Isibingelelo
1UPetru, umphostoli kaJesu Kristu, kwabayizihambi abahlakazekile ePontu, naseGalathiya, naseKhaphadosiya, naseAsiya, naseBithiniya,
2bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kinina umusa nokuthula.
UPetru ubonga uNkulunkulu ngethemba eliphilileyo labakholwayo
3Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe-nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo,
4sibe-nefa elingapheliyo, nelingenasisihla, nelingabuniyo, eniligcinelwe ezulwini;
5nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibenokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina;
6enithokoza ngakho, nokuba manje ngesikhashana, uma kudingeka, nidabukiswa ngezilingo eziyizinhlobonhlobo,
7ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube-ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu;
8enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo,
9namukela isigcino sokukholwa kwenu esiyinsindiso yemiphefumulo.
10Ngayo leyonsindiso babefunisisa bephenyisisa abaprofethi ababeprofetha ngomusa obuzakuza kinina,
11bephenya ukuthi yisiphi nokuba sinjani isikhathi asikhombayo uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngezinhlupheko eziqondene noKristu nangenkazimulo eyakulandela zona;
12abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezozinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywé evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona.
UPetru ukhuthaza abakholwayo ukuba bahambe ngobungcwele
13Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.
14Njengabantwana abalalelayo ningalingisi izinkanuko zakuqala ekungazini kwenu,
15kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe-ngcwele nani ekuhambeni konke,
16ngokuba kulotshiwe ukuthi: Manibe-ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.
17Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi-buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini,
18nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide,
19kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala;
20owaziwa phakade, izwe lingakasekelwa, kepha wabonakaliswa ngezikhathi zokugcina ngenxa yenu
21enikholwa nguNkulunkulu ngaye, owamvusa kwabafileyo nowamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu kubenethemba kuNkulunkulu.
22Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo,
23senizelwe kabusha kungengambewu ephelayo kodwa ngengapheliyo, ngezwi eliphilileyo nelimiyo likaNkulunkulu, 24ngokuba
yonke inyama injengotshani,
nobukhosi bayo bonke bunjengembali yotshani;
utshani buyabuna,
nembali iyavuthuluka,
kepha izwi leNkosi limi kuze kube-phakade.
25Yilo lelizwi levangeli elashunyayelwa kinina.