UJehova uyakhetha uSawule abe-yinkosi
1Kwakukhona umuntu wakwaBenjamini ogama lakhe lalinguKishi indodana ka-Abiyeli kaSerori kaBekhorati kaAfiya, indodana yowakwaBenjamini, iqhawe elinamandla.
2Wayenendodana egama layo lalinguSawule, insizwa enhle; kwakungekho-muntu omuhle kunaye phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli; kusukela emahlombe akhe kuya phezulu wayemude kunabo bonke abantu.
3Izimbongolo zikaKishi uyise kaSawule zalahleka. UKishi wathi kuSawule indodana yakhe: Thatha enye yezinceku, usuke, uye kufuna izimbongolo.
4Wadabula izintaba zakwaEfrayimi, wadabula izwe laseShalisha, kepha abazifumananga; base bedabula izwe laseShahalimi, nalapho zazingekho; wadabula izwe labakwaBenjamini, kepha kabazifumana.
5Sebefikile ezweni laseSufi, uSawule wathi kuyo inceku yakhe eyayinaye: Woza sibuye, funa ubaba aziyeke izimbongolo, enqene ngathi.
6Yathi kuye: Bheka, kukhona kulomuzi umuntu kaNkulunkulu, umuntu ohloniphekayo; konke akushoyo kuyakwenzeka impela; masiye khona, mhlawumbe angasitshela indlela esihamba ngayo.
7Wayesethi uSawule kuyo inceku yakhe: Kepha bheka, uma siya khona, siyakulethani kulowomuntu na? Ngokuba isinkwa siphelile ezitsheni zethu; akukho-nto esingayiyisa kulowomuntu kaNkulunkulu; sinani, pho, na?
8Inceku yabuye yamphendula uSawule, yathi: Ngiphethe esandleni sami okwesine kweshekeli* lesiliva; lokhu ngiyakumnika khona lowomuntu kaNkulunkulu ukuba asitshele indlela yethu.
9Endulo kwaIsrayeli, lapho umuntu ebeyakubuza kuNkulunkulu, washo wathi: Woza siye kumboni; ngokuba lo othiwa umprofethi manje wabizwa kuqala ngokuthi umboni.
10USawule wayesethi kuyo inceku yakhe: Lihle izwi lakho; woza sihambe. Base beya emzini lapho lowomuntu kaNkulunkulu wayekhona.
11Besakhuphuka ummango womuzi bafumana amantombazana eya kukha amanzi; bathi kuwo: Umboni ukhona na?
12Abaphendula athi: Ukhona; nangu ngaphambi kwakho; shesha kodwa, ngokuba ufikile namuhla emzini, lokhu abantu benomhlatshelo namuhla endaweni ephakemeyo;
13ekungeneni kwenu emzini niyakumfumana, engakenyukeli endaweni ephakemeyo ukuyokudla; ngokuba abantu abayikudla engakafiki, lokhu nguye obusisa umhlatshelo, andukuba abamenyiweyo badle. Ngalokho-ke khuphukani manje, ngokuba niyakumfumana ngalesisikhathi.
14Benyukela emzini; besangena emzini, bheka, uSamuweli waphumela kubo ukuyakwenyukela endaweni ephakemeyo.
15UJehova wayemambulele uSamuweli ngayizolo, uSawule engakafiki, ethi:
16Kusasa ngalesisikhathi ngiyakuthuma kuwe umuntu wasezweni lakwaBenjamini; uyakumgcoba abe-ngumholi wabantu bami uIsrayeli, asindise abantu bami esandleni samaFilisti, ngokuba ngibonile abantu bami, lokhu ukukhala kwabo kufikile kimi.
17USamuweli esembonile uSawule, uJehova wathi kuye: Nangu umuntu engakhuluma ngaye kuwe, ngathi: Lo uyakubusa abantu bami.
18USawule wayesesondela kuSamuweli esangweni, wathi: Ake ungitshele ukuthi iphi indlu yomboni.
19USamuweli wamphendula uSawule, wathi: Yimi engingumboni; khuphuka phambi kwami, uye endaweni ephakemeyo, ngokuba niyakudla nami namuhla; ekuseni ngiyakukumukisa, ngikutshele konke okusenhliziyweni yakho.
20Izimbongolo zakho esezinezinsuku ezintathu zilahlekile, ungabeki inhliziyo yakho kuzo, ngokuba zitholiwe. Ngokukabani konke okunxanelekayo kwaIsrayeli na? Akusikho okwakho nokwendlu yonke kayihlo na?
21USawule waphendula wathi: Angisiye owakwaBenjamini yini, owesincane sezizwe zakwaIsrayeli, na? Nomndeni wakithi awumncane yini kuyo yonke imindeni yesizwe sakwaBenjamini na? Ukhulumelani kimi ngalendlela na?
22USamuweli wamthatha uSawule nenceku yakhe, wabangenisa endlini yokudlela, wabahlalisa endaweni engumqoka phakathi kwabamenyiweyo, kungathi abangamashumi amathathu.
23USamuweli wathi kumpheki: Letha isabelo engakunika sona engasho kuwe ngaso ukuthi: Sibeke ngakuwe.
24Umpheki waphakamisa umlenze nokwakuphezu kwawo, wawubeka phambi kukaSawule. USamuweli wathi: Nakhu ohlinzekwé ngakho. Kubeke phambi kwakho, udle, ngokuba kugcinelwe wena kuze kufike lesisikhathi, njengalokho ngithé ngimemile abantu. USawule wayesedla noSamuweli ngalolosuku.
25Sebehlile endaweni ephakemeyo bangena emzini; wakhuluma noSawule ophahleni lwendlu.
26Bavuka ekuseni; kwathi kusantwela, uSamuweli wabiza uSawule esophahleni lwendlu, wathi: Vuka ukuba ngikumukise. Wayesevuka uSawule, baphuma bobabili, baya phandle, yena noSamuweli.
27Besehlela ngasekugcineni komuzi, uSamuweli wathi kuSawule: Yisho kuyo inceku ukuba idlule phambi kwethu — yadlula-ke — kepha yima wena manje ukuba ngikuzwise izwi likaNkulunkulu.