UEzra uya eJerusalema
1Emva kwalokho esabusa uAritahishashita inkosi yasePheresiya, uEzra kaSeraya ka-Azariya kaHilikiya
2kaShalumi kaSadoki ka-Ahithubi
3ka-Amariya ka-Azariya kaMerayoti
4kaZeraya kaUzi kaBuki
5ka-Abishuwa kaFinehasi kaEleyazare ka-Aroni umpristi omkhulu,
6uEzra lo wakhuphuka eBabele; wayengumbhali echwepheshile emthethweni kaMose awunikiweyo nguJehova uNkulunkulu kaIsrayeli; inkosi yamnika konke akucelayo ngokwesandla sikaJehova uNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe.
7Kwakhuphuka nabanye abantwana bakwaIsrayeli, nabapristi, namaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini*, baya eJerusalema ngomnyaka wesikhombisa ka-Aritahishashita inkosi.
8Wafika eJerusalema ngenyanga yesihlanu ngomnyaka wesikhombisa wenkosi.
9Ngokuba ngolokuqala lwenyanga yokuqala waqala ukukhuphuka eBabele; ngolokuqala lwenyanga yesihlanu wafika eJerusalema ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe,
10ngokuba uEzra wayebhekisé inhliziyo yakhe ukufuna umthetho kaJehova, nokwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwaIsrayeli.
11Lokhu kuyimpinda yencwadi inkosi uAritahishashita eyamnika yona uEzra umpristi nombhali, umbhali wamazwi emiyalo kaJehova nawezimiso zakhe kuIsrayeli, yokuthi:
12UAritahishashita inkosi yamakhosi kuEzra umpristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu; ukuthula, nokuthi nokuthi.
13Ngikhipha isimemezelo sokuthi bonke abantu bakwaIsrayeli, nabapristi babo, namaLevi embusweni wami, abafuna ukuya eJerusalema, bangahamba nawe,
14njengokuba uthunyiwe yinkosi nabeluleki bayo abayisikhombisa ukubuza ngelakwaJuda neJerusalema njengokomthetho kaNkulunkulu wakho osesandleni sakho,
15nokuyisa isiliva negolide inkosi nabeluleki bayo abalinikele ngesihle kuNkulunkulu kaIsrayeli ondlu yakhe iseJerusalema,
16kanye nalo lonke isiliva negolide oyakukufumana ezweni lonke laseBabele, neminikelo yesihle yabantu neyabapristi, benikelela ngesihle indlu kaNkulunkulu wabo eseJerusalema.
17Ngalokho uyakuthenga ngesineke sonke ngalemali izinkunzi, nezinqama, namawundlu kanye neminikelo yakho yempuphu neