UAhabi unqoba ama-Aramu kabili
1UBeni-Hadadi inkosi yaseAramu wabutha yonke impi yakhe; wayenamakhosi angamashumi amathathu nambili, namahashi, nezinqola; wenyuka, wavimbezela iSamariya, walwa nalo,
2wathuma izithunywa kuAhabi inkosi yakwaIsrayeli emzini,
3wathi kuye: Usho kanje uBeni-Hadadi, uthi: Isiliva lakho negolide lakho lingelami, nawomkakho nabantwana bakho abahle bangabami.
4Inkosi yakwaIsrayeli yaphendula yathi: Kunjengokusho kwakho, nkosi yami, nkosi: ngingowakho nakho konke enginakho.
5Kepha izithunywa zabuya, zathi: Usho kanje uBeni-Hadadi, uthi: Ngathumela kuwe, ngathi: Uyakunikela kimi isiliva lakho negolide lakho, nawomkakho, nabantwana bakho,
6kepha ngalesisikhathi kusasa ngiyakuthuma izinceku zami kuwe, ziyalule indlu yakho nezindlu zezinceku zakho; kuyakuthi konke okuhle emehlweni akho zikufake esandleni sazo, zikususe.
7Inkosi yakwaIsrayeli yayisibiza onke amalunga ezwe, yathi: Ake niqaphele, nibone ukuthi lowomuntu ufuna okubi, ngokuba wathumela kimi ngawomkami, nangabantwana bami, nangesiliva lami, nangegolide lami, angimnqabelanga.
8Amalunga onke nabantu bonke bathi kuye: Ungalaleli, ungavumi.
9Wayesethi kuzo izithunywa zikaBeni-Hadadi: Yitsheleni inkosi yami, inkosi, ukuthi: Konke owathumela ngakho encekwini yakho kuqala ngiyakukwenza, kepha lento anginakuyenza. Zase zihamba izithunywa, zambuyisela izwi.
10UBeni-Hadadi wayesethumela kuye, wathi: Onkulunkulu mabenze njalo kimi, benezele futhi, uma uthuli lwaseSamariya luyakwanela abantu bonke abasezinyathelweni zami ukuba babe-nokhweshe.
11Yayisiphendula inkosi yakwaIsrayeli, ithi: Khulumani kuye, nithi: Obhinca izikhali makangazigabisi njengokhumulayo.
12Kwathi esezwa lelizwi, ephuza kanye namakhosi emadokodweni, wathi ezincekwini zakhe: Mayiphume; yayisiphuma ukulwa nomuzi.
13Bheka, kwasondela umprofethi kuAhabi inkosi yakwaIsrayeli, wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Uyasibona sonke lesisixuku na? Bheka, ngiyakusinikela esandleni sakho namuhla, uze wazi ukuthi mina nginguJehova.
14Wayesethi uAhabi: Ngobani na? Wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Ngezinsizwa zezikhulu zezifunda. Wayesethi: Ngubani oyakokha impi? Wathi: Nguwe.
15Wayesebala izinsizwa zezikhulu zezifunda, zazingamakhulu amabili namashumi amathathu nambili; emva kwazo wabala abantu bonke, bonke abantwana bakwaIsrayeli, beyizinkulungwane eziyisikhombisa.
16Baphuma emini. Kepha uBeni-Hadadi wayephuza waze wadakwa emadokodweni, yena namakhosi, amakhosi angamashumi amathathu nambili amsizayo.
17Izinsizwa zezikhulu zezifunda zaphuma kuqala; uBeni-Hadadi wathumela, bamtshela ukuthi kuphumé abantu eSamariya.
18Wathi: Noma bephumele ukuthula, babambeni besaphila, noma bephumele ukulwa, babambeni besaphila.
19Zaphuma-ke emzini izinsizwa lezo zezikhulu zezifunda kanye nempi eyazilandela.
20Babulala, kwaba-yilowo nalowo umuntu wakhe; ama-Aramu abaleka, uIsrayeli wawaxosha; uBeni-Hadadi inkosi yama-Aramu waphunyuka ngehashi kanye nabamahashi.
21Inkosi yakwaIsrayeli yaphuma, yagenca amahashi nezinqola, yabulala ama-Aramu ngokuceka okukhulu.
22Umprofethi wasondela enkosini yakwaIsrayeli, wathi kuyo: Hamba uziqinise, uqaphele, ubone oyakukwenza, ngokuba emva komnyaka inkosi yama-Aramu iyakwenyuka ukulwa nawe.
23Izinceku zenkosi yama-Aramu zathi kuyo: Unkulunkulu wabo ungunkulunkulu wezintaba, ngalokho basahlula; kepha masilwe nabo ethafeni, impela siyakubahlula.
