
9nguEzeri inhloko, no-Obadiya owesibili, noEliyabe owesithathu,
10noMishimana owesine, noJeremiya owesihlanu,
11noAthayi owesithupha, noEliyeli owesikhombisa,
12noJohanani owesishiyagalombili, noElizabadi owesishiyagalolunye,
13noJeremiya oweshumi, noMakibanayi oweshumi nanye.
14Lawomadodana kaGadi ayeyizinhloko zempi; encinyane kuwo yayilingana nekhulu, nenkulu yalingana nenkulungwane.
15Yilabo ababewela iJordani ngenyanga yokuqala, ligcwele liphuphuma zonke izingu zalo; baxosha bonke abasezigodini ngasempumalanga nangasentshonalanga.
16Kwafika nabantwana bakwaBenjamini noJuda enqabeni kuDavide.
17UDavide waphuma ukubahlangabeza, wathatha, wathi kubo: Uma nizé nokuthula kimi ukungisiza, inhliziyo yami iyakubanye nani, kepha uma kungukungikhohlisa ezitheni zami, lokhu kungekho okubi ezandleni zami, uNkulunkulu wawobaba makakubheke, akujezise.
18Kwase kwehla umoya phezu kuka-Amasayi owayeyinhloko yabangamashumi amathathu, wathi:
Singabakho thina, Davide,
sinawe, wena-ndodana kaJese;
ukuthula, ukuthula makube-nawe,
ukuthula makube-nabakusizayo,
ngokuba uNkulunkulu wakho uyakusiza.
Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.
19Kwafika abanye kwabakwaManase kuDavide, lapho efika namaFilisti ukulwa noSawule, kepha abawasizanga, ngokuba izinduna zamaFilisti sezilulekene zammukisa, zathi: Uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule, amakhanda ethu abe-sengozini.
20Ekuyeni kwakhe eSikilagi kwahlubukela kuye kwabakwaManase oAdina, noJozabadi, noJediyayeli, noMikayeli, noJozabadi, noElihu, noSilethayi, izinhloko zezinkulungwane zabakwaManase.
21Bamsiza uDavide eviyweni, ngokuba babengamaqhawe anamandla bonke, beyizinduna zempi.
22Ngokuba imihla ngemihla bafika kuDavide ukumsiza, kwaze kwaba-yimpi enkulu njengempi kaNkulunkulu.
Umumo wabantu abambeka uDavide inkosi eHebroni
23Nazi izibalo zezinhloko zababehlomele ukulwa abeza kuDavide eHebroni ukuba baguqulele umbuso kaSawule kuye njengezwi likaJehova.
24Abantwana bakwaJuda ababephethe izihlangu nemikhonto babeyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisishiyagalombili, behlomele ukulwa.
25Kubantwana bakwaSimeyoni amaqhawe anamandla okulwa yizinkulungwane eziyisikhombisa nekhulu.
26Kubantwana bakwaLevi yizinkulungwane ezine namakhulu ayisithupha.
27UJehoyada wayengumholi wakwa-Aroni, enezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisikhombisa,
28noSadoki insizwa eyiqhawe elinamandla, nasendlini kayise izinduna ezingamashumi amabili nambili.
29Kubantwana bakwaBenjamini, abafowabo bakaSawule, yizinkulungwane ezintathu, ngokuba kuze kube-manje imvama yabo yayithembekile endlini kaSawule.
30Kubantwana bakwaEfrayimi yizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu ayisishiyagalombili, amaqhawe anamandla, abantu abanegama ezindlini zawoyise.
31Kuyo inxenye yesizwe sakwaManase yizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, ezabizwa ngamagama ukuba zize zimbeke uDavide inkosi.
32Kubantwana bakwaIsakare ngabazi ukuqonda izikhathi ukuba bazi okufanele ukwenziwa nguIsrayeli; izinhloko zabo zazingamakhulu amabili; bonke abafowabo balalela izwi labo.
33KuZebuloni abangaphuma impi, bayihlele impi benezikhali zonke zokulwa, yizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, bezihlela nganhliziyonye.
34KuNafetali yizinduna eziyinkulungwane, zinezinkulungwane ezingamashumi amathathu nesikhombisa eziphethe isihlangu nomkhonto.
35KwabakwaDani abangahlela impi yizinkulungwane ezingamashumi amabili nesishiyagalombili namakhulu ayisithupha.
36KuAsheri abangaphuma impi, bayihlele impi, yizinkulungwane ezingamashumi amane.
37Ngaphesheya kweJordani kwabakwaGadi nasenxenyeni yesizwe sakwaManase, benezikhali zonke zempi zokulwa, yizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili.
38Onke lawomadoda empi angahlela impi afika eHebroni ngezinhliziyo ezipheleleyo ukubeka uDavide inkosi kwaIsrayeli; nabo bonke abaseleyo bakwaIsrayeli babenhliziyonye ukumbeka uDavide inkosi.
39Babelapho noDavide izinsuku ezintathu, bedla, bephuza, ngokuba abafowabo babebalungisele.
40Ababeseduze nabo kuze kube-kwaIsakare, nakwaZebuloni, nakwaNafetali baletha isinkwa ngezimbongolo, nangamakamela, nangeminyuzi*, nangezinkabi, nokudla kwempuphu, nezigaxa zamakhiwane, nezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo, newayini, namafutha, nezinkabi, nezimvu eziningi, ngokuba kwakukhona ukuthokoza kwaIsrayeli.