Inkulumo kaMose isaqhubeka
1Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.
2Aniyikuthasisela ezwini enginiyala ngalo, ninganciphisi futhi kulo, ukuba nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.
3Amehlo enu abonile okwenziwa nguJehova ngenxa kaBali-Peyori ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wabachitha phakathi kwakho bonke abantu ababemlandela uBali-Peyori.
4Kodwa nina enanamathela kuJehova uNkulunkulu wenu nisekhona nonke nanamuhla.
5Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo njengokungiyala kukaJehova uNkulunkulu wami ukuthi niyakwenza kanjalo phakathi kwezwe eningena kulo ukulidla.
6Ngalokho manizigcine, nizenze, ngokuba lokhu kungukuhlakanipha kwenu nokuqonda kwenu emehlweni ezizwe eziyakuzizwa zonke lezizimiso, zithi: Impela lesisizwe esikhulu singabantu abahlakaniphileyo nabaqondileyo.
7Ngokuba yisiphi isizwe esikhulu esinonkulunkulu oseduze naso njengoJehova uNkulunkulu wethu, enjalo nanini lapho simbiza, na?
8Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezahlulelo ezilungile niengawo wonke lomthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na?
9Kepha xwaya, ugcine kahle umphefumulo wakho, funa ukhohlwe izinto azibonayo amehlo akho, zimuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho; bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana bakho:
10usuku owema ngalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho eHorebe, lapho uJehova wathi kimi: Ngibuthele abantu, ngibezwise amazwi ami ukuba bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, bafundise nabantwana babo.
11Nase nisondela, nema phansi kwentaba; intaba yavutha umlilo kwaze kwaba-phakathi kwezulu, inobumnyama, namafu, nesigayegaye.
12UJehova wayesekhuluma kini ephakathi komlilo; nezwa izwi likhuluma, kepha anibonanga-simo, kwakuyizwi kuphela.
13Wanimemezelela isivumelwano sakhe aniyala ngaso ukuba nisenze, imiyalelo eyishumi; wayiloba ezibhebheni ezimbili zamatshe.
14UJehova wanginika ngalesosikhathi ukunifundisa izimiso nezahlulelo ukuba nizenze ezweni eningena kulo ukulidla.
15Gcinani kahle imiphefumulo yenu, lokhu ningabonanga-simo ngalolosuku uJehova akhuluma ngalo kini eHorebe ephakathi komlilo,
16funa none, nizenzele izithombe ezibaziweyo, isimo somfanekiso wowesilisa noma owowesifazane,
17noma umfanekiso wesilwane esisemhlabeni, noma umfanekiso wenyoni enamaphiko, endizayo emkhathini,
18noma umfanekiso wesilwanyana esinwabuzelayo emhlabeni, noma umfanekiso wenhlanzi esemanzini phansi komhlaba,
19funa uphakamisele amehlo akho ezulwini, nalapho ubona ilanga nenyanga nezinkanyezi, lonke ibandla lezulu, uyengwe, uze ukhuleke kukho, ukukhonze, okwabelwe izizwe zonke eziphansi kwezulu nguJehova uNkulunkulu wakho.
20Kepha uJehova wakuthatha, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibithe, ube-ngabantu befa kuye njenganamuhla.
21Futhi uJehova wangithukuthelela ngenxa yenu, wafunga ukuthi angiyikuwela iJordani nokuthi angiyikungena kulelozwe elihle uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe-yifa lakho,
22kepha ngimelwe ukufa mina kulelizwe, ngingaweli iJordani; kodwa nina niyakuwela, nilidle lelozwe elihle.
23Xwayani, funa nikhohlwe isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu owasenza nani ngokuzenzela izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento uJehova uNkulunkulu wakho akwenqabela yona.
24Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.
25Nxa uyakuzala abantwana nabantwana babantwana, nanxa senihlalé isikhathi eside ezweni, none, nenze izithombe ezibaziweyo ngomfanekiso wento ethile, nenze okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho, nimthukuthelise,
26ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi niyakuphela nokuphela masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukuba nilidle; aniyikwandisa izinsuku zenu kulo: niyakuqothulwa nokuqothulwa.
27UJehova uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uJehova eyakuniholela khona.
28Lapho niyakukhonza onkulunkulu, umsebenzi wezandla zabantu, imithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangahogeli.
29Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.
30Uma usekuhluphekeni, zikwehlela zonke lezizinto, uyakuphendukela kuJehova uNkulunkulu wakho ngezinsuku zokugcina, ulalele izwi lakhe,
31ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa; akayikukushiya, angakubhubhisi, angakhohlwa isivumelwano sawoyihlo asifungela bona.
32Ngokuba ake ubuze izinsuku ezidlulileyo ezaziphambi kwakho, kusukela osukwini uNkulunkulu adala ngalo umuntu emhlabeni, kusukela kolunye uhlangothi lwezulu kuze kufike kolunye, uma kwake kwaba-khona into engaka nokuba kwake kwezwakala okungangayo na?
33Abantu bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma livela phakathi komlilo, njengalokho wena uzwile, baphile, na?
34UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uJehova uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?
35Wena waboniswa lokho ukuba wazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu, akakho omunye ngaphandle kwakhe.
36Esezulwini wakuzwisa izwi lakhe ukuba akufundise; emhlabeni wakubonisa umlilo wakhe omkhulu; wena wezwa amazwi akhe evela phakathi komlilo.
37Lokhu ebethanda oyihlo wakhetha inzalo yabo emva kwabo, wakukhipha yena uqobo ngamandla akhe amakhulu eGibithe
38ukuba axoshe izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe phambi kwakho, angenise wena, akunike izwe labo libe-yifa lakho njenganamuhla.
39Yazi namuhla, ukungenise enhliziyweni yakho ukuthi uJehova unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi; akakho omunye.
40Wogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuba kube-kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, wandise izinsuku zakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona kuze kube-phakade.
Ukwahlukaniswa kwemizi emithathu yokuphephela
41Khona uMose wahlukanisa imizi emithathu ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga
42ukuba umbulali abalekele khona, obulala umakhelwane wakhe kungengamabomu, ebekade engamzondi, wothi aphile uma ebalekela komunye waleyomizi:
43iBeseri elisehlane ezweni lethafa libe-ngowabakwaRubeni, neRamoti elikwaGileyadi libe-ngowabakwaGadi, neGolanu eliseBashani libe-ngowabakwaManase.
44Yiwo umthetho uMose awubeka phambi kwabantwana bakwaIsrayeli;
45yibo ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uMose akukhulumayo kubantwana bakwaIsrayeli ekuphumeni kwabo eGibithe,
46ngaphesheya kweJordani esigodini malungana neBeti-Peyori ezweni likaSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni, owanqotshwa nguMose nabantwana bakwaIsrayeli ekuphumeni kwabo eGibithe.
47Balithatha izwe lakhe, balidla kanye nezwe likaOgi inkosi yaseBashani, amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasempumalanga,
48kusukela eAroweri eliseceleni kwesigodi saseArinoni kuze kube-sentabeni yaseSiyoni eyiHermoni,
49nalo lonke iAraba ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, kuze kube-seLwandle lwaseAraba phansi kwemithambeka yasePisiga.