Ngothando lwakhe olukhulu uPawulu wabathumela uThimothewu
1Ngalokho kwathi singasenakubekezela, sathi kuhle ukuba sisale sodwa eAthene,
2sathuma uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu evangelini likaKristu, ukuba aniqinise, anivuse maqondana nokukholwa kwenu
3ukuba kunganyakaziswa-muntu ngalezozinhlupheko; ngokuba niyazi nina ukuthi simiselwe lokho.
4Ngokuba kuthé sisekhona kini, sanitshela ngaphambili ukuthi siyakuhlushwa, njengokuba kwaba-njalo, nani nikwazi.
5Ngalokho nami, lapho ngingasenakubekezela, ngathumela ukuba ngiqonde ukukholwa kwenu, ingabe mhlawumbe umlingi unilingile yini, ukukhandleka kwethu kube-yize.
Esebuyile uThimothewu, uPawulu uyathokoza; uyabakhulekela
6Kepha kalokhu uThimothewu esefikile kithi evela kini, esibikela izindaba ezinhle zokukholwa nothando lwenu, nokuthi nisikhumbula kahle njalo, nokuthi nilangazelela ukusibona, njengokuba nathi silangazelela ukubona nina,
7ngalokho, bazalwane, saduduzeka ngani ngokukholwa kwenu ekusweleni nasosizini lwethu lonke,
8ngokuba kalokhu siyaphila, uma nina nimi niqinile eNkosini.
9Ngokuba ngukubonga okunjani esingakubuyisela kuNkulunkulu ngani ngokuthokoza konke esithokoza ngakho ngenxa yenu phambi kukaNkulunkulu wethu na?
10Ubusuku nemini sinxusa nokunxusa ukuba sibone ubuso benu, siphelelise okusileleyo ekukholweni kwenu.
11Sengathi uNkulunkulu noBaba wethu uqobo neNkosi yethu uJesu angayiqondisa indlela yethu yokuza kini,
12iNkosi ininike ukwanda nokuchichima othandweni, omunye komunye nakubo bonke, njengokuba sinjalo kinina,
13ukuze iqinise izinhliziyo zenu, zingabi-nakusoleka ebungcweleni phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu ekufikeni kweNkosi yethu uJesu kanye nabangcwele bakhe bonke.