UAhazi uyinkosi kwaJuda
1Ngomnyaka weshumi nesikhombisa kaPheka indodana kaRemaliya uAhazi indodana kaJothamu, inkosi yakwaJuda, waba-yinkosi.
2UAhazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe njengoDavide uyise.
3Kepha wahamba ngendlela yamakhosi akwaIsrayeli, yebo, wadabulisa nendodana yakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwaIsrayeli.
4Wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo, nasemagqumeni, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.
5Ngalesosikhathi uResini inkosi yaseAramu noPheka indodana kaRemaliya inkosi yakwaIsrayeli benyukela eJerusalema ukulwa nalo; bamvimbezela uAhazi, kepha babengenakumahlula.
6Ngalesosikhathi uResini inkosi yaseAramu wabuyisela iElati eAramu, waxosha abaJuda e-Elati; ama-Aramu afika e-Elati, ahlala khona kuze kube-namuhla.
7UAhazi wathuma izithunywa kuThigilati-Phileseri inkosi yaseAsiriya ngokuthi: Mina ngiyinceku yakho nendodana yakho: yenyuka, ungisindise esandleni senkosi yaseAramu nasesandleni senkosi yakwaIsrayeli angivukelayo.
8UAhazi wathatha isiliva negolide elafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi, walithuma enkosini yaseAsiriya laba-yisipho.
9Inkosi yaseAsiriya yamlalela; inkosi yaseAsiriya yenyuka ukuhlasela iDamaseku, yalithatha, yathumbela abantu balo eKhiri, yambulala uResini.
10Inkosi uAhazi yaya eDamaseku ukumhlangabeza uThigilati-Phileseri inkosi yaseAsiriya, yabona ialtare elaliseDamaseku; inkosi uAhazi yathumela ku-Uriya umpristi isimo sealtare nesifanekiso salo njengokwenziwa kwalo konke.
11U-Uriya umpristi wayesakha ialtare; njengakho konke inkosi uAhazi ebikuthumile iseDamaseku walenze njalo u-Uriya umpristi, yaze yabuya inkosi uAhazi eDamaseku.
12Inkosi isibuyile eDamaseku, inkosi yalibona ialtare; inkosi yasondela ealtare, yenyukela kulo.
13Yashisa umnikelo wayo wokushiswa nomnikelo wayo wempuphu, yathulula umnikelo wayo wokuphuzwa, yafafaza igazi leminikelo yokuthula ealtare.
14Kepha ialtare lethusi elaliphambi kukaJehova, yalisusa ngaphambi kwendlu phakathi kwealtare nendlu kaJehova, yalibeka ohlangothini lwasenyakatho lwealtare layo.
15Inkosi uAhazi yamyala u-Uriya umpristi ngokuthi: Shisa ealtare elikhulu umnikelo wokushiswa wasekuseni, nomnikelo wempuphu wakusihlwa, nomnikelo wokushiswa wenkosi, nomnikelo wayo wempuphu kanye nomnikelo wokushiswa wabo bonke abantu bezwe, nomnikelo wabo wempuphu, neminikelo yabo yokuphuzwa, ulifafaze ngalo lonke igazi lomnikelo wokushiswa nalo lonke igazi lomhlatshelo; kodwa ialtare lethusi liyakuba-ngelami ukubuza ngalo.
16U-Uriya umpristi wenza njengakho konke inkosi uAhazi eyalé ngakho.
17Inkosi uAhazi yanquma izindini zezinqe, yasusa kuzo umcengezi wokugeza, yehlisa ulwandle ezinkabini zethusi ezaziphansi kwawo, yawubeka endaweni egandaywé ngamatshe.
18Indlela esibekelweyo yesabatha ababeyakhé endlini nendawo yokungena yenkosi engaphandle yakuphambukisela endlini kaJehova ngenxa yenkosi yaseAsiriya.
19Ezinye izindaba zika-Ahazi azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
20UAhazi wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; uHezekiya indodana yakhe waba-yinkosi esikhundleni sakhe.