Ukubuya kwenkazimulo kaJehova
1Wayesengiyisa esangweni, isango elibheké ngasempumalanga;
2bheka, inkazimulo kaJehova kaIsrayeli yavela ngasempumalanga, izwi lakhe lalinjengokuholoba kwamanzi amaningi, umhlaba wakhanya ngenkazimulo yakhe.
3Kwaba-njengesimo sombono engawubonayo, yebo, njengombono engawubona lapho ngeza ukuwuchitha umuzi; imibono yayinjengombono engawubona ngasemfuleni iKhebari; ngawa ngobuso bami.
4Inkazimulo kaJehova yangena endlini ngendlela yesango elibheké ngasempumalanga.
5UMoya wangiphakamisa, wangingenisa egcekeni elingaphakathi; bheka, inkazimulo kaJehova yayigcwalisa indlu.
6Ngase ngizwa okhuluma kimi ephakathi kwendlu; kwakumi umuntu eceleni kwami.
7Wathi kimi: Ndodana yomuntu, lokhu kuyindawo yesihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami, lapho ngiyakuhlala khona phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli kuze kube-phakade; indlu yakwaIsrayeli ayisayikulingcolisa igama lami elingcwele, yona namakhosi ayo, ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo,
8bebeka umbundu wabo ngasembundwini wami, nensika yabo yomnyango eceleni kwensika yami, kube-ludonga kuphela phakathi kwami nabo, belingcolisa igama lami elingcwele ngezinengiso zabo abazenzileyo, okungalokho ngabaqeda ngolaka lwami.
9Manje mabadedisele kude nami ukuphinga kwabo, nezidumbu zamakhosi abo, ngihlale phakathi kwabo kuze kubephakade.
10Wena-ndodana yomuntu, bonisa abendlu yakwaIsrayeli lendlu ukuba babe-namahloni ngobubi babo, balinganise isimo sayo.
11Uma benamahloni ngakho konke abakwenzileyo, mawubazise isimo sendlu, nokubonakala kwayo, nezindawo zayo zokuphuma, nezindawo zayo zokungena, yebo, sonke isimo sayo kanye nazo zonke izimiso zayo, nazo zonke izimo zazo kanye nayo yonke imithetho yayo, ukulobe emehlweni abo ukuba bagcine sonke isimo sayo nazo zonke izimiso zayo, bazenze.
Inkonzo yethempeli elisha
12Nanku umthetho wendlu: esiqongweni sentaba wonke umkhawulo wayo nxazonke uyakuba-ngcwele kakhulu. Bheka, lokhu kungumthetho wendlu.
13Lezi zaziyizilinganiso zealtare ngezingalo, ingalo iyingalo nobubanzi besandla: isinqe sasiyingalo ukuphakama kwaso, nobubanzi buyingalo; umncele walo ngaseceleni kwalo nxazonke wawunjengokudazuluka kweminwe; lokhu kwakungukuphakama kwealtare;
14kusukela esinqeni emhlabathini kuze kube-sonqenqemeni oluphansi kwakuyizingalo ezimbili, ububanzi buyingalo; kusukela onqenqemeni oluncane kuze kube-sonqenqemeni olukhulu kwakuyizingalo ezine, ububanzi buyingalo.
15Ialtare laliyizingalo ezine; kusukela ealtare kuya phezulu kwakukhona izimpondo ezine.
16Ialtare, ubude balo babuyizingalo eziyishumi nambili, ububanzi balo buyizingalo eziyishumi nambili, linezinhlangothi ezine ezilingeneyo.
17Unqenqema, ubude balo babuyizingalo eziyishumi nane, ububanzi balo bungeziyishumi nane ezinhlangothini zalo zozine; umncele nxazonke kwalo wawuyinxenye yengalo; isinqe salo sasiyingalo nxazonke, izinyathelo zalo zibheké ngasempumalanga.
18Wayesethi kimi: Ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nazi izimiso zealtare mhla beyakulenza ukuba bashise umnikelo wokushiswa phezu kwalo, balifafaze ngegazi.
19Uyakunika abapristi bamaLevi abozalo lukaSadoki, abaseduze kimi, isho iNkosi uJehova, ukuba bangikhonze, iduna libe-ngumnikelo wesono.
20Uyakuthatha okwegazi layo, ulibhece ezimpondweni zalo zozine, nasemagumbini omane onqenqema, nasemnceleni nxazonke, ulihlambulule, ulenzele ukubuyisana.
21Uyakuthatha inkunzi yomnikelo wesono, ishiswe endaweni yendlu emiselweyo ngaphandle kwendlu engcwele.
22Ngosuku lwesibili uyakunikela ngempongo engenasici, ibe-ngumnikelo wesono; bayakuhlambulula ialtare njengokulihlambulula ngenkunzi.
23Lapho usuqedé ukulihlambulula, uyakunikela ngeduna elingenasici nangenqama yezimvu engenasici.
24Uyakukusondeza phambi kukaJehova, abapristi bathele usawoti kukho, banikele ngakho, kube-ngumnikelo wokushiswa kuJehova.
25Izinsuku eziyisikhombisa uyakulungisa imihla yonke impongo ibe-ngumnikelo wesono, kulungiswe neduna nenqama yezimvu, okungenasici.
26Izinsuku eziyisikhombisa bayakwenzela ialtare ukubuyisana, balihlambulule, balingcwelise.
27Lapho seziphelile izinsuku, kuyakuba-ngosuku lwesishiyagalombili naphambili ukuba abapristi bayilungise iminikelo yenu yokushiswa ealtare neminikelo yenu yokuthula, nginamukele, isho iNkosi uJehova.