Ukwahlukaniswa kwemisebenzi
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Bheka, ngibizé ngegama uBesaleli indodana kaUri kaHure, owesizwe sakwaJuda.
3Ngimgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke.
4ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi,
5nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, yebo, ukuba asebenze imisebenzi yonke.
6Bheka, mina ngimisile kanye naye uOholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani; ezinhliziyweni zazo zonke eziyizingcweti ngenhliziyo ngifaké ukuhlakanipha ukuba zikwenze konke engikuyalé ngakho:
7itende lokuhlangana, nomphongolo wobufakazi, nesihlalo somusa esiphezu kwawo, nezimpahla zonke zetende,
8netafula nezitsha zalo, nothi oluhle lwezibani nezitsha zonke zalo, nealtare lempepho,
9nealtare lomnikelo wokushiswa nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo,
10nezingubo ezifekethisiweyo, nezambatho ezingcwele zika-Aroni umpristi nezambatho zamadodana akhe zokuba bakhonze esikhundleni sobupristi,
11namafutha okugcoba, nempepho yamakha athaphukayo yendawo engcwele, yebo, zenze njengakho konke engikuyalé ngakho.
Umyalelo wesabatha
12UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
13Yisho kubantwana bakwaIsrayeli, uthi: Anogcina amasabatha, ngokuba aluphawu phakathi kwami nani ezizukulwaneni zenu ukuba nazi ukuthi nginguJehova oningcwelisayo.
14Gcinani isabatha, ngokuba lingcwele kini; yilowo nalowo olonayo uyakubulawa nokubulawa, ngokuba osebenza umsebenzi ngalo uyakunqunywa kubantu bakubo.
15Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula, lingcwele kuJehova: bonke abasebenza umsebenzi ngosuku lwesabatha bayakubulawa nokubulawa.
16Ngalokho abakwaIsrayeli bayakuligcina isabatha, balilonde ezizukulwaneni zabo libe-yisivumelwano esiphakade.
17Liluphawu phakathi kwami nabantwana bakwaIsrayeli kuze kube-phakade, ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova walenza izulu nomhlaba, kepha ngosuku lwesikhombisa waphumula, waqabuleka.
18Eseqedile ukukhuluma noMose entabeni yaseSinayi wamnika izibhebhe zombili zobufakazi, izibhebhe zamatshe, zilotshiwe ngomunwe kaNkulunkulu.