Ukungeniswa komphongolo kaJehova ethempelini
1Khona uSolomoni wabutha amalunga akwaIsrayeli nezinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwaIsrayeli enkosini uSolomoni eJerusalema, ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.
2Onke amadoda akwaIsrayeli abuthana enkosini uSolomoni emkhosini wasenyangeni kaEthanimi eyinyanga yesikhombisa.
3Esefikile onke amalunga akwaIsrayeli, abapristi baphakamisa umphongolo.
4Bakhuphula umphongolo kaJehova, netende lokuhlangana, nazo zonke izinto ezingcwele ezazisetendeni, kwakhushulwa ngabapristi namaLevi.
5Inkosi uSolomoni nayo yonke inhlangano yakwaIsrayeli eyayihlangene kuyo babenayo phambi komphongolo, behlaba izimvu nezinkabi ezingenakulotshwa, zingenakubalwa ngobuningi bazo.
6Abapristi bawungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo egumbini lendlu, indawo engcwelengcwele, phansi kwamaphiko amakherubi*.
7Ngokuba amakherubi ayewelula amaphiko awo phezu kwendawo yomphongolo, amakherubi asibekela umphongolo nezinti zawo ngaphezulu.
8Izinti zazizinde kangako ukuba izihloko zezinti zibonakale endaweni engcwele phambi kwegumbi; kepha zazingabonakali ngaphandle; zisekhona lapho kuze kube-namuhla.
9Kwakungekho-lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe, lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwaIsrayeli ekuphumeni kwabo eGibithe.
10Kwathi lapho abapristi sebephumile endaweni engcwele, ifu lagcwalisa indlu kaJehova,
11abapristi baze bangema ukukhonza ngenxa yefu, ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova.
12Khona wakhuluma uSolomoni, wathi:
UJehova ushilo ukuthi uyakuhlala esigayegayeni.
13Ngikwakhele nokukwakhela indlu yokuhlala, indawo yokuhlala kwakho kuze kube-phakade.
14Inkosi yayisiphenduka, yalibusisa lonke ibandla lakwaIsrayeli, lonke ibandla lakwaIsrayeli lalimi.
15Yathi: Makabongwe uJehova uNkulunkulu kaIsrayeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide ubaba, ukugcwalisile ngesandla sakhe, ethi:
16Kusukela osukwini engakhipha ngalo abantu bami uIsrayeli eGibithe angikhethanga-muzi ezizweni zonke zakwaIsrayeli ukwakha indlu ukuba igama lami libe-khona lapho, kepha ngamkhetha uDavide abe-phezu kwabantu bami uIsrayeli.
17Kwakusenhliziyweni kaDavide ubaba ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu kaIsrayeli indlu.
18Kepha uJehova wathi kuDavide ubaba: Njengokuba kwakusenhliziyweni yakho ukwakhela igama lami indlu, wenza kahle, ngokuba kwakusenhliziyweni yakho lokho;
19kepha wena awuyikuyakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalweni lwakho yiyona eyakwakhela igama lami indlu.
20UJehova uliqinisile izwi alikhulumayo, ngokuba mina ngivelile esikhundleni sikaDavide ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwaIsrayeli njengokusho kukaJehova, ngakhele igama likaJehova uNkulunkulu kaIsrayeli indlu.
21Ngimisile lapho indawo yomphongolo okukuwo isivumelwano sikaJehova asenza nawobaba ekubakhipheni ezweni laseGibithe.
Ukuhlanjululwa kwethempeli
22USolomoni wema phambi kwealtare likaJehova ebusweni balo lonke ibandla lakwaIsrayeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,
23wathi: Jehova Nkulunkulu kaIsrayeli, akakho unkulunkulu onjengawe phezulu ezulwini nasemhlabeni phansi, ogcina isivumelwano nomusa nezinceku zakho ezihamba phambi kwakho ngayo yonke inhliziyo yazo,
24ogciné nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo; yebo, owakukhuluma ngomlomo wakho ukugcwalisile ngesandla sakho njengokuba kunjalo namuhla.
