Isambatho sika-Aroni nesamadodana akhe
1Sondeza kuwe uAroni umfowenu namadodana akhe phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, oAroni, noNadabi, noAbihu, noEleyazare, noItamari, amadodana ka-Aroni.
2Umenzele uAroni umfowenu izambatho ezingcwele, ezobukhosi nezokuhlobisa.
3Wokhuluma kubo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo engibagcwalisile ngomoya wokuhlakanipha ukuba bazenze izambatho zika-Aroni zokumngcwelisa, ukuze angikhonze esikhundleni sobupristi.
4Yilezi izambatho abayakuzenza: isihlangu sesifuba, nengubo yamahlombe, nejazi, nebhantshi elifekethisiweyo, nesigqoko, nebhande*, bamenzele uAroni umfowenu namadodana akhe izambatho ezingcwele ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
5Makathathe igolide, nokuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo.
6Bayakwenza ingubo yamahlombe ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, kube-ngumsebenzi wengcweti.
7Iyakuba-neziziba ezimbili zasemahlombe, zihlangene emaceleni ayo omabili, ukuba ihlanganiswe.
8Ibhande* elalukiweyo elikuyo lokuyikhwica liyakuba-njengomsebenzi wayo, libe-kunye nayo, ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.
9Wothatha amatshe amabili amashohamu*, uqophe kuwo amagama abantwana bakwaIsrayeli,
10amagama ayisithupha abo kwelinye itshe namagama abayisithupha abaseleyo kwelinye itshe njengokuzalwa kwabo.
11Ngomsebenzi womqophi ematsheni, njengokuqoshwa kwendandatho, woqopha amatshe omabili njengokwamagama abantwana bakwaIsrayeli, uwafake azungezwe yizisekelo zegolide.
12Wobeka amatshe omabili ezizibeni zombili zengubo yamahlombe, abe-ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwaIsrayeli; uAroni uyakuphatha amagama abo emahlombe akhe omabili phambi kukaJehova kube-yisikhumbuzo.
13Wozenza izisekelo zegolide,
14namaketanga amabili egolide elicwengekileyo, uwenze abe-njengamagoda, umsebenzi othandelweyo ezisekelweni.
15Uyakwenza isihlangu sesifuba sokwahlulela, kube-ngumsebenzi wengcweti, usenze njengokusetshenzwa kwengubo yamahlombe ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.
16Masibe-nezinhlangothi ezine ezilingeneyo, siphindwe kabili; ubude baso bube-njengokudazuluka kweminwe, nobubanzi baso bube-njengokudazuluka kweminwe.
17Ufake kuso izisekelo zamatshe, kube-yizinhla ezine zamatshe: uhla lwesardiyu*, netopazi*, nerubi*, lube-luhla lokuqala;
18uhla lwesibili lube-yisimaragidu*, nesafire*, nedayimani*;
19uhla lwesithathu lube-yihiyakinte*, neagathe*, neamethiste*;
20uhla lwesine lube-yikrisolithe*, neshohamu*, nejaspi*; azungezwe ngegolide ezisekelweni zawo.
21Amatshe ayakuba-njengamagama abantwana bakwaIsrayeli, abe-yishumi nambili njengamagama abo; njengokuqoshwa kwendandatho yilelo nalelo liyakuba-negama lesinye sezizwe eziyishumi nambili.
22Wenze kuso isihlangu sesifuba amaketanga njengamagoda, umsebenzi othandelweyo wegolide elicwengekileyo.
23Wenze kuso isihlangu sesifuba amasongo amabili egolide, uwafake amasongo omabili emaceleni omabili esihlangu sesifuba.
24Wowafaka amaketanga omabili athandelweyo ngegolide emasongweni omabili emaceleni esihlangu sesifuba.
25Ezinye izihloko ezimbili zamaketanga athandelweyo wozifaka ezisekelweni zombili, uzibeke ngaphambili ezizibeni zengubo yamahlombe.
26Uyakuwenza amasongo amabili egolide, uwafake emaceleni omabili esihlangu sesifuba, eceleni laso elibhekene nengubo yamahlombe ngaphakathi.
27Wenze amasongo amabili, uwafake ezizibeni zombili zengubo yamahlombe phansi ngaphambili, eduze nokuhlangana kwayo, phezu kwebhande* elifekethisiweyo lengubo yamahlombe.
28Bayakusibopha isihlangu sesifuba ngamasongo aso emasongweni engubo yamahlombe ngentambo eluhlaza ukuba sibe-phezu kwebhande* elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, ukuze isihlangu sesifuba singakhumuki engutsheni yamahlombe.
29UAroni uyakuphatha amagama abantwana bakwaIsrayeli esihlangwini sesifuba sokwahlulela phezu kwenhliziyo yakhe, nxa engena endaweni engcwele, kube-yisikhumbuzo phambi kukaJehova njalo.
30Ufake esihlangwini sesifuba sokwahlulela iUrimi neThumimi*, ahlale phezu kwenhliziyo ka-Aroni, nxa engena phambi kukaJehova; uAroni athwale ukwahlulelwa kwabantwana bakwaIsrayeli phezu kwenhliziyo yakhe phambi kukaJehova njalo.
31Uyakwenza ijazi lengubo yamahlombe ngokuluhlaza lonke,
32kube-yimbobo yekhanda ngaphakathi kwalo, imbobo yalo ibe-nomphetho oyizungezayo womsebenzi owalukiweyo njengembobo yebhantshi lensimbi ukuba lingadatshulwa.
33Emiphethweni yalo wowenza amapomegranati* ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, azungeze imiphetho yalo, kanye nezikhencezo zegolide phakathi kwawo nxazonke,
34kube-yisikhencezo segolide nepomegranati*, isikhencezo segolide nepomegranati njalo emiphethweni yejazi nxazonke.
35UAroni makalembathe eyokhonza; ukukhenceza kwalo kuyakuzwakala, nxa engena endaweni engcwele phambi kukaJehova, nanxa ephuma, ukuze angafi.
36Uyakwenza ungcwecwe wegolide elicwengekileyo, uqophe kuye njengokuqoshwa kwendandatho ukuthi: Wahlukaniselwe uJehova.
37Umfake ngentambo eluhlaza, abesesigqokweni, abe-ngaphambili esigqokweni.
38Uyakuba-sebunzini lika-Aroni, uAroni athwale ububi bezinto ezingcwele, abantwana bakwaIsrayeli abayakuzingcwelisa, zibe-yizipho zabo ezingcwele; uyakuba-sebunzini lakhe njalo ukuba bamukeleke ebusweni bukaJehova.
39Uyakwaluka ibhantshi eliyixingovu ngelineni elicolekileyo, wenze nesigqoko selineni elicolekileyo, wenze nebhande*, ulifekethise.
40Uyakuwenzela namadodana ka-Aroni amabhantshi, uwenzele namabhande*, uwenzele nezigqoko, kubengezobukhosi nezokuhlobisa.
41Wembathise zona uAroni umfowenu namadodana akhe, ubagcobe, ubahlukanisele, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
42Ubenzele namabhulukwe elineni ukuba kusitshekelwe inyama yobunqunu babo, aqale okhalweni, afike emathangeni;
43uAroni namadodana akhe bawafake, nxa bengena etendeni lokuhlangana, nanxa besondela ealtare ukuyokhonza endaweni engcwele, ukuba bangathwali ububi, bafe; kuyakuba-yisimiso kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe kuze kube-phakade.