Abesifazane babezizwe bayalahlwa
1UEzra esakhuleka, evuma izono ngokukhala, eziwisé phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, kwabuthana kuye kuvela kuIsrayeli ibandla elikhulu kakhulu labesilisa nabesifazane nabantwana, ngokuba abantu bakhala ngokukhala okukhulu.
2UShekaniya indodana kaJehiyeli, enye yamadodana kaElamu, wathatha wathi kuEzra: Siphambukile kuNkulunkulu wethu, sithathé abesifazane babezizwe kubantu bezwe. Nokho lisekhona ithemba kuIsrayeli ngalento.
3Ngalokho masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu ukuba silahle bonke abesifazane nabazelwe yibo ngesiluleko senkosi nesabathuthumela ngomyalo kaNkulunkulu wethu; akwenziwe ngomthetho.
4Vuka, ngokuba iphezu kwakho lendaba; thina sinawe; yiba-nesibindi, ukwenze.
5Wayesevuka uEzra, wafungisa izikhulu zabapristi, namaLevi, naye wonke uIsrayeli ukuba benze ngokwalelizwi. Bafunga-ke.
6Wayesevuka uEzra phambi kwendlu kaNkulunkulu, wangena ekamelweni likaJehohanani indodana kaEliyashibi, kepha esefiké khona akadlanga-sinkwa, kaphuzanga-manzi, ngokuba walila ngenxa yesiphambeko sabathunjwa.
7Bathumela izwi kwaJuda naseJerusalema kubo bonke abathunjwa ukuba babuthane eJerusalema
8ngokuthi bonke abangafiki ngezinsuku ezintathu ngokwesiluleko sezikhulu namalunga kuyakudliwa yonke impahla yabo, bona bahlukaniswe nebandla labathunjwa.
9Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBenjamini babuthana eJerusalema ngezinzuku ezintathu; kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngolwamashumi amabili lwenyanga; bonke abantu bahlala esigcawini ngaphambi kwendlu kaNkulunkulu bethuthumela ngalendaba nangemvula enkulu.
10UEzra umpristi wasukuma, wathi kubo: Niphambukile nithathé abesifazane babezizwe ukwandisa icala lakwaIsrayeli.
11Ngalokho vumani izono kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo, nenze intando yakhe, nizahlukanise nabantu bezwe nabesifazane babezizwe.
12Lase liphendula lonke ibandla, lathi ngezwi elikhulu: Njengokusho kwakho kithina nga sikwenza.
13Kepha abantu baningi, futhi kuyisikhathi semvula enkulu, asinakuma phandle, futhi lomsebenzi awusiwo walusuku lunye nowezimbili, ngokuba siphambukile kakhulu ngalendaba.
14Izinduna zethu mazime phambi kwebandla lonke; bonke abasemizini yethu abathathé abesifazane babezizwe mabeze ngesikhathi esinqunyiweyo, benamalunga emizi ngemizi nabahluleli bayo, ize ibuye kithi intukuthelo evuthayo kaNkulunkulu wethu kulendaba.
15UJonathani indodana ka-Asaheli noJahazeya indodana kaThikiva kuphela bamelana nalokho; oMeshulamu noShabethayi umLevi babasiza.
16Kepha abathunjwa benze njalo. Kwakhethwa uEzra umpristi namadoda ayizinhloko zawoyise njengezindlu zawoyise, bonke ngamagama; bahlala ngosuku lokuqala lwenyanga yeshumi ukuyiphenya lendaba.
17Baqeda namadoda ayethathé abesifazane babezizwe ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala.
18Abafunyaniswa phakathi kwamadodana abapristi ukuthi bathathé abesifazane babezizwe nampa: kumadodana kaJeshuwa indodana kaJosadaki nakubafowabo: ngoMahaseya, noEliyezeri, noJaribi, noGedaliya.
19Banika izandla zabo zokuthi bayakulahla abafazi babo; lokhu benecala, banikela ngenqama yomhlambi ngecala labo.
20Kumadodana kaImeri: ngoHanani noZebadiya.
21Kumadodana kaHarimi: ngoMahaseya, noEliya, noShemaya, noJehiyeli, noUziya.
22Kumadodana kaPhashuri: ngoEliyohenayi, noMahaseya, noIshmayeli, noNethaneli, noJozabadi, noEleyasa.
23KumaLevi: ngoJozabadi, noShimeyi, noKhelaya onguKelitha, noPhethahiya, noJuda, noEliyezeri.
24Kubahlabeleli: nguEliyashibi; kubalindisango: ngoShalumi, noTeleme, noUri.
25KuIsrayeli: Kumadodana kaPharoshi: ngoRamiya, noIziya, noMalikhiya, noMijamini, noEleyazare, noMalikhiya, noBenaya.
26Kumadodana kaElamu: ngoMathaniya, noZakariya, noJehiyeli, noAbidi, noJeremoti, noEliya.
27Kumadodana kaZathu: ngoEliyohenayi, noEliyashibi, noMathaniya, noJeremoti, noZabadi, noAziza.
28Kumadodana kaBebayi: ngoJehohanani, noHananiya, noZabayi, noAtilayi.
29Kumadodana kaBani: ngoMeshulamu, noMaluki, noAdaya, no Jashubi, noSheyali, noJeremoti.
30Kumadodana kaPhahati-Mowabi: ngoAdina, noKhelali, noBenaya, noMahaseya, noMathaniya, noBesaleli, noBinuwi, noManase.
31Amadodana kaHarimi: oEliyezeri, noJishiya, noMalikhiya, noShemaya, noShimeyoni,
32noBenjamini, noMaluki, noShemariya.
33Kumadodana kaHashumi: ngoMathenayi, noMathatha, noZabadi, noElifeleti, noJeremayi, noManase, noShimeyi.
34Kumadodana kaBani: ngoMahadayi, noAmramu, noUweli,
35noBenaya, noBedeya, noKeluhi,
36noVaniya, noMeremoti, noEliyashibi,
37noMathaniya, noMathenayi, noJahasu,
38noBani, noBinuwi, noShimeyi,
39noShelemiya, noNathani, noAdaya,
40noMakenadebayi, noShashayi, noSharayi,
41noAzareli, noShelemiya, noShemariya,
42noShalumi, noAmariya, noJosefa.
43Kumadodana kaNebo: ngoJehiyeli, noMatithiya, noZabadi, noZebina, noIdo, noJoweli, noBenaya.
44Bonke labo babethathé abesifazane babezizwe; kwakukhona phakathi kwabo abesifazane ababezele abantwana.