Izibhebhe zamatshe zomthetho
1UMose namalunga akwaIsrayeli bayala abantu, bathi: Gcinani yonke imiyalo esiniyala ngayo namuhla.
2Kuyakuthi mhla niwela iJordani ukuya ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, uzimisele amatshe amakhulu, uwanameke ngodaka,
3ulobe kuwo amazwi onke alomthetho, nxa usuwelile ukuba ungene ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, izwe elivamé ubisi nezinyosi njengokukwethembisa kukaJehova uNkulunkulu wawoyihlo.
4Kuyakuthi lapho seniliwelile iJordani, nimise lawamatshe enginiyala ngawo namuhla entabeni yase-Ebali, uwanameke ngodaka.
5Uyakumakhela khona uJehova uNkulunkulu wakho ialtare, ialtare lamatshe, ungawaphakamiseli into yensimbi.
6Uyakwakha ialtare likaJehova uNkulunkulu wakho ngamatshe apheleleyo, unikele kulo ngeminikelo yokushiswa kuJehova uNkulunkulu wakho,
7uhlabe iminikelo yokuthula, udle khona, wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.
8Uyakuloba ematsheni onke amazwi alomthetho, uwaqophisise kahle.
9UMose nabapristi bamaLevi bakhuluma kuwo wonke uIsrayeli, bathi: Thula, ulalele, Israyeli: namuhla sewuyisizwe sikaJehova uNkulunkulu wakho.
10Ngalokho wolilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.
Izibusiso neziqalekiso zabakwaIsrayeli
11UMose wayala abantu ngalona lolosuku, wathi:
12Laba bayakuma entabeni yaseGerizimu ukubusisa abantu, lapho seniwelile iJordani: oSimeyoni, noLevi, noJuda, noIsakare, noJosefa, noBenjamini;
13laba bayakuma entabeni yase-Ebali babe-ngabokuqalekisa: oRubeni, noGadi, noAsheri, noZebuloni, noDani, noNafetali.
14AmaLevi ayakuphendula, athi kuwo onke amadoda akwaIsrayeli ngezwi elikhulu:
15Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese. Bonke abantu bayakuphendula bathi: Amen.
16Makaqalekiswe odelela uyise noma unina. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.
17Makaqalekiswe osusa isikhonkwane somakhelwane wakhe. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.
18Makaqalekiswe ophundula impumputhe endleleni. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.
19Makaqalekiswe ophendukezela isahlulelo somfokazi, nesentandane, nesomfelokazi. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.
20Makaqalekiswe olala nomkayise, ngokuba wambulile umphetho wengubo kayise. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.
21Makaqalekiswe olala nesilwane. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.
22Makaqalekiswe olala nodadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.
23Makaqalekiswe olala nomkhwekazi. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.
24Makaqalekiswe obulala umakhelwane wakhe ngasese. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.
25Makaqalekiswe owamukela umvuzo ukuba abulale ongenacala, achithe igazi lakhe. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.
26Makaqalekiswe ongawaqinisi amazwi alomthetho ukuba awenze. Bonke abantu bayakusho ukuthi: Amen.