Ngokuziphatha kwamalunga nokwabasha
1Ngakho ngiyawancenga amalunga aphakathi kwenu mina engiyilunga kanye nawo, nofakazi wezinhlupheko zikaKristu, nomhlanganyeli wenkazimulo ezakwambulwa, ngithi:
2Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, kungabi-ngokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu, kungabi-ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo,
3kungabi-njengabazenza amakhosi phezu kwamabandla enabelwa wona, kodwa nibe-yizibonelo zomhlambi;
4kuyakuthi, nxa esebonakaliswa uMalusi omkhulu, niyakuzuza umqhele wenkazimulo ongabuniyo.
5Ngokunjalo, nina-basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
6Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo,
7niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.
8Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya;
9melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezozinhlupheko zehlela abazalwane benu abasezweni.
Isigcino
10Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.
11Makube-kuye amandla kuze kubephakade naphakade. Amen.
12NgoSilvanu umfowethu othembekayo ngokubona kwami nginilobele ngokufushane, ngincenga, ngifakaza ukuthi lo yiwo umusa oqinisekileyo kaNkulunkulu; yimani kuwo.
13Liyakhonza kini ibandla elikhethiweyo kanye nani eliseBabiloni, noMarku indodana yami.
14Bingelelanani ngokwanga kothando. Ukuthula makube-kini nonke enikuKristu.