1Usho kanje uJehova, uthi:
Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaMowabi,
yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,
ngokuba washisa amathambo enkosi yakwaEdomi
aba-ngumcako.
2Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi,
uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote,
uMowabi afe ngokuxokozela,
nangokumemeza, nangokukhala kwecilongo.
3Ngiyakunquma umahluleli phakathi kwakhe,
ngibulale zonke izikhulu zakhe kanye naye, usho uJehova.
4Usho kanje uJehova, uthi:
Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda,
yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,
ngokuba bawulahlile umthetho kaJehova,
abagcinanga izimiso zakhe,
namanga abo abadukisile,
abawalandelayo nawoyise.
5Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda,
uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.
6Usho kanje uJehova, uthi:
Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaIsrayeli,
yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka,
ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva,
nompofu ngamabhangqa ezicathulo.
7Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe-sothulini lomhlabathi,
bachezukisa indlela yabathobileyo;
indoda noyise baya entombininye,
ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,
8bacambalale ezingutsheni
ezithathwé zaba-yisibambiso
eceleni kwawo onke ama-altare,
baphuze iwayini labahlawulisiweyo
endlini kaNkulunkulu wabo.
9Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo,
akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari*,
ayenamandla njengamaoki*;
kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu
nezimpande zawo phansi.
10Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe,
nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlane
ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori.
11Ngavusa kumadodana enu abaprofethi
nasezinsizweni zenu amaNaziri*.
Akunjalo, nina-bantwana bakwaIsrayeli, na? usho uJehova.
12Kepha naphuzisa amaNaziri iwayini,
nayaleza abaprofethi
ngokuthi: Ningaprofethi.
13Bhekani, ngiyakunicindezela endaweni yenu
njengengqukumbane icindezela, igcwele izithungu.
14Onejubane uyakuswela ukubaleka;
onamandla akayikuqinisa amandla akhe,
neqhawe aliyikuzikhulula.
15Obambé umnsalo akayikuma;
onejubane ngezinyawo zakhe kayikuzikhulula,
nokhwele ihashi akayikuzikhulula;
16onesibindi phakathi kwamaqhawe
uyakubaleka-ze ngalolosuku, usho uJehova.