Idili lika-Ahashiveroshi
1Kwathi emihleni ka-Ahashiveroshi — yena unguAhashiveroshi lowo owabusa kusukela eIndiya kuze kube-seKushe phezu kwezifunda eziyikhulu namashumi amabili nesikhombisa —
2yebo, ngaleyomihla lapho inkosi uAhashiveroshi ihlezi esihlalweni sobukhosi sombuso wayo esasiseShushani endlini yenkosi,
3ngomnyaka wesithathu wokubusa kwayo, yenzela izikhulu zayo zonke nezinceku zayo idili, amaqhawe asePheresiya naseMediya, nabakhulu nezikhulu zezifunda bephambi kwayo,
4lapho iyibonakalisa ingcebo yombuso wayo odumileyo, nobukhosi nobuhle bobukhulu bayo izinsuku eziningi, izinsuku eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.
5Seziphelile lezozinsuku, inkosi yenzela abantu bonke ababekhona eShushani endlini yenkosi, abakhulu nabancane, idili izinsuku eziyisikhombisa egcekeni lensimu yendlu yenkosi.
6Kwakukhona izilenge ezimhlophe neziluhlaza, ziboshelwe ngezintambo zelineni elicolekileyo nezibubende emasongweni esiliva nasezinsikeni zamatshe amhlophe; imibhede yayiyigolide nesiliva phezu kwendawo egandaywé ngamatshe abomvu, nangamaparele*, nangamatshe amnyama.
7Baphuziswa ngezitsha zegolide, izitsha zahlukene ezinye nezinye, iwayini lamakhosi eliningi njengokwesandla senkosi.
8Ukuphuza kwaya ngomthetho wokuba kungacindezelwa-muntu, ngokuba inkosi yayiyalile zonke izinduna zendlu yayo ukuba zenze njengokuthanda kwabantu abanye ngabanye.
9Naye uVashiti inkosikazi wenzela abesifazane idili endlini yenkosi uAhashiveroshi.
10Ngosuku lwesikhombisa, lapho inhliziyo yenkosi isithokoza ngewayini, yayala oMehumani, noBizitha, noHaribona, noBigitha, noAbagitha, noZethari, noKarikasi, izinduna eziyisikhombisa ezazikhonza ebusweni buka-Ahashiveroshi inkosi.
11ukuba zimlethe uVashiti inkosikazi phambi kwenkosi, abe-nomqhele wobukhosi ukuba abonise abantu nezikhulu ubuhle bakhe, ngokuba wayebukeka kahle.
12Kepha inkosikazi uVashiti yenqaba ukuza ngesiyalezo senkosi ngesandla sezinduna; ngalokho inkosi yathukuthela kakhulu, ulaka lwayo lwashisa phakathi kwayo.
13Yayisisho inkosi kwabahlakaniphileyo abazazi izikhathi — ngokuba yayinendlela enjalo inkosi phambi kwabo bonke ababewazi umthetho nokwahlulela;
14ababeseduze naye kwakungoKarishena, noShethari, noAdimatha, noTharishishi, noMeresi, noMarisena, noMemukhani, izikhulu eziyisikhombisa zasePheresiya naseMediya ezaziphambi kobuso benkosi, zihlala emqoka embusweni —
15yathi: Siyakwenze-njani kuyo inkosikazi uVashiti njengomthetho, ngokuba ayenzanga izwi lenkosi uAhashiveroshi ngesandla sezinduna, na?
16UMemukhani wathi phambi kwenkosi nezikhulu: UVashiti inkosikazi akonanga enkosini kuphela, kepha nakuzo zonke izikhulu nakubantu bonke abasezifundeni zenkosi uAhashiveroshi.
17Ngokuba lendaba yenkosikazi iyakuphumela kubo bonke abesifazane ukuba amadoda abo adeleleke emehlweni abo, lapho kuthiwa inkosi uAhashiveroshi yamyala uVashiti inkosikazi ukuba alethwe phambi kwayo, kepha akafikanga.
18Namuhla amakhosikazi asePheresiya naseMediya ayizwile lendaba yenkosikazi ayakukusho ezikhulwini zenkosi, kube-ngukudelela nentukuthelo enkulu.
19Uma kukuhle enkosini, makuphume izwi lobukhosi, lilotshwe phakathi kwemithetho yamaPheresiya namaMede, lingalahlwa, lokuba uVashiti angabe esangena phambi kwenkosi uAhashiveroshi, inkosi inike omunye omuhle kunaye ubukhosikazi bakhe.
20Lapho isimemezelo senkosi eyakusenza sesiyakuzwakala embusweni wayo wonke — ngokuba mkhulu — bonke abafazi bayakuwahlonipha amadoda abo, amakhulu namancane.
21Laba-lihle lelozwi emehlweni enkosi nasezikhulwini; yenza-ke inkosi njengezwi likaMemukhani;
22yathuma izincwadi ezifundeni zonke zenkosi, ezifundeni ngezifunda njengokubhala kwazo nasezizweni ngezizwe njengezilimi zazo ukuba yilowo nalowomuntu abuse endlini yakhe, akhulume ngolimi lwesizwe sakubo.