UIsrayeli uyabizwa ukuba aphenduke
1Zwanini lelizwi engiliphakamisa phezu kwenu libe-yisililo ngendlu kaIsrayeli.
2Iwile intombi yakwaIsrayeli, ayisayikuvuka;
iphonsiwe phansi, akakho ongayivusa.
3Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi:
Umuzi owaphuma uyinkulungwane uyakushiya ikhulu,
nowaphuma uyikhulu uyakushiya ishumi kuyo indlu yakwaIsrayeli.
4Ngokuba usho kanje uJehova kuyo indlu yakwaIsrayeli, uthi:
Ngifuneni, niphile.
5Kepha ningalifuni iBethele,
ningangeni eGiligali,
ningadluleli eBeri-Sheba,
ngokuba iGiligali liyakuthunjwa nokuthunjwa,
neBethele liyakuba-yize.
6Funani uJehova, niphile,
funa afikele indlu kaJosefa njengomlilo,
udle, kungekho owucimayo eBethele,
7nina enihlanekezela ukwahlulela kube-ngumhlonyane,
nilahle phansi ukulunga;
8nimfune owenza isiLimela neMpambano,
ophendula ithunzi lokufa libe-ngukusa,
ayenze imini ibe-mnyama njengobusuku,
obiza amanzi olwandle,
awathululele ebusweni bomhlaba —
nguJehova igama lakhe —
9owenza ukuchitha ukuba kunyazime phezu kwabanamandla,
nencithakalo ukuba yehlele izinqaba.
10Bayamzonda ofakazela ukulunga esangweni;
okhuluma ubuqotho banengwa nguye.
11Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu,
namukele kuye isipho samabele,
noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyo
aniyikuhlala kuzo,
nokuba nitshala izivini ezinhle
aniyikuphuza iwayini lazo.
12Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu ziningi
nokuthi izono zenu zinkulu,
nina enicindezela abalungileyo, namukela umvuzo,
nenichezukisa abampofu esangweni.
13Ngalokho ohlakaniphileyo uyakuthula ngalesosikhathi,
ngokuba kuyisikhathi esibi lesi.
14Funani okuhle, hayi okubi,
ukuze niphile,
abe-nani uJehova uNkulunkulu-Sebawoti kanjalo,
njengalokhu nisho.
15Zondani okubi, nithande okuhle,
nimise ukwahlulela esangweni;
mhlawumbe uJehova uNkulunkulu-Sebawoti uyakuba-nomusa
kuyo insali yakwaJosefa.
16Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu-Sebawoti, iNkosi, uthi:
Ezigcawini zonke kuyakuba-khona ukukhala,
nakuzo zonke izitaladi bayakusho ukuthi: Maye, maye!
babize umlimi ukuba akhale,
nabaziyo izililo ukuba balile;
17nakuzo zonke izivini kuyakuba-khona ukukhala,
ngokuba ngiyakudlula phakathi kwakho, usho uJehova.
Usuku lukaJehova
18Wo kinina enifisa usuku lukaJehova!
Luyakunisizani usuku lukaJehova?
Lungubumnyama, alusikho ukukhanya.
19Kunjengalokhu umuntu ebalekela ingonyama,
kuhlangane naye ibhere*,
noma engena endlini
encike ngesandla odongeni,
alunywe yinyoka.
20Lungubumnyama usuku lukaJehova, alusikho ukukhanya,
nesigayegaye okungekho kuso ukukhazimula.
21Ngiyayizonda, ngiyayidelela imikhosi yenu,
angenameli imihlangano yenu.
22Noma ninikela kimi ngeminikelo yenu yokushiswa kanye neminikelo yenu yempuphu,
angiyenameli,
futhi angibheki iminikelo yenu yokubonga yamathole akhuluphalisiweyo.
23Susa kimi umsindo wezihlabelelo zakho,
angiyikuzwa imvunge yezingubhu zakho.
24Kepha ukwahlulela makugobhoze njengamanzi,
nokulunga njengomfula onganqamukiyo.
25Naletha kimi imihlatshelo neminikelo yempuphu ehlane
iminyaka engamashumi amane, ninandlu kaIsrayeli, na?
26Seniyakuthwala uSakuti inkosi yenu
noKhewani inkanyezi kankulunkulu wenu,
izithombe zenu enizenzele zona.
27Ngiyakunenza ukuba nithunjelwe ngaphesheya kweDamaseku,
usho uJehova ogama lakhe linguNkulunkulu-Sebawoti.