Isililo ngendlu yakwaIsrayeli
1Phakamisa wena isililo ngezikhulu zakwaIsrayeli, uthi:
2Unyoko wayeyingonyamakazi enjani
phakathi kwezingonyama!
Yabuthisa phakathi kwamabhongo,
yondla amawundlu ayo.
3Yakhulisa elinye lamawundlu ayo, laba-yibhongo;
lafunda ukubamba impango, ladla abantu.
4Izizwe zezwa ngalo, labanjwa emgodini wazo;
zaliyisa ngezingwegwe ezweni laseGibithe.
5Nxa isilindile, yabona ukuthi ithemba layo liphelile;
yathatha elinye lamawundlu ayo, yalenza ibhongo.
6Lahambahamba phakathi kwezingonyama, liyibhongo;
lafunda ukubamba impango, ladla abantu.
7Labhidliza izinqaba zabo,
lachitha imizi yabo,
izwe lachitheka nokugcwala kwalo
ngomsindo wokubhonga kwalo.
8Izizwe zase zilihlelela nxazonke, zivela emazweni,
zeneka phezu kwalo inetha,
labanjwa emgodini wazo.
9Zalifaka endlwaneni evaliweyo ngezingwegwe,
zaliyisa enkosini yaseBabele,
zalingenisa ezinqabeni
ukuba izwi lalo lingabe lisezwakala ezintabeni zakwaIsrayeli.
10Unyoko wayenjengomvini, usahlezi ngokuthula, utshalwé ngasemanzini;
wawunezithelo namahlumela ngenxa yamanzi amaningi.
11Wawunezingatsha ezinamandla ezaba-yizintonga zababusayo;
isiqu sawo sasiphakeme phakathi kwamaqabunga amaningi,
waze wabonakala phezulu phakathi kwamahlumela awo amaningi.
12Kepha wasishulwa ngokufutheka, waphonselwa phansi,
umoya wasempumalanga womisa izithelo zawo;
isiqu sawo esiqinileyo saphulwa, sabuna,
umlilo wasiqeda.
13Manje usutshaliwe ehlane
ezweni elishileyo nelomileyo.
14Umlilo uphumile esiqwini sawo,
wadla amagatsha awo nezithelo zawo,
kwaze kwangabe kusaba-khona kuwo igatsha eliqinileyo,
nantonga yokubusa.
Lokhu kuyisililo; makube-yisililo.