Ukumiswa kwesivumelwano
1Wathi kuMose: Khuphukela kuJehova, wena noAroni, noNadabi, noAbihu, namalunga angamashumi ayisikhombisa akwaIsrayeli, nikhuleke nikude.
2UMose yedwa uyakusondela kuJehova, kepha bona abayikusondela; nabantu abayikukhuphuka naye.
3UMose weza wabatshela abantu onke amazwi kaJehova nezahlulelo zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye, bathi: Onke amazwi uJehova awakhulumileyo siyakuwenza.
4UMose wabhala onke amazwi kaJehova, wavuka ekuseni ngakusasa, walakha ialtare phansi kwentaba, nezinsika eziyishumi nambili njengokwezizwe eziyishumi nambili zakwaIsrayeli.
5Wathuma izinsizwa zabantwana bakwaIsrayeli, zanikela ngeminikelo yokushiswa, zahlabela uJehova imihlatshelo yokuthula yezinkunzi.
6UMose wathatha inxenye yegazi, wayithela ezitsheni; inxenye yegazi wafafaza ngayo ialtare.
7Wathatha incwadi yesivumelwano, wayifunda ezindlebeni zabantu; bathi: Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele.
8UMose wayesethatha igazi, wafafaza ngalo abantu, ethi: Bheka, nanti igazi lesivumelwano uJehova asenzé nani ngawo onke lawamazwi.
UMose ukhuphukela eSinayi
9Khona bakhuphuka oMose, noAroni, noNadabi, noAbihu, namalunga angamashumi ayisikhombisa akwaIsrayeli.
10Bambona uNkulunkulu kaIsrayeli; phansi kwezinyawo zakhe kwakungathi kugandayiwe ngamatshe amasafire*, kungathi yizulu uqobo ngokucweba.
11Akasibekanga isandla sakhe kuzo izikhulu zabantwana bakwaIsrayeli; sebembonile uNkulunkulu badla, baphuza.
12UJehova wayesethi kuMose: Khuphukela kimi entabeni, uhlale khona, ngikunike izibhebhe zamatshe, nomthetho, nemiyalelo engiyibhalile ukuba ubafundise yona.
13Wasuka uMose nenceku yakhe uJoshuwa; uMose wakhuphukela entabeni kaNkulunkulu.
14Wathi kumalunga: Manisihlalele lapha, size sibuyele kini; bhekani, oAroni noHure bakini; yilowo nalowo onendaba makaye kubo.
15UMose wayesekhuphukela entabeni, ifu lasibekela intaba.
16Inkazimulo kaJehova yahlala entabeni yaseSinayi, ifu layisibekela izinsuku eziyisithupha; ngosuku lwesikhombisa esefwini wambiza uMose.
17Ukubonakala kwenkazimulo kaJehova kwakunjengomlilo oqedayo esiqongweni sentaba emehlweni abantwana bakwaIsrayeli.
18UMose wangena efwini, wakhuphukela entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.