UAhazi uyinkosi kwaJuda
1UAhazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise,
2kepha wahamba ngezindlela zamakhosi akwaIsrayeli, wenzela oBali izithombe ezibunjiweyo.
3Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa abantwana bakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwaIsrayeli.
4Wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo, nasemagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.
5UJehova uNkulunkulu wakhe wayesemnikela esandleni senkosi yaseAramu, bamshaya, bathumba kuye isixuku esikhulu sabathunjwa, babayisa eDamaseku. Naye wanikelwa esandleni senkosi yakwaIsrayeli eyamshaya ngokushaya okukhulu.
6Ngokuba uPheka indodana kaRemaliya wabulala kwaJuda izinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili ngalusuku lunye, bonke bengamadoda anamandla, ngokuba bebeshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise.
7UZikiri iqhawe lakwaEfrayimi wabulala uMahaseya indodana yenkosi, noAzirikamu umbusi wendlu, noElkana owelama inkosi.
8Abantwana bakwaIsrayeli bathumba kubafowabo izinkulungwane ezingamakhulu amabili, abesifazane, namadodana, namadodakazi, besusa kubo nempango eningi, beyiyisa impango eSamariya.
9Kepha kwakukhona lapho umprofethi kaJehova ogama lakhe lalinguOdedi; waphuma ukuhlangabeza impi eyayiza eSamariya, wathi kubo: Bhekani, ngokuba uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wayethukuthelele uJuda, wabanikela esandleni senu, kepha nina nibabulele ngokufutha okufinyelele nasezulwini.
10Manje-ke nithi niyakunyathela phansi abantwana bakwaJuda nabaseJerusalema babe-yizigqila nezigqilakazi zenu. Kepha aniyikuba-necala kuJehova uNkulunkulu wenu ngalokho kuphela na?
11Ngalokho ngizweni, nibuyise abathunjwa enibathumbile kubafowenu, ngokuba ulaka olushisayo lukaJehova luphezu kwenu.
12Kwase kusukuma abezinhloko zabantwana bakwaEfrayimi, uAzariya indodana kaJohanani, noBerekiya indodana kaMeshilemoti, noJehizikiya indodana kaShalumi, noAmasa indodana kaHadilayi, bamelana nabaphuma empini,
13bathi kubo: Ningabangenisi abathunjwa lapha, ngokuba nicabanga okuyakuba-yicala lethu kuJehova ukuba kwenezele ezonweni zethu nasecaleni lethu, ngokuba icala lethu selilikhulu namanje; ulaka olushisayo luphezu kukaIsrayeli.
14Abahlomileyo base bebashiya abathunjwa nempango phambi kwezikhulu nebandla lonke.
15Namadoda abizwé ngamagama ayesesukuma, abathatha abathunjwa, abembathisa impango bonke ababehamba-ze, abembathisa, abafaka izicathulo, abapha ukudla, abaphuzisa, abagcoba, abakhweza ezimbongolweni bonke ababebuthakathaka, abayisa eJeriko umuzi wamasundu kubafowabo; ayesebuyela eSamariya.
16Ngalesosikhathi inkosi uAhazi yathumela emakhosini aseAsiriya ukuba ayisize.
17Ngokuba phezu kwakho konke babefikile abakwaEdomi, bashaya uJuda, bathumba abathunjwa.
18NamaFilisti ayengenele imizi yasehlanzeni neyaseningizimu yakwaJuda, athatha iBeti-Shemeshi, neAjaloni, neGederoti, neSoko kanye nemizana yalo, neThimna nemizana yalo, neGimizo nemizana yalo; ahlala khona.
19Ngokuba uJehova wathobisa uJuda ngenxa ka-Ahazi inkosi yakwaIsrayeli, ngokuba wayedlubulundile kwaJuda, waphambuka nokuphambuka kuJehova.
20Wayesefika kuye uThiligati-Philineseri inkosi yaseAsiriya, wamhlupha, akamqinisanga.
21Ngokuba uAhazi waphanga indlu kaJehova nendlu yenkosi neyezikhulu, wakunika inkosi yaseAsiriya, kepha akumsizanga.
22Ngesikhathi sokuhlupheka kwakhe waqhubeka ekuphambukeni kuJehova, yona leyonkosi uAhazi.
23Wahlabela onkulunkulu baseDamaseku ababemshayile, wathi: Ngokuba onkulunkulu bamakhosi aseAramu bawasiza, ngiyakubahlabela ukuba bangisize nami. Kepha baba-yisikhubekiso kuye nakuye wonke uIsrayeli.
24UAhazi waqoqa izinto zendlu kaNkulunkulu, wazihlahlela izinto zendlu kaNkulunkulu, wavala izivalo zendlu kaJehova, wazenzela ama-altare emagumbini onke aseJerusalema.
25Nakuyo yonke imizi yakwaJuda, imizi ngemizi, wenza izindawo eziphakemeyo zokuba ashisele abanye onkulunkulu impepho, wamcunula uJehova uNkulunkulu wawoyise.
26Ezinye izindaba zakhe nazo zonke izindlela zakhe, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwaJuda nakwaIsrayeli.
27UAhazi wayeselala koyise; bammbela emzini, iJerusalema, ngokuba abamyisanga emathuneni amakhosi akwaIsrayeli; uHezekiya indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.