Izinduna zempi nezezizwe. Ababonisi bengcebo namazwe enkosi. Ezinye izinduna
1Nampa abantwana bakwaIsrayeli ngomumo wabo, izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zabo ezazikhonza inkosi kukho konke okwezigaba, ezazingena, ziphuma inyanga ngenyanga ezinyangeni zonke zomnyaka; kuleso nalesosigaba zazikhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
2Phezu kwesigaba sokuqala ngenyanga yokuqala kwakunguJashobehamu indodana kaZabidiyeli; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
3Wayengowabantwana bakwaPheresi, inhloko yazo zonke izinduna zempi ngenyanga yokuqala.
4Phezu kwesigaba senyanga yesibili kwakunguDodayi umAhohi nesigaba sakhe; kwakukhona nombusi uMikiloti; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
5Induna yesithathu yempi ngenyanga yesithathu kwakunguBenaya indodana kaJehoyada umpristi, inhloko; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
6Nguye lowo-Benaya owayeyiqhawe labangamashumi amathathu nowayephezu kwamashumi amathathu; owesigaba sakhe kwakunguAmizabadi indodana yakhe.
7Eyesine ngenyanga yesine kwakunguAsaheli umfowabo kaJowabe noZebadiya indodana yakhe emva kwakhe; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
8Eyesihlanu ngenyanga yesihlanu kwakunguShamhuti umJizirahi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
9Eyesithupha ngenyanga yesithupha kwakunguIra indodana kaIkheshi waseThekhowa; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
10Eyesikhombisa ngenyanga yesikhombisa kwakunguHelesi umPheloni wabantwana bakwaEfrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
11Eyesishiyagalombili ngenyanga yesishiyagalombili kwakunguSibekayi umHushati kumaZera; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
12Eyesishiyagalolunye ngenyanga yesishiyagalolunye kwakunguAbiyezeri umAnathoti wabakwaBenjamini; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
13Eyeshumi ngenyanga yeshumi kwakunguMaharayi waseNethofa kumaZera; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
14Eyeshumi nanye ngenyanga yeshumi nanye kwakunguBenaya umPirathoni wabantwana bakwaEfrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
15Eyeshumi nambili ngenyanga yeshumi nambili kwakunguHelidayi waseNethofa kaOtheniyeli; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
16Phezu kwezizwe zakwaIsrayeli kwakuyilaba: kwabakwaRubeni uEliyezeri indodana kaZikiri wayengumbusi; kwabakwaSimeyoni nguShefathiya indodana kaMahakha;
17kuLevi nguHashabiya indodana kaKemuweli; kuAroni nguSadoki;
18kuJuda nguElihu wabafowabo bakaDavide; kuIsakare nguOmri indodana kaMikayeli;
19kuZebuloni nguIshmaya indodana kaObadiya; kuNafetali nguJeremoti indodana ka-Aziriyeli;
20kubantwana bakwaEfrayimi nguHosheya indodana ka-Azaziya; enxenyeni yesizwe sakwaManase nguJoweli indodana kaPhedaya;
21enxenyeni kaManase wakwaGileyadi nguIdo indodana kaZakariya; kuBenjamini nguJahasiyeli indodana ka-Abineri;
22kuDani nguAzareli indodana kaJerohamu. Yilabo ababeyizinduna zezizwe zakwaIsrayeli.
23Kepha uDavide akabalanga umumo wabaneminyaka engamashumi amabili nabangaphansi, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakwandisa uIsrayeli ukuba abe-ngangezinkanyezi zezulu.
24UJowabe indodana kaSeruya waqala ukubala, kepha akaqedanga; kwabakhona ulaka ngalokho phezu kukaIsrayeli, nomumo awufakwanga encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.
25UAzimaveti indodana ka-Adiyeli wayephethe ingcebo yenkosi; uJonathani indodana kaUziya wayephethe izinto emasimini, nasemizini, nasemizaneni, nasezinqabeni;
26uEziri indodana kaKelubi wayephethe abenza umsebenzi wasendle wokulima umhlabathi;
27uShimeyi waseRama wayephethe izivini; uZabidi waseShefamu wayephethe iwayini elibekelelweyo lithathwé ezivinini;
28uBali-Hanani umGederi wayephethe iminqumo nemikhiwane eyayisehlanzeni; uJowashi wayephethe imigodi yamafutha;
29imihlambi eyayiklaba eSharoni yayiphethwe nguShitirayi umSharoni, nemihlambi eyayisezigodini yayiphethwe nguShafati indodana ka-Adilayi;
30uObili wakwaIshmayeli wayephethe amakamela; uJehedeya umMeronoti wayephethe izimbongolo;
31uJazizi umHagiri wayephethe izimvu. Bonke labo babeyizinduna zemfuyo yenkosi uDavide.
32UJonathani uyisekazi kaDavide wayengumluleki, wayengumuntu ohlakaniphileyo nombhali; uJehiyeli indodana kaHakimoni wayenamadodana enkosi;
33uAhithofeli wayengumluleki wenkosi; uHushayi umArki wayengum ngane wenkosi;
34emva kuka-Ahithofeli kwakunguJehoyada indodana kaBenaya noAbiyathara; uJowabe wayeyinduna yempi yenkosi.