Ukubizwa kukaHezekeli
1Wathi kimi: Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho, ngiyakukhuluma nawe.
2Kwangena kimi uMoya esakhuluma kimi, wangimisa ngezinyawo zami, ngamuzwa owakhuluma kimi.
3Wathi kimi: Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwaIsrayeli, izizwe ezambukayo ezingihlubukile; bona nawoyise baphambukile kimi kuze kubenamuhla.
4Bangabantwana abanobuso obulukhuni nenhliziyo enqala; ngiyakuthuma kubo; uyakuthi kubo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:
5Bona-ke, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo, bayakwazi nokho ukuthi kade ekhona umprofethi phakathi kwabo.
6Wena-ndodana yomuntu, ungabesabi, ungesabi namazwi abo, noma amakhakhasi nameva kukuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.
7Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bangabahlubuki.
8Kepha wena-ndodana yomuntu, yizwa engikukhulumayo kuwe, ungabingumhlubuki njengalendlu ehlubukayo; vula umlomo wakho, udle engikunika khona.
9Ngase ngibheka, naso isandla saselulelwe kimi, naphakathi kwaso, bheka, ngumqulu wencwadi.
10Waweneka phambi kwami; wawulotshiwe ngaphakathi nangaphandle, kubhaliwe kuwo izililo nezililiselo, nokuthi: Maye!