Amadodana kaSamuweli
1Kwathi uSamuweli esemdala, wabeka amadodana akhe abe-ngabahluleli phezu kukaIsrayeli.
2Igama lendodana yakhe eyizibulo lalinguJoweli; igama leyesibili lalinguAbiya; babengabahluleli eBeri-Sheba.
3Amadodana akhe ayengahambi ngezindlela zakhe, kepha aphambukela inzuzo embi, athengwa ngemivuzo, aphendukezela izahlulelo.
AbakwaIsrayeli bafuna inkosi
4Kwabuthana onke amalunga akwaIsrayeli, aya kuSamuweli eRama;
5athi kuye: Bheka, usumdala, amadodana akho awahambi ngezindlela zakho; sibekele inkosi ukuba isahlulele njengezizwe zonke.
6Kepha leyonto yabambi emehlweni kaSamuweli, lapho bethi: Siphe inkosi ukuba isahlulele. USamuweli wayesekhuleka kuJehova.
7UJehova wathi kuSamuweli: Lalela izwi labantu kukho konke abakushoyo kuwe, ngokuba akusuwe abakulahlileyo, kepha balahlé mina, ukuze ngingabi-yinkosi phezu kwabo.
8Njengemisebenzi yonke abayenzileyo, kusukela osukwini engabakhuphula ngalo eGibithe kuze kube-namuhla, bangishiya bekhonza abanye onkulunkulu, benze njalo nakuwe.
9Manje lalela izwi labo, ugamele nokugamela kubo kuphela, ubatshele amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwabo.
10USamuweli wabatshela abantu abacela kuye inkosi onke amazwi kaJehova.
11Wathi: Nanka amalungelo enkosi eyakubusa phezu kwenu: iyakuthatha amadodana enu, izibekele wona ezinqoleni zayo nasemahashini ayo, agijime phambi kwezinqola zayo;
12iyakuzibekela wona abe-yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamashumi ayisihlanu, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zokulwa nempahla yezinqola zayo.
13Iyakuthatha amadodakazi enu abengabathaki, nabapheki, nabaphekizinkwa.
14Iyakuthatha amasimu enu, nezivini zenu, neminqumo yenu emihle, ikunike izinceku zayo.
15Iyakuthatha okweshumi kwembewu yenu nokwesivini senu, ikunike izinduna zayo nezinceku zayo.
16Iyakuthatha izinceku zenu, nezincekukazi zenu, nezinsizwa zenu ezinhle, nezimbongolo zenu, izenze ukuba zisebenze imisebenzi yayo.
17Iyakuthatha okweshumi kwezimvu zenu, nibe-yizinceku zayo.
18Niyakukhala ngalolosuku ngenxa yenkosi yenu, eniyakube nizikhethele yona; kepha uJehova akayikuniphendula ngalolosuku.
19Kepha abantu bala ukulalela izwi likaSamuweli, bathi: Hayi, sifuna ukuba kube-khona inkosi phezu kwethu,
20ukuze nathi sibe-njengezizwe zonke, inkosi yethu isahlulele, iphume phambi kwethu, ilwe izimpi zethu.
21USamuweli wezwa onke amazwi abantu, wawalanda ezindlebeni zikaJehova.
22UJehova wathi kuSamuweli: Lalela izwi labo, ubanike inkosi. USamuweli wathi kubantu bakwaIsrayeli: Hambani niye, kube-yilowo nalowo emzini wakini.