Ukufa kukaMose
1UMose wakhuphuka emathafeni akwaMowabi, waya entabeni yaseNebo esiqongweni sasePisiga esimalungana neJeriko. UJehova wamtshengisa izwe lonke lakwaGileyadi kwaze kwaba-kwaDani,
2noNafetali wonke, nezwe lakwaEfrayimi, nelakwaManase, nezwe lonke lakwaJuda kwaze kwaba-selwandle lwasentshonalanga,
3neNingizimu, nethafa lesigodi saseJeriko umuzi wamasundu kwaze kwabaseSowari.
4UJehova wathi kuye: Nanti izwe engalifungela oAbrahama, noIsaka, noJakobe, ngathi: Ngiyakunika lona inzalo yakho; ngikubonisé lona ngamehlo akho, kepha awuyikuwela khona.
5Wayesefela khona ezweni lakwaMowabi uMose inceku kaJehova njengezwi likaJehova.
6Wammbela esigodini sasezweni lakwaMowabi malungana neBeti-Peyori, kepha akukho-muntu olaziyo ithuna lakhe kuze kube-namuhla.
7UMose wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili ekufeni kwakhe; iso lakhe lalingafiphele, amandla akhe ayengakanciphi.
8Abantwana bakwaIsrayeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala ekumlileleni uMose.
9UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebekile izandla zakhe phezu kwakhe; abantwana bakwaIsrayeli bamlalela-ke, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.
10Akuvelanga ngasemuva kwaIsrayeli umprofethi onjengoMose, owazana noJehova ubuso nobuso
11ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke amthumela uJehova ukuba azenze ezweni laseGibithe kuFaro, nakuzo zonke izinceku zakhe, nakulo lonke izwe lakubo,
12nangesandla sonke esinamandla nangayo yonke ingebhe enkulu akwenza uMose emehlweni abo bonke abakwaIsrayeli.