25Ngalokho, Jehova Nkulunkulu kaIsrayeli, gcina nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ukuthi: Akuyikunqunywa-muntu kuwe emehlweni ami ukuhlala esihlalweni sobukhosi sakwaIsrayeli, uma kuphela abantwana bakho beqaphela indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami, njengalokho wena uhambé phambi kwami.
26Ngalokho, Nkulunkulu kaIsrayeli, maliqiniseke izwi lakho owalikhuluma encekwini yakho uDavide ubaba.
27Kepha uNkulunkulu uyakuhlala impela emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; pho, kakhulu kangakanani lendlu encane engiyakhileyo na?
28Mawubheke umkhuleko wenceku yakho nokunxusa kwayo, Jehova Nkulunkulu wami, uzwe ukukhala nokukhuleka inceku yakho ekukhuleka phambi kwakho namuhla
29ukuba amehlo akho avulekele lendlu ubusuku nemini, indawo owathi ngayo: Igama lami liyakuba-khona lapho, uze ulalele umkhuleko inceku yakho eyakuwukhuleka ibhekene nalendawo.
30Kulalele ukunxusa kwenceku yakho nokwabantu bakho uIsrayeli abayakukukhuleka bebhekene nalendawo, ukuzwe usendaweni yakho yokuhlala ezulwini, nalapho usuzwile, uthethelele.
31Uma umuntu ona umakhelwane wakhe, athweswe isifungo sokumfungisa, abeseza ukufunga phambi kwealtare lakho kulendlu,
32mawuzwe wena ezulwini, wenze, wahlulele izinceku zakho, kulahlwe onecala, ubeke indlela yakhe phezu kwekhanda lakhe, uthethelele olungileyo, umnike njengokulunga kwakhe.
33Lapho abantu bakho uIsrayeli benqotshwa yisitha, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bebuya bephindela kuwe, balivume igama lakho, bakhuleke, banxuse kuwe kulendlu,
34mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sabantu bakho uIsrayeli ubabuyisele ezweni owalinika oyise.
35Lapho izulu livaliwe, imvula ingekho, ngokuba bonile kuwe, kepha bese bekhuleka bebhekene nalendawo, balivume igama lakho, baphenduke esonweni sabo, ngokuba uyabajezisa,
36mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho uIsrayeli, lapho ubafundisa indlela enhle abayakuhamba ngayo, uthume imvula ezweni lakho obaniké abantu bakho libeyifa labo.
37Uma kukhona indlala ezweni, noma kukhona isifo, noma kukhona ukuhamuka, nesikhutha, nesikhonyane, nemiswenya, noma isitha sabo sibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma kuyiphi inhlupheko nasiphi isifo,
38besekuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukunxusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho uIsrayeli abayakwazi, kube-yilowo nalowo inhlupheko yasenhliziyweni yakhe, elulele izandla zakhe kulendlu,
39mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele, wenze, unike yilowo nalowo njengezindlela zakhe, wena owaziyo inhliziyo yakhe — ngokuba wena kuphela uyazi izinhliziyo zabo bonke abantwana babantu —
40ukuba bakwesabe zonke izinsuku zokuhlala kwabo ezweni owalinika obaba.
41Futhi owezizwe ongesiye owabantu bakho uIsrayeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho —
42ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu, nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo — lapho ebeseza ukukhuleka kulendlu,
43mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, wenze njengakho konke lowezizwe akhala ngakho kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba bazi igama lakho, bakwesabe wena njengabantu bakho uIsrayeli nokuze bazi ukuthi lendlu engiyakhileyo ibiziwe ngegama lakho.
44Uma abantu bakho bephuma impi ukulwa nesitha sabo ngendlela obathuma ngayo, bese bekhuleka kuJehova bebhekene nalomuzi owukhethileyo nalendlu engiyakhele igama lakho,
45mawuzwe wena ezulwini umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubavume.
