Amanzi asethempelini
1Wayesengibuyisela emnyango wendlu; bheka, amanzi aphuma phansi kombundu wendlu ngasempumalanga, ngokuba ubuso bendlu babungasempumalanga; amanzi ehla evela phansi, ohlangothini lokunene lwendlu, ngaseningizimu kwealtare.
2Wayesengiphumisa ngendlela yesango ngasenyakatho, wangizungezisa ngendlela engaphandle esangweni elingaphandle, elibheké endleleni yasempumalanga; bheka, kwampompoza amanzi ohlangothini lokunene.
3Lapho umuntu esephuma, eya ngasempumalanga, enomucu wokulinganisa esandleni sakhe, walinganisa izingalo eziyinkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emaqakaleni.
4Wabuye walinganisa inkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emadolweni. Walinganisa futhi inkulungwane, wangidabulisa, amanzi efinyelela okhalweni.
5Wayesebuye walinganisa inkulungwane; kwakungumfula engingenakuwudabula, ngokuba amanzi ayekhulile, angamanzi okuhlamba, angumfula ongenakudatshulwa.
6Wathi kimi: Ndodana yomuntu, usubonile na? Wayesengihambisa, wangibuyisela osebeni lomfula.
7Sengibuyile, bheka, kwakukhona imithi eminingi kakhulu osebeni lomfula, ngalapha nangalapha.
8Wayesethi kimi: Lawamanzi aphumela esifundeni sasempumalanga, ehlele eAraba, aye elwandle, aye elwandle lana aphunyisiweyo, kuphiliswe amanzi alo.
9Kuyakuthi konke okuphilayo okuswebezelayo kuphile ezindaweni zonke lapho ifika khona leyomifula emibili, kube-yizinhlanzi eziningi kakhulu, ngokuba esefiké khona lawamanzi, awolwandle ayakuphiliswa, kuphile konke, lapho umfula ufika khona.
10Kuyakuthi kume kuwo abadobi kusukela e-Eni-Gedi kuze kube-se-Enegelayimi, kube-ngokokwenekwa kwamanetha; kuyakuba-khona izinhlanzi ngezinhlobo zazo njengezinhlanzi zoLwandle oluKhulu, zibe-ziningi kakhulu.
11Kepha amaxhaphozi alo nezimbuku zalo akuyikuphiliswa; kuyakunikelwa kube-ngusawoti.
12Ngasemfuleni osebeni lwawo ngalapha nangalapha kuyakumila yonke imithi edliwayo emaqabunga ayo angayikubuna, nezithelo zayo zingayikuphela; iyakuthela ezintsha izinyanga zonke, ngokuba amanzi ayo avela endlini engcwele; izithelo zayo ziyakuba-ngukudla, amaqabunga ayo abe-ngawokuphilisa.
Imikhawulo yezwe elingcwele
13Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nanku umkhawulo eniyakwahlukanisa ngawo ifa lezwe ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwaIsrayeli, uJosefa abe-nezabelo ezimbili.
14Niyakulidla, kube-yilowo nalowo, ngokuba ngasiphakamisa isandla sami ukulinika oyihlo; lelizwe liyakuba-yifa lenu.
15Nanku umkhawulo wezwe: ohlangothini lwasenyakatho, kusukela eLwandle oluKhulu ngendlela yaseHetiloni kuze kube-sekuyeni eSedadi,
16naseHamati, naseBerotha, naseSibirayimi eliphakathi komkhawulo waseDamaseku nomkhawulo waseHamati, naseHaseri eliphakathi elingasemkhawulweni waseHawurana.
17Umkhawulo osuka elwandle uyakuba-yiHasari-Enani ngasemkhawulweni waseDamaseku, nasenyakatho ngasenyakatho umkhawulo uyiHamati. Lolu luluhlangothi lwasenyakatho.
18Uhlangothi lwasempumalanga, kusukela phakathi kweHawurana neDamaseku, naphakathi kwelakwaGileyadi nezwe lakwaIsrayeli, luyakuba-yiJordani; lusukela kulomkhawulo, luze lube-selwandle lwasempumalanga naseTamari. Lolu luluhlangothi lwasempumalanga.
19Uhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu luyakusukela eTamari, luze lube-semanzini aseMeribati-Kadeshi nasemfudlaneni ngaseLwandle oluKhulu. Lolu luluhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu.
20Uhlangothi lwasentshonalanga luyakuba-luLwandle oluKhulu, kusukela emkhawulweni kuze kuqondane nokuya eHamati. Lolu luluhlangothi lwasentshonalanga.
21Niyakuzahlukanisela lelizwe ngokwezizwe zakwaIsrayeli.
22Kuyakuthi nilahlukanise ngenkatho, libe-yifa lenu nelabafokazi abagogobala phakathi kwenu nabazele abantwana phakathi kwenu. Bona bayakuba-njengabokuzalwa ekhaya phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli, badle kanye nani ifa phakathi kwezizwe zakwaIsrayeli.
23Kuyakuthi esizweni lapho umfokazi egogobele khona, nimnike lapho ifa lakhe, isho iNkosi uJehova.