OJehowahazi noJehowashi bangamakhosi kwaIsrayeli
1Ngomnyaka wamashumi amabili nantathu kaJowashi indodana ka-Ahaziya inkosi yakwaJuda uJehowahazi indodana kaJehu waba-yinkosi kwaIsrayeli eSamariya, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa.
2Wenza okubi emehlweni kaJehova, walandela izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo uIsrayeli, kasukanga kuzo.
3Intukuthelo kaJehova yavuthela uIsrayeli, wabanikela esandleni sikaHazayeli inkosi yaseAramu nasesandleni sikaBeni-Hadadi indodana kaHazayeli sonke lesisikhathi.
4UJehowahazi wakhuleka kuJehova, uJehova wamuzwa, ngokuba wabona ukucindezelwa kukaIsrayeli ukuthi inkosi yaseAramu yayibacindezela.
5UJehova wanika uIsrayeli umsindisi, baphuma phansi kwesandla sama-Aramu; abantwana bakwaIsrayeli bahlala ematendeni abo njengakuqala.
6Nokho abasukanga ezonweni zendlu kaJerobowamu onisa ngazo uIsrayeli, kepha bahamba kuzo; naye uAshera* wasala eSamariya.
7Ngokuba akashiyanga abantu kuJehowahazi, kuphela abamahashi abangamashumi ayisihlanu, nezinqola eziyishumi, nemigundatshani eyizinkulungwane eziyishumi, ngokuba inkosi yaseAramu yabachitha, yabenza baba-njengothuli ekubhuleni.
8Ezinye izindaba zikaJehowahazi, nakho konke akwenzayo, namandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli na?
9UJehowahazi wayeselala koyise; bammbela eSamariya; uJowashi indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
10Ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa kaJowashi inkosi yakwaJuda uJehowashi indodana kaJehowahazi waba-yinkosi kwaIsrayeli eSamariya, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha.
11Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga kuzo zonke izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo uIsrayeli, kodwa wahamba kuzo.
12Ezinye izindaba zikaJowashi, nakho konke akwenzayo, namandla akhe alwa ngawo noAmasiya inkosi yakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaIsrayeli na?
13UJowashi wayeselala koyise; uJerobowamu wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi; uJowashi wembelwa eSamariya namakhosi akwaIsrayeli.
Ukugula nokufa kukaElisha
14UElisha esegula ngesifo afa ngaso, uJowashi inkosi yakwaIsrayeli wehlela kuye, wamkhalela wathi: Baba, Baba, nqola kaIsrayeli nabamahashi bakhe!
15UElisha wathi kuye: Thatha umnsalo nemicibisholo; wathatha-ke umnsalo nemicibisholo.
16Wathi enkosini yakwaIsrayeli: Beka isandla sakho emnsalweni; yabeka-ke isandla sayo. UElisha wabeka izandla zakhe phezu kwezandla zenkosi.
17Wathi: Vula ifasitele ngasempumalanga; yalivula. Wayesethi uElisha: Cibishela; yacibishela-ke. Wathi: Ngumcibisholo kaJehova wokusindisa, umcibisholo wokusindiswa kuma-Aramu, ngokuba uyakubulala ama-Aramu eAfeki, uwaqede.
18Wayesethi: Thatha imicibisholo; yayithatha-ke. Wathi enkosini yakwaIsrayeli: Shaya emhlabathini; yashaya kathathu, yayeka.
19Lowomuntu kaNkulunkulu wayithukuthelela, wathi: Uma ubushayé kahlanu noma kayisithupha, wawulahlulile iAramu waze waliqeda, kepha manje uyakulahlula iAramu kathathu kuphela.
20Wayesefa uElisha, bammbela. Amaviyo akwaMowabi angenela izwe ngasekwethwaseni komnyaka.
21Kwathi lapho besammbela umuntu othile, bheka, babona iviyo; bamlahla umuntu ethuneni likaElisha; lowomuntu wanele ukuthinta nje amathambo kaElisha, waphila, wema ngezinyawo zakhe.
Ama-Aramu ayahlulwa
22UHazayeli inkosi yaseAramu wayecindezele uIsrayeli zonke izinsuku zikaJehowahazi.
23Kodwa uJehova wayenomusa kubo, wayenesihe kubo, wabanakekela ngenxa yesivumelwano sakhe noAbrahama noIsaka noJakobe, akathandanga ukubachitha, futhi wayengakabalahli ebusweni bakhe.
24UHazayeli inkosi yaseAramu wafa; uBeni-Hadadi indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.
25UJehowashi indodana kaJehowahazi wabuye waphuca esandleni sikaBeni-Hadadi indodana kaHazayeli leyomizi ayaphucile esandleni sikaJehowahazi uyise ngokulwa. UJowashi wamahlula kathathu, wabuyisa imizi yakwaIsrayeli.