Ukuwa kukaHamani
1Yafika-ke inkosi noHamani edilini likaEsteri inkosikazi.
2Inkosi yabuye yathi kuEsteri ngosuku lwesibili lwedili lewayini: Isicelo sakho siyini, nkosikazi Esteri, na? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa kuze kube-nenxenye yombuso.
3Wayesephendula uEsteri inkosikazi, ethi: Uma ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi, noma kukuhle enkosini, mangiphiwe ukuphila kwami ngesicelo sami nokwesizwe sakithi ngokufuna kwami,
4ngokuba kuthengisiwe ngathi, mina nesizwe sakithi, ukuba sichithwe, sibulawe, sibhubhe. Uma bekuthengisiwe ngathi sibe-yizigqila nezigqilakazi kuphela, ngabe ngithulile, ngokuba usizi lwethu alwanele ukuba sisinde inkosi.
5Yayisisho inkosi uAhashiveroshi, ithi kuEsteri inkosikazi: Ngubani lo, uphi yena onesibindi sokwenza lokho na?
6UEsteri wathi: Ngumuntu omelene nathi, oyisitha, uHamani lo omubi. UHamani wayeseshaywa luvalo phambi kwenkosi nenkosikazi.
7Yayisisukuma inkosi ngolaka lwayo edilini lewayini, yaya ensimini yendlu yenkosi; uHamani wasukuma ukunxusa uEsteri inkosikazi ngokuphila kwakhe, ngokuba wabona ukuthi usenqunyelwe okubi yinkosi.
8Inkosi isibuya ensimini yendlu yenkosi, ingené endlini yedili lewayini, uHamani wayesewele embhedeni uEsteri ayekuwo. Yayisithi inkosi: Uyakuyiphoqa inkosikazi phambi kwami lapha endlini na? Lapho liphuma lelizwi emlonyeni wenkosi, bamboza ubuso bukaHamani.
9Wayesethi uHaribona, enye yezinduna ezaziphambi kwenkosi: Bheka, umuthi okuphakama kwawo kuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, uHamani ayewenzele uMoridekayi owakhuluma kahle ngenkosi, umi endlini kaHamani. Inkosi yathi: Mphanyekeni kuwo.
10Base bemphanyeka-ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Yayisibohla intukuthelo yenkosi.