Ukunaka okwaphezulu
1Ngakho uma navuswa kanye noKristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKristu, ehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu;
2nakani okwaphezulu, ninganaki okusemhlabeni.
3Ngokuba nafa, ukuphila kwenu kufihliwe noKristu kuNkulunkulu;
4nxa ebonakaliswa uKristu ongukuphila kwethu, khona-ke nani niyakubonakaliswa kanye naye ekukhazimuleni.
5Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe, okungukukhonza izithombe,
6okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu,
7ekade nihamba kukho nani, lapho nisahlezi kukho;
8kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu;
9ningaqambelani amanga, lokhu nikhumulé umuntu omdala kanye nezenzo zakhe,
10nembethe omusha, owenziwa-musha abe-nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo,
11lapho kungekho-mGreki namJuda, ukusoka nokungasoki, owezizwe noma umSkithe, isigqila noma okhululekileyo, kepha uKristu uyikho konke, ukubo bonke.
12Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubhekakade,
13nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enensolo komunye; njengokuba neNkosi yanithethelela, yenzani njalo nani.
14Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.
15Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani-ngababongayo.
16Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.
17Konke enikwenzayo, noma kungezwi noma kungomsebenzi, kwenzeni konke egameni leNkosi uJesu, nimbonge uNkulunkulu uYise ngaye.
Ukuphathana kwabomuzi
18Bafazi, thobelani amadoda enu njengokufanele eNkosini.
19Madoda, thandani omkenu, ningabacasukeli.
20Bantwana, lalelani abazali benu ezintweni zonke, ngokuba lokho kuyathandeka eNkosini.
21Boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu ukuba bangadangali.
22Zinceku, lalelani ezintweni zonke labo abangamakhosi enu ngokwenyama, kungengokuthenga amehlo njengabathokozisa abantu kodwa ngobuqotho benhliziyo, niyesabe iNkosi.
23Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu,
24nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.
25Ngokuba lowo owenza ukungalungi uyakwamukeliswa ukungalungi akwenzileyo; akukho ukukhetha umuntu.