Isizwe sakwaLevi nemizi yaso
1Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari.
2Amadodana kaKohati: ngoAmramu, noJisihari, noHebroni, noUziyeli.
3Abantwana bakwa-Amramu: ngoAroni, noMose, noMiriyamu. Amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, noAbihu, noEleyazare, noItamari.
4UEleyazare wazala uFinehasi; uFinehasi wazala uAbishuwa;
5uAbishuwa wazala uBuki; uBuki wazala u-Uzi;
6u-Uzi wazala uZeraya; uZeraya wazala uMerayoti;
7uMerayoti wazala uAmariya; uAmariya wazala uAhithubi;
8uAhithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala uAhimahasi;
9uAhimahasi wazala uAzariya; uAzariya wazala uJohanani;
10uJohanani wazala uAzariya; nguye owayengumpristi ethempelini elakhiwa nguSolomoni eJerusalema;
11uAzariya wazala uAmariya; uAmariya wazala uAhithubi;
12uAhithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala uShalumi;
13uShalumi wazala uHilikiya; uHilikiya wazala uAzariya;
14uAzariya wazala uSeraya; uSeraya wazala uJehosadaki;
15kepha uJehosadaki wamuka lapho uJehova ethumba uJuda neJerusalema ngesandla sikaNebukadinesari.
16Amadodana kaLevi: ngoGereshomu, noKohati, noMerari.
17Nanka amagama amadodana kaGereshomu: oLibini noShimeyi.
18Amadodana kaKohati: ngoAmramu, noJisihari, noHebroni, noUziyeli.
19Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi. Nansi imindeni yamaLevi njengezindlu zawoyise:
20abakwaGereshomu: nguLibini indodana yakhe, noJahati indodana yakhe, noZima indodana yakhe,
21noJowa indodana yakhe, noIdo indodana yakhe, noZera indodana yakhe, noJewatherayi indodana yakhe.
22Amadodana kaKohati: nguAminadaba indodana yakhe, noKora indodana yakhe, noAsiri indodana yakhe,
23noElkana indodana yakhe, noEbiyasafa indodana yakhe, noAsiri indodana yakhe,
24noTahati indodana yakhe, noUriyeli indodana yakhe, noUziya indodana yakhe, noShawule indodana yakhe.
25Amadodana kaElkana: ngoAmasayi noAhimoti.
26UElkana-ke, amadodana kaElkana: nguSofayi indodana yakhe, noNahati indodana yakhe,
27noEliyabe indodana yakhe, noJerohamu indodana yakhe, noElkana indodana yakhe.
28Amadodana kaSamuweli: izibulo nguJoweli, nowesibili nguAbiya.
29Amadodana kaMerari: ngoMaheli, noLibini indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe, noUza indodana yakhe,
30noShimeya indodana yakhe, noHagiya indodana yakhe, noAsaya indodana yakhe.
31Nampa uDavide abamisela ukuhola ukuhlabelela endlini kaJehova, umphongolo usubekiwe khona.
32Bakhonza ngokuhlabelela phambi kwetabernakele* letende lokuhlangana, uSolomoni waze wakha indlu kaJehova eJerusalema. Bema emsebenzini wabo njengomthetho wabo.
33Yilaba ababemi namadodana abo: kumadodana amaKohati: nguHemani umhlabeleli kaJoweli kaSamuweli
34kaElkana kaJerohamu kaEliyeli kaThowa
35kaSufi kaElkana kaMahati ka-Amasayi
36kaElkana kaJoweli ka-Azariya kaZefaniya
37kaTahati ka-Asiri kaEbiyasafa kaKora
38kaJisihari kaKohati kaLevi kaIsrayeli;
39futhi umfowabo uAsafa owayemi ngakwesokunene sakhe, uAsafa kaBerekiya kaShimeya
40kaMikayeli kaBahaseya kaMalikhiya
41kaEthini kaZera ka-Adaya
42kaEthani kaZima kaShimeyi
43kaJahati kaGereshomu kaLevi.
44Amadodana kaMerari abafowabo ayengakwesokunene: nguEthani kaKishi ka-Abidi kaMaluki
45kaHashabiya ka-Amasiya kaHilikiya
46ka-Amisi kaBani kaShemeri
47kaMaheli kaMushi kaMerari kaLevi.
48Abafowabo amaLevi banikelelwa yonke inkonzo yetabernakele* lendlu kaNkulunkulu.
49Kepha uAroni namadodana akhe bashiya iminikelo ealtare leminikelo yokushiswa nasealtare lempepho, benza nawo wonke umsebenzi wendawo engcwelengcwele, benzela uIsrayeli ukubuyisana njengakho konke ayalé ngakho uMose inceku kaNkulunkulu.
50Nanka amadodana ka-Aroni: uEleyazare indodana yakhe, noFinehasi indodana yakhe, noAbishuwa indodana yakhe,
51noBuki indodana yakhe, noUzi indodana yakhe, noZeraya indodana yakhe,
52noMerayoti indodana yakhe, noAmariya indodana yakhe, noAhithubi indodana yakhe,
53noSadoki indodana yakhe, noAhimahasi indodana yakhe.
54Lezi ziyizindawo zawo zokuhlala njengamakamu* awo emikhawulweni yawo: amadodana ka-Aroni emindeni yamaKohati — ngokuba yiwona adliwa yinkatho yokuqala —
55wona bawanika iHebroni ezweni lakwaJuda namadlelo alizungezayo.
56Kodwa amasimu omuzi nemizana yawo bakunika uKalebi indodana kaJefune.
57Banika amadodana ka-Aroni imizi yokuphephela, iHebroni neLibina namadlelo awo, neJatiri, ne-Eshitemowa namadlelo awo,
58neHileni namadlelo alo, neDebiri namadlelo alo,
59neAshani namadlelo alo, neBetiShemeshi namadlelo alo,
60nasesizweni sakwaBenjamini iGeba namadlelo alo, neAlemeti namadlelo alo, neAnathoti namadlelo alo. Yonke imizi yawo ngemindeni yawo yayiyimizi eyishumi nantathu.
61Amadodana aseleyo kaKohati anikwa ngenkatho emndenini wesizwe, enxenyeni yesizwe, inxenye kaManase, imizi eyishumi,
62namadodana kaGereshomu ngemindeni yawo esizweni sakwaIsakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nasesizweni sakwaManase eBashani imizi eyishumi nantathu,
63namadodana kaMerari ngenkatho ngemindeni yawo esizweni sakwaRubeni, nasesizweni sakwaGadi, nasesizweni sakwaZebuloni imizi eyishumi nambili.
64Abantwana bakwaIsrayeli banika amaLevi leyomizi namadlelo ayo.
65Banika ngenkatho leyomizi ebizwé ngamagama esizweni sabantwana bakwaJuda, nasesizweni sabantwana bakwaSimeyoni, nasesizweni sabantwana bakwaBenjamini.
66Eminye imindeni yamadodana kaKohati yayinemizi yemikhawulo yayo esizweni sakwaEfrayimi.
67Bayinika imizi yokuphephela: iShekemi ezintabeni zakwaEfrayimi namadlelo alo, neGezeri namadlelo alo,
68neJokimeyamu namadlelo alo, neBeti-Horoni namadlelo alo,
69neAjaloni namadlelo alo, neGati-Rimoni namadlelo alo,
70nasenxenyeni yesizwe sakwaManase iAnere namadlelo alo, neBileyamu namadlelo alo, ibe-ngeyomndeni oseleyo wamadodana kaKohati.
71Amadodana kaGereshomu anikwa emndenini wenxenye yesizwe sakwaManase iGolanu eBashani namadlelo alo neAshitaroti namadlelo alo;
72nasesizweni sakwaIsakare iKedeshi namadlelo alo, neDaberati namadlelo alo,
73neRamoti namadlelo alo, neAnemi namadlelo alo;
74nasesizweni sakwa-Asheri iMashali namadlelo alo, neAbidoni namadlelo alo,
75neHukoki namadlelo alo, neRehobe namadlelo alo;
76nasesizweni sakwaNafetali iKedeshi eGalile namadlelo alo, neHamoni namadlelo alo, neKiriyatayimi namadlelo alo.
77Aseleyo, amadodana kaMerari, anikwa esizweni sakwaZebuloni iRimono namadlelo alo neThabori namadlelo alo,
78naphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga kwaseJordani esizweni sakwaRubeni iBeseri ehlane namadlelo alo, neJahasa namadlelo alo,
79neKedemoti namadlelo alo, neMefahati namadlelo alo;
80nasesizweni sakwaGadi iRamoti kwaGileyadi namadlelo alo, neMahanayimi namadlelo alo,
81neHeshiboni namadlelo alo, neJazeri namadlelo alo.