46Uma bona kuwe — ngokuba akukho-muntu ongoniyo — besewubathukuthelela wena, ubanikele esitheni, ukuze ababathumbayo babamukisele ezweni lesitha, likude noma liseduze,
47kepha bese becabanga ezweni lapho bethunjelwe khona, baphenduke, banxuse kuwe ezweni lababathumbayo ngokuthi: Sonile, senzile ngokuphambeneyo, saziphatha kabi;
48uma bephendukela kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo ezweni lezitha zabo ezabathumba, bakhuleke kuwe bebhekene nezwe lakubo owalinika oyise, umuzi owukhethileyo, nendlu engiyakhele igama lakho,
49mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, umkhuleko wabo nokunxusa kwabo, ubavume,
50uthethelele abantu bakho abonile kuwe nazo zonke iziphambeko zabo abaphambeké kuwe ngazo, ubanike ukuba bathole isihe phambi kwababathumbayo ukuba babaphathe ngesihe.
51Ngokuba bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ezweni laseGibithe nasesithandweni sensimbi,
52ukuba amehlo akho avulekele ukunxusa kwenceku yakho nokunxusa kwabantu bakho uIsrayeli ukubezwa kukho konke abakhala ngakho kuwe.
53Ngokuba wena wabahlukanisa nabantu bonke bomhlaba, babe-yifa lakho, njengalokho wakhuluma ngesandla sikaMose inceku yakho ekukhipheni obaba eGibithe, Nkosi Jehova.
54Kwathi uSolomoni eseqedile ukukhuleka wonke lomkhuleko nalokhokunxusa kuJehova, wasuka ealtare likaJehova ekuguqeni ngamadolo akhe, izandla zakhe zelulelwe ngasezulwini.
55Wema, wabusisa lonke ibandla lakwaIsrayeli ngezwi elikhulu, wathi:
56Makabongwe uJehova oniké abantu bakhe uIsrayeli ukuphumula njengakho konke akushiloyo; akuwanga izwi elilodwa lakho konke ukukhuluma kwakhe okuhle akusho ngesandla sikaMose inceku yakhe.
57UJehova uNkulunkulu wethu makabe-nathi njengalokho ayenawobaba; makangasishiyi, angasilahli,
58ukuze adonsele izinhliziyo zethu kuye ukuba sihambe ngezindlela zakhe zonke, sigcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe ayala ngakho obaba.
59Lawomazwi ami enginxusé ngawo phambi kukaJehova mawabe-seduze noJehova uNkulunkulu wethu imini nobusuku ukuba avume inceku yakhe, avume nabantu bakhe uIsrayeli njengokudingeka kwemihla ngemihla,
60ukuba abantu bonke bomhlaba bazi ukuthi uJehova nguye onguNkulunkulu; akakho omunye.
61Inhliziyo mayibe-kuJehova uNkulunkulu wethu ngokupheleleyo, nihambe ngezimiso zakhe, nigcine imiyalo yakhe njenganamuhla.
62Inkosi naye wonke uIsrayeli enayo banikela ngomhlatshelo phambi kukaJehova.
63USolomoni wanikela kube-ngumhlatshelo weminikelo yokuthula, owanikela ngawo kuJehova, izinkunzi eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili. Inkosi nabo bonke abantwana bakwaIsrayeli bahlambulula-ke indlu kaJehova.
64Ngalona lolosuku inkosi yangcwelisa ingaphakathi legceke elalingaphambi kwendlu kaJehova, ngokuba wanikela lapho ngomnikelo wokushiswa, nangomnikelo wempuphu, nangamanoni eminikelo yokuthula, lokhu ialtare lethusi elaliphambi kukaJehova lalilincane ukuba liwamukele umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni eminikelo yokuthula.
65USolomoni wagubha-ke umkhosi ngalesosikhathi naye wonke uIsrayeli enaye, ibandla elikhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze kube-semfuleni waseGibithe, ngaphambi kukaJehova uNkulunkulu wethu izinsuku eziyisikhombisa nezinsuku eziyisikhombisa, okungukuthi izinsuku eziyishumi nane.
66Ngosuku lwesishiyagalombili wabamukisa abantu, bayibusisa inkosi, baya ematendeni abo bejabula, bethokoza ngenhliziyo ngakho konke okuhle uJehova akwenzile kuDavide inceku yakhe nakuIsrayeli abantu bakhe.