24Futhi yenza lokhu: Susa amakhosi onke, kube-yileyo naleyo endaweni yayo, ubeke ababusi ezikhundleni zawo,
25uzibalele impi njengaleyompi olahlekelwe yiyo, ihashi ngehashi, inqola ngenqola, silwe nabo ethafeni, sibahlule impela. Yalalela izwi labo, yenze njalo.
26Kwathi emva komnyaka uBeni-Hadadi wabala ama-Aramu, wenyukela eAfeki ukuba alwe noIsrayeli.
27Abantwana bakwaIsrayeli babalwa, baphiwa ukudla, bahamba ukuhlangabezana nabo; abakwaIsrayeli bamisa phambi kwabo njengemihlanjana emibili yamazinyane ezimbuzi, kepha ama-Aramu agcwalisa izwe.
28Wayesesondela umuntu kaNkulunkulu, wathi enkosini yakwaIsrayeli: Usho kanje uJehova, uthi: Ngokuba ama-Aramu eshilo ukuthi uJehova ungunkulunkulu wezintaba, kasiye unkulunkulu wezigodi, ngiyakusinikela sonke lesisixuku esikhulu esandleni sakho, nize nazi ukuthi nginguJehova.
29Base bemisile bebhekana izinsuku eziyisikhombisa. Kwathi ngosuku lwesikhombisa kwaqala ukuliwa; abantwana bakwaIsrayeli babulala ama-Aramu ayizinkulungwane eziyikhulu ayimigundatshani ngalusuku lunye.
30Abaseleyo babalekela emzini waseAfeki; ugange lwawela phezu kwabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesikhombisa abaseleyo. Naye uBeni-Hadadi wabaleka, wangena emzini amakamelo ngamakamelo.
31Kepha izinceku zakhe zathi kuye: Bheka, sizwile ukuthi amakhosi endlu yakwaIsrayeli angamakhosi anomusa; ake sembathe izindwangu zamasaka ezinkalweni zethu nezintambo emakhanda ethu, siphume, siye enkosini yakwaIsrayeli; mhlawumbe iyakusindisa ukuphila kwakho.
32Zase zibhinca izindwangu zamasaka ezinkalweni zazo, nezintambo emakhanda azo, zaya enkosini yakwaIsrayeli, zathi: Ithi inceku yakho uBeni-Hadadi: Ake ungiyeke, ngiphile. Yayisithi: Usekhona na? Ungumfowethu yena.
33Amadoda aqaphela lokho, ashesha ukuqinisa okuvela kuye, athi: Ngumfowenu uBeni-Hadadi. Wathi: Hambani, nimlande. UBeni-Hadadi wayesephumela kuye; wamkhwelisa inqola yakhe.
34UBeni-Hadadi wayesethi kuye: Imizi ubaba ayithatha kuyihlo ngiyakuyibuyisa, uzenzele izitaladi eDamaseku njengokwenza kukababa eSamariya. UAhabi wathi: Ngalesisivumelwano ngiyakukuvumela ukuba uhambe. Wayesenza isivumelwano naye, wamvumela ukuba ahambe.
UAhabi usolwa ngumprofethi
35Umuntu othile wamadodana abaprofethi wathi kumngane wakhe ngezwi likaJehova: Ake ungishaye. Kepha lowomuntu wala ukushaya.
36Wayesethi kuye: Ngokuba ungalalelanga izwi likaJehova, bheka, uyakwanele ukusuka nje kimi, ingonyama ikubulale. Wanele wasuka nje kuye, ingonyama yamfumana, yambulala.
37Wayesefumana omunye umuntu, wathi: Ake ungishaye. Lowomuntu wamshaya; wamshaya, wamlimaza.
38Wayesesuka umprofethi, walindela inkosi endleleni, waziguqula ngeqhele elalisemehlweni akhe.
39Kwathi inkosi isidlula, wamemeza enkosini, wathi: Inceku yakho yaphumela phakathi kokulwa; bheka, kwabuya umuntu owaletha kimi omunye, wathi: Linda lomuntu; uma elahleka, ukuphila kwakho kuyakuba-sesikhundleni sokuphila kwakhe, noma uyakukhokha italenta* lesiliva.
40Kwathi lapho inceku yakho isasebenza ngalapha nangalapha, kanti wayesehambile. Yayisithi kuye inkosi yakwaIsrayeli: Kunjalo ukwahlulelwa kwakho; nguwe onqumile.
41Washesha wasusa iqhele emehlweni akhe; yayisimbona inkosi yakwaIsrayeli ukuthi ungowabaprofethi.
42Wathi kuyo: Usho kanje uJehova, uthi: Ngokuba umyekile ukuba aphume esandleni sakho umuntu engangimqalekisile, ukuphila kwakho kuyakuba-sesikhundleni sokuphila kwakhe, nabantu bakho babe-sesikhundleni sabantu bakhe.
43Inkosi yakwaIsrayeli yaya endlini yayo ihluneme, ithukuthele, yeza eSamariya.