Ialtare lomnikelo wokushiswa
1Walenza ialtare lomnikelo wokushiswa ngomuthi womtholo; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu; labanezinhlangothi ezine ezilingeneyo; nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu.
2Wazenza izimpondo zalo emagumbini alo omane, izimpondo zalo zazikunye nalo; walinameka ngethusi.
3Wazenza zonke izinto zealtare, amakhanzi, namafosholo, nezitsha, nezimfoloko, nemicengezi yomlilo; wazenza zonke izinto zalo ngethusi.
4Walenzela ialtare ihele lethusi elenziwe njengenetha phansi kosiko oluzungeza ialtare ukuba lifinyelele ngaphakathi kwealtare ukuya phezulu.
5Wakhanda amasongo amane amagumbi omane ehele lethusi, abe-yizindawo zezinti.
6Wazenza izinti ngomuthi womtholo, wazinameka ngethusi.
7Wazifaka izinti emasongweni ezinhlangothini zealtare ukuba lithwalwe ngazo; walenza ngamapulangwe laba-yigobongo.
8Wawenza umcengezi wethusi nesinqe sawo ngethusi lezibuko zabesifazane abahlangana ukuyokhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana.
Igceke
9Walenza negceke; ngaseningizimu ohlangothini lwaseningizimu izilenge zegceke zaziyilineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izingalo eziyikhulu.
10Izinsika zazo zazingamashumi amabili, nezinyawo zazo zazingamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zaziyisiliva.
11Ngasohlangothini lwasenyakatho yizingalo eziyikhulu, izinsika zazo zingamashumi amabili, nezinyawo zazo zingamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva.
12Ngasohlangothini olungasentshonalanga izilenge zaziyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, izinsika zazo zaziyishumi, nezinyawo zazo zaziyishumi; izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva.
13Nangasempumalanga ngasohlangothini olungasempumalanga yizingalo ezingamashumi ayisihlanu.
14Izilenge kwelinye icele lesango zaziyizingalo eziyishumi nanhlanu; izinsika zazo zazintathu, nezinyawo zazo zazintathu.
15Kwaba-njalo nakwelinye icele: ngalapha nangalapha kwesango legceke zazikhona izilenge eziyizingalo eziyishumi nanhlanu; izinsika zazo zazintathu, nezinyawo zazo zazintathu.
16Zonke izilenge zegceke nxazonke zazingezelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.
17Izinyawo zezinsika zaziyithusi, izingwegwe zezinsika nemishayo yazo kwakuyisiliva; izihloko zazo zazinamekwé ngesiliva; zonke izinsika zegceke zazinesibopho sesiliva.
18Iveli lesango legceke lalingumsebenzi womfekethisi ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama ngokobubanzi bezilenge kwakuyizingalo eziyisihlanu ngokulingene nezilenge zegceke.
19Izinsika zalo zazizine, nezinyawo zalo zazizine zethusi; izingwegwe zaziyisiliva, ukunamekwa kwezihloko nokwezibopho kwakuyisiliva.
20Zonke izikhonkwane zetabernakele* nezegceke nxazonke zaziyithusi.
Imali yetabernakele* eyaqedwayo
21Lokhu kuyimali yetabernakele*, itabernakele lobufakazi, njengokubalwa kwayo ngesiyalezo sikaMose, ngokubala kwamaLevi ngesandla sikaItamari indodana ka-Aroni umpristi.
22UBesaleli indodana kaUri kaHure, owesizwe sakwaJuda, wakwenza konke uJehova amyalé ngakho uMose.
23Wayeno-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani, umqophi nengcweti nomfekethisi ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.
24Lonke igolide okwasetshenzwa ngalo, wonke umsebenzi wendlu engcwele, igolide lomnikelo lalingamatalenta* angamashumi amabili nesishiyagalolunye namashekeli* angamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu ngokweshekeli lendlu engcwele.
25Isiliva lababebalwa esizweni lalingamatalenta* ayikhulu namashekeli* ayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu ngokweshekeli lendlu engcwele,
26kwaba-yilowo nalowo wanikela ngebeka* eliyinxenye yeshekeli* ngokweshekeli lendlu engcwele kubo bonke abadlulela kwababaliweyo abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.
27Amatalenta* ayikhulu esiliva ayengawokukhanda izinyawo zendlu engcwele, nezinyawo zesihenqo, izinyawo eziyikhulu ngamatalenta ayikhulu, italenta ngonyawo.
28Ngamashekeli* ayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu wenza izingwegwe zezinsika, wanameka izihloko zazo, wazenzela izibopho.
29Ithusi lomnikelo laba-ngamatalenta* angamashumi ayisikhombisa namashekeli* ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amane.
30Wenza ngalo izinyawo zomnyango wetende lokuhlangana, nealtare lethusi, nehele lalo lethusi, nezinto zonke zealtare,
31nezinyawo zegceke nxazonke, nezinyawo zesango legceke, nazo zonke izikhonkwane zetabernakele, nazo zonke izikhonkwane zegceke nxazonke.