Isambatho sowesifazane enkonzweni
1Yibani-ngabalingisi bami, njengokuba nami ngilingisa uKristu.
2Ngiyanibonga ngokuba ningikhumbula ezintweni zonke, nibambelela ezifundisweni, njengokuba nganinika zona.
3Kepha-ke ngithanda ukuba nazi ukuthi inhloko yawo onke amadoda inguKristu, nenhloko yowesifazane iyindoda, nenhloko kaKristu inguNkulunkulu.
4Yileyo naleyondoda esuke ikhuleka noma iprofetha, ikhanda layo limboziwe, ihlazisa ikhanda layo.
5Kepha yilowo nalowowesifazane osuke ekhuleka nokuba eprofetha, ikhanda lakhe lingagutshuzelwe, uhlazisa ikhanda lakhe, ngokuba lokho kukunye nokuthi uphucile.
6Ngokuba uma owesifazane engagubuzele, akagundwe. Uma kuyihlazo kowesifazane ukuba agundwe noma aphuce, akagubuzele.
7Ngokuba nempela indoda ayifanele ukumboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu; kepha owesifazane uludumo lwendoda.
8Ngokuba indoda ayivelanga kowesifazane, kodwa ngowesifazane owavela endodeni.
9Ngokuba indoda ayidalelwanga owesifazane, kodwa owesifazane wadalelwa indoda.
10Ngalokho-ke owesifazane ufanele ukuba abe-nophawu lwesithunzi ekhanda ngenxa yezingelosi.
11Nokho eNkosini owesifazane kalutho ngaphandle kwendoda, nendoda ayilutho ngaphandle kowesifazane,
12ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni, kanjalo nendoda ivela ngowesifazane; kepha konke kuvela kuNkulunkulu.
13Ziboneleni nina ngokwenu; kufanele yini ukuba owesifazane akhuleke kuNkulunkulu engagubuzele na?
14Imvelo uqobo lwayo ayinifundisi yini ukuthi uma indoda inezinwele ezinde, kuyihlazo kuyo,
15nokuthi uma owesifazane enezinwele ezinde, kuludumo kuye na? Ngokuba uphiwe izinwele zibe-yisimbozo.
16Kepha uma umuntu efuna ukuphika inkani, asinawo umkhuba onjalo thina, namabandla kaNkulunkulu kawanawo.
Indlela yokuphatha isidlo seNkosi
17Kepha nxa ngiyala ngalokho, anginibongi ukuthi nibuthana kungekukho okuhle kepha kukho okubi.
18Ngokuba okokuqala, nxa nibuthana ebandleni, ngizwa ukuthi kukhona ukwahlukana phakathi kwenu; nganxanye ngiyakholwa yikho.
19Ngokuba kumelwe kube-khona amaqembu phakathi kwenu ukuba abaqinisileyo phakathi kwenu babonakale.
20Ngakho-ke nxa nibuthana ndawonye, akusikho ukudla isidlo seNkosi lokho;
21ngokuba ekudleni kwenu yilowo nalowo uthatha okwakhe ukudla ngaphambili, omunye alambe, omunye adakwe.
22Kanti aninazindlu yini zokudlela nokuphuzela na? Kumbe niyalidelela yini ibandla likaNkulunkulu, nijabhise abangenanto na? Ngizakuthini kini na? Nginibonge na? Anginibongi ngalokho.
23Ngokuba mina ngakwamukela eNkosini lokho, nenganinika khona, ukuthi: INkosi uJesu, ngalobobusuku akhashelwa ngabo wathabatha isinkwa,
24wabonga, wasihlephula, wathi: Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule.
25Kanjalo wathabatha nesitsha emva kokudla kwakusihlwa, wathi: Lesisitsha siyisivumelwano esisha egazini lami; lokhu kwenzeni ngezikhathi zonke enisiphuza ngazo ukuba ningikhumbule.
26Ngokuba njalo, nxa nidla lesisinkwa niphuza lesisitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike.
27Ngakho-ke lowo odla lesisinkwa, aphuze lesisitsha seNkosi ngokungafanele, unecala lomzimba negazi leNkosi.
28Kodwa umuntu akazihlolisise, khona-ke akadle lesisinkwa, aphuze lesisitsha.
29Ngokuba odlayo aphuze uzidlela aziphuzele icala, uma engawahlukanisi umzimba weNkosi.
30Ngenxa yalokho baningi phakathi kwenu ababuthakathaka nabagulayo, nabaningana balele.
31Kepha uma besizahlulela thina, besingayikwahlulelwa.
32Kepha nxa sahlulelwa, siyalaywa yiNkosi, ukuze singalahlwa kanye nezwe.
33Ngakho-ke, bazalwane bami, nxa nibuthana ukuba nidle, anolindana.
34Uma omunye elambile, akadle ekhaya ukuba ningabuthaneli ukulahlwa. Kepha okuseleyo ngokulungisa mhla ngifikayo.