Amazwi okugcina kaDavide
1Lawa angamazwi okugcina kaDavide.
UDavide indodana kaJese uthi,
umuntu owaphakanyiselwa phezulu uthi,
ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobe
nomhlabeleli omnandi wakwaIsrayeli usho ukuthi:
2UMoya kaJehova wakhuluma ngami;
izwi lakhe lalisolimini lwami.
3UNkulunkulu kaIsrayeli wathi,
iDwala likaIsrayeli lakhuluma kimi ukuthi:
Obusa abantu ngokulunga,
abuse ngokumesaba uNkulunkulu,
4unjengokukhanya kwasekuseni
ekuphumeni kwelanga,
isasa elingenamafu,
lapho kuvela ekukhanyeni uhlaza emhlabathini emva kwemvula.
5Ayinjalo indlu yami kuNkulunkulu na?
Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade;
sihleliwe ezintweni zonke, sigcinekile,
ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwami
akayikukuhlumisa na?
6Kepha onke amashinga ayakubanjengameva alahlwayo,
ngokuba angephathwe ngesandla.
7Kodwa umuntu owathintayo
wohlonyiswa ngensimbi nangothi lomkhonto,
aze ashiswe nokushiswa ngomlilo kuleyondawo.
Amaqhawe kaDavide
8Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UJoshebi-Bashebeti waseTahekemoni, inhloko yabathathu; nguyena owaphakamisa umkhonto wakhe, walwa nabantu abangamakhulu ayisishiyagalombili abagwazwa ngasikhathi sinye.
9Emva kwakhe kwakunguEleyazare indodana kaDodayi indodana yomAhohi, omunye wamaqhawe amathathu ayenoDavide mhla edelela amaFilisti ayebuthene lapho ukulwa, abantu bakwaIsrayeli sebehambile;
10wasuka wabulala amaFilisti saze sakhathala isandla sakhe, isandla sakhe sanamathela enkembeni; uJehova wenza insindiso enkulu ngalolosuku; abantu babuya emva kwakhe ukuba baphange kuphela.
11Emva kwakhe kwakunguShama indodana ka-Age umHarari. AmaFilisti ayebuthene eLehi, lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele imbumba; abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.
12Kepha wayemi phakathi nesiqephu, wasivikela, wawabulala amaFilisti; uJehova wenza insindiso enkulu.
13Kwehla abathathu kwabayizinhloko ezingamashumi amathathu, bafika kuDavide ngesikhathi sokuvuna emhumeni waseAdulamu; impi yamaFilisti yayimisé esiGodini samaRefa.
14UDavide wayesesenqabeni; ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema.
15UDavide wanxanela, wathi: Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema ongasesangweni.
16Lawomaqhawe amathathu afohla ikamu* lamaFilisti, akha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni, awathatha, awaletha kuDavide; kepha akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova.
17Wathi: Makube-kude nami, Jehova, ukuba ngenze lokhu; kuyigazi lalabobantu ababesuka besengozini. Akavumanga ukuwaphuza. Lezozinto zenziwa yilawamaqhawe amathathu.
18UAbishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba-negama phakathi kwalabo abathathu.
19Wayengengotusekayo phakathi kwamashumi amathathu na? Ngalokho wabayisikhulu sabo, kepha akafinyelelanga nokho kwabathathu bokuqala.
20UBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenzé imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa,
21wabulala nowaseGibithe, umuntu owabukeka emuhle; owaseGibithe wayephethe umkhonto esandleni sakhe, kepha wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe.
22Lezozinto wazenza uBenaya indodana kaJehoyada, waba-negama phakathi kwalawomaqhawe amathathu.
23Wayetuseka kunabangamashumi amathathu, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala. UDavide wambeka phezu kwabalindi bakhe.
24Phakathi kwabangamashumi amathathu kwakukhona uAsaheli umfowabo kaJowabe, noElihanani indodana kaDodo waseBetlehema,
25noShama waseHarodi, noElika waseHarodi,
26noHelesi wasePaliti, noIra indodana kaIkheshi waseThekhowa,
27noAbiyezeri waseAnathoti, noMebunayi umHushati,
28noSalimoni umAhohi, noMaharayi waseNethofa,
29noHelevi indodana kaBahana waseNethofa, noIthayi indodana kaRibayi waseGibeya labantwana bakwaBenjamini,
30noBenaya wasePirathoni, noHidayi wangasemifudlaneni yakwaGahashi,
31noAbi-Aliboni waseAraba, noAzimaveti waseBarhumi,
32noEliyaba waseShahaliboni, noBene-Jasheni, noJonathani,
33noShama waseHarari, noAhiyamu indodana kaSharari waseArari,
34noElifeleti indodana ka-Ahashibayi indodana yomMahakha, noEliyamu indodana ka-Ahithofeli waseGilo,
35noHeserayi waseKarmeli, noPhaharayi waseArabi,
36noIgali indodana kaNathani waseSoba, noBani wakwaGadi,
37noSeleki wakwa-Amoni, noNaharayi waseBeroti, izindibi zezikhali zikaJowabe indodana kaSeruya,
38noIra waseJetheri, noGarebi waseJetheri,
39noUriya umHeti, bengamashumi amathathu nesikhombisa bebonke.