U-Uziya uyinkosi kwaJuda. Impi yakhe namandla akhe. Uchoko lwakhe
1Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Uziya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise uAmasiya.
2Yena wakha iEloti, walibuyisela kuJuda, inkosi isilele koyise.
3U-Uziya wayeneminyaka eyishumi nesithupha ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nambili eJerusalema; igama likanina lalinguJekoliya waseJerusalema.
4Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise uAmasiya.
5Wayelokhu emfuna uNkulunkulu emihleni kaZakariya owafundisa ekumesabeni uJehova; emihleni yokumfuna kwakhe uJehova, uNkulunkulu wamhlahlamelisa.
6Waphuma walwa namaFilisti, wadiliza ugange lwaseGati, nogange lwaseJabine, nogange lwaseAshidodi; wakha imizi kwelaseAshidodi naphakathi kwamaFilisti.
7UNkulunkulu wamsiza kumaFilisti, nakwabaseArabiya ababehlala e-Guri-Bali, nakumaMehuni.
8Abakwa-Amoni bathela intela kuUziya; igama lakhe lahamba laze lafika nasekuyeni eGibithe, ngokuba wabanamandla kakhulu.
9U-Uziya wakha nemibhoshongo eJerusalema ngaseSangweni laseGumbini, nangaseSangweni lasesiGodini, nangaseNqutshini, wayiqinisa.
10Wakha imibhoshongo ehlane, wemba imigodi eminingi yamanzi, ngokuba wayenezinkomo eziningi ehlanzeni nasethafeni, wayenabalimi nabaphathi bezivini ezintabeni naseKarmeli, ngokuba wayengothanda umhlabathi.
11U-Uziya wayenempi elwayo eyaphuma ukulwa ngamaviyo njengomumo wokubalwa kwabo ngesandla sikaJehiyeli umbhali noMahaseya umbusi phansi kwesandla sikaHananiya, enye yezinduna zenkosi.
12Umumo wonke wezinhloko zawoyise, amaqhawe anamandla, wawuyizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha.
13Phansi kwezandla zabo kwakukhona impi enamandla eyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu nezinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisihlanu, eyalwa ngamandla amakhulu ukuba isize inkosi ezitheni.
14U-Uziya walungisela impi yonke izihlangu, nemikhonto, nezigqoko, namabhantshi, neminsalo, namatshe endwayimana.
15Wenza eJerusalema imishini eyaqanjwa ngokuhlakanipha ukuba ibe-phezu kwemibhoshongo nasezingosini, kuphonswe ngayo imicibisholo namatshe amakhulu. Igama lakhe laphumela ekudeni, ngokuba wasizwa ngokumangalisayo waze waba-namandla.
16Kepha lapho eseziqinisile, inhliziyo yakhe yazikhukhumeza kwaze kwaba-ngukubhubha kwakhe, waphambuka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wangena ethempelini likaNkulunkulu ukuba ashise impepho ealtare lempepho.
17UAzariya umpristi wangena emva kwakhe, bekhona kanye naye abapristi bakaJehova abangamashumi ayisishiyagalombili, amadoda anamandla;
18bamelana noUziya inkosi, bathi kuye: Akusikho okwakho, Uziya, ukushisela uJehova impepho, kungokwabapristi, amadodana ka-Aroni, abangcweliselwe ukushisa impepho; phuma endlini engcwele, ngokuba wenzé isiphambeko; futhi awuyikuba-nodumo oluvela kuJehova uNkulunkulu.
19Wayesethukuthela u-Uziya; wayenomcengezi womlilo esandleni sakhe ukuba ashise impepho; esabathukuthelele abapristi, kwaqhamuka uchoko ebunzini lakhe phambi kwabapristi endlini kaJehova eceleni kwealtare lempepho.
20UAzariya umpristi omkhulu nabo bonke abapristi bambuka; bheka, wayenochoko ebunzini lakhe; bashesha bamkhipha khona; naye waphuthuma ukuphuma, ngokuba uJehova wayemshayile.
21U-Uziya inkosi wayesengonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwakhe, wahlala endlini eyahlukanisiweyo, lokhu engonochoko, ngokuba wanqunywa endlini kaJehova. UJothamu indodana yakhe wayephezu kwendlu yenkosi, ahlulela abantu bezwe.
22Ezinye izindaba zikaUziya, ezokuqala nezokugcina, zalotshwa nguIsaya umprofethi, indodana ka-Amose.
23U-Uziya wayeselala koyise; bammbela koyise ngaphandle kwamathuna amakhosi, ngokuba bathi: Ungonochoko; uJothamu indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.