Ialtare leminikelo yokushiswa
1Wolenza ialtare ngomuthi womtholo, ubude balo bube-yizingalo eziyisihlanu, ububanzi balo bube-yizingalo eziyisihlanu, ialtare lilingane izinhlangothi zozine; ukuphakama kwalo kube-yizingalo ezintathu.
2Uyakwenza izimpondo zalo emagumbini alo omane, izimpondo zalo zibekunye nalo, ulinameke ngethusi.
3Wenze izitsha zalo zokususa umlotha walo, namafosholo alo, nezitsha zalo, nezimfoloko zalo, nemicengezi yalo yomlilo, uzenze zonke izinto zalo ngethusi.
4Ulenzele ihele lethusi elenziwe njengenetha, wenze amasongo amane ethusi enetheni ngasemagumbini alo omane.
5Wolibeka ngaphansi, phansi kosiko oluzungeza ialtare, ukuba inetha lifinyelele ngaphakathi kwealtare ukuya phezulu.
6Uyakwenza izinti zealtare, izinti zomuthi womtholo, uzinameke ngethusi.
7Izinti zalo ziyakufakwa emasongweni, izinti zibe-sezinhlangothini zombili zealtare, nxa lithwalwa.
8Ulenze ngamapulangwe, libe-yigobongo, ulenze njengalokho waboniswa entabeni.
Igceke letabernakele*
9Wolenza igceke letabernakele*; ngaseningizimu ohlangothini olungaseningizimu makube-khona izilenge zegceke zelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, ubude bazo bube-yizingalo eziyikhulu ohlangothini lunye;
10izinsika zalo zibe-ngamashumi amabili, nezinyawo zazo zibe-ngamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe-yisiliva.
11Nasohlangothini olungasenyakatho ebudeni makube-khona izilenge, ubude bazo bube-yizingalo eziyikhulu, nezinsika zazo zibe-ngamashumi amabili, nezinyawo zazo zibe-ngamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe-yisiliva.
12Ohlangothini olungasentshonalanga ebubanzini begceke makube-khona izilenge, ububanzi bazo bube-yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, izinsika zazo zibe-yishumi, nezinyawo zazo zibe-yishumi.
13Ububanzi begceke ngasempumalanga ohlangothini olungasempumalanga bube-yizingalo ezingamashumi ayisihlanu.
14Izilenge kolunye uhlangothi mazibe-yizingalo eziyishumi nanhlanu, izinsika zazo zibe-zintathu, nezinyawo zazo zibe-zintathu.
15Nakolunye uhlangothi makube-yizilenge eziyizingalo eziyishumi nanhlanu, izinsika zazo zibe-zintathu, nezinyawo zazo zibe-zintathu.
16Koba-khona iveli lesango legceke, libe-yizingalo ezingamashumi amabili, ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, umsebenzi womfekethisi, izinsika zabo zibe-zine, nezinyawo zazo zibe-zine.
17Izinsika zonke zegceke zonamekwa ngesiliva, izingwegwe zazo zibe-yisiliva, izinyawo zazo zibe-yithusi.
18Ubude begceke boba-yizingalo eziyikhulu, ububanzi bube-ngezamashumi ayisihlanu njalo, ukuphakama kube-yizingalo eziyisihlanu, bube-yilineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izinyawo zibeyithusi.
19Izimpahla zonke zetabernakele enkonzweni yalo yonke nezikhonkwane zalo zonke nezikhonkwane zegceke azibengezethusi.
20Wobayala abantwana bakwaIsrayeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo agxotshelwe ukukhanyisa ukuba izibani zivuthe njalonjalo.
21Etendeni lokuhlangana ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi uAroni namadodana akhe bayakuziphatha kwasekuhlweni kuze kuse phambi kukaJehova; kuyakuba-yisimiso sabantwana bakwaIsrayeli kuze kube-phakade ezizukulwaneni zabo.