Umhlangano wabaphostoli eJerusalema ngomthetho kaMose
1Kwehla abathile eJudiya, bafundisa abazalwane ukuthi: Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.
2Kuthé ukuba kuvele ukuphambana nokuphikisana okukhulu phakathi kwabo noPawulu noBarnaba, banquma ukuba oPawulu noBarnaba nabathile kubo bakhuphukele eJerusalema kubaphostoli namalunga ngaleyondaba.
3Ngalokho bephelekezelwe yibandla badabula iFenike neSamariya, balandisa ukuphenduka kwabezizwe, benzela bonke abazalwane intokozo enkulu.
4Sebefikile eJerusalema bamukelwa yibandla nabaphostoli namalunga, bakubika konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo.
5Kepha kwasukuma abathile behlelo labaFarisi abakholwayo, bathi kumelwe ukuba basokwe, bayalwe ukugcina umthetho kaMose.
6Base bebuthana abaphostoli namalunga, ukuze bayihlole leyondaba.
7Sebephikisene kakhulu, wasukuma uPetru, wathi kubo: Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi sekukade uNkulunkulu wakhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe.
8UNkulunkulu owazi inhliziyo wabafakazela, ebapha uMoya oNgcwele njengathi;
9futhi akahlukanisanga ngalutho phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa.
10Manje-ke nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esasingenamandla okulithwala na?
11Kepha siyakholwa ukuthi sisindiswa ngomusa weNkosi uJesu ngandlelanye nabo.
12Isixuku sonke sathula; babelalela oBarnaba noPawulu belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke uNkulunkulu abezenzile ngabo phakathi kwabezizwe.
13Kepha sebethulile, uJakobe wathatha wathi: Madoda, bazalwane, ngilaleleni.
14USimeyoni uselandile ngokuhlela kukaNkulunkulu ekuqaleni ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe.
15Namazwi abaprofethi ayavumelana nalokho, njengalokho kulotshiwe ukuthi:
16Emva kwalokho ngiyakubuya,
ngiyakhe futhi indlu kaDavide ewileyo,
yebo, ngibuye ngakhe okudilikileyo kwayo,
ngiyimise,
17ukuze abaseleyo babantu kanye nabezizwe bonke bayifune iNkosi,
elibizwé phezu kwabo igama lami,
isho iNkosi ekwenza lokhu,
18okwaziwa kwaphakade.
19Ngakho mina ngithi masingabakhathazi labo kwabezizwe abaphendukela kuNkulunkulu,
20kodwa masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokuqumbeleneyo, nawegazi.
21Ngokuba uMose unabo abashumayelayo emizini yonke kwasezizukulwaneni zasendulo efundwa emasinagogeni* amasabatha ngamasabatha.
22Khona kwaba-kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela eAntiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo, uJuda othiwa uBarsaba noSila, amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane,
23baloba ngesandla sabo ngokuthi: Abaphostoli namalunga, abazalwane, bayabingelela abazalwane abavela kwabezizwe abaseAntiyokiya, nabaseSiriya, nabaseKhilikhiya.
24Njengalokho sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathazile ngamazwi, benyakazisa imiphefumulo esingabayalelanga khona,
25kwaba-kuhle kithi sesinhliziyonye ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu oBarnaba noPawulu,
26abantu abadelé ukuphila kwabo ngenxa yegama leNkosi yethu uJesu Kristu.
27Ngalokho sithumile oJuda noSila abazakunitshela lezozinto ngomlomo.
28Ngokuba kwaba-kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanithwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezizinto ezifunekayo
29zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kulezozinto, noba nenza kahle. Salani kahle.
30Ngakho sebemukisiwe behlela eAntiyokiya, balibutha ibandla, balinika incwadi.
31Sebeyifundile bathokoza ngenduduzo yayo.
32OJuda noSila, njengokuba nabo bengabaprofethi, babaduduza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa.
33Sebehlalé khona isikhathi, bamukiswa ngabazalwane ngokuthula, babuyela kubo ababathumileyo.
34Kepha kwaba-kuhle kuSila ukuba asale khona.
35Kodwa oPawulu noBarnaba bahlala eAntiyokiya, befundisa beshumayela izwi leNkosi kanye nabanye abaningi.
Ukwahlukana kukaPawulu noBarnaba
36Emva kwezinsuku ezithile uPawulu wayesethi kuBarnaba: Ake sibuye, sihambele abazalwane emizini yonke ngaminye esashumayela kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.
37UBarnaba wahlosa ukuhamba noJohane othiwa uMarku.
38Kepha uPawulu wathi akufanele ukuba bahambe naye owabashiya ePhamfiliya, akaze aya nabo emsebenzini.
39Kwase kuvela ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana; uBarnaba wathatha uMarku, wawelela eKhupro ngomkhumbi.
Uhambo lwesibili lukaPawulu
40Kepha uPawulu wazikhethela uSila, wahamba enikelwe ngabazalwane emseni weNkosi.
41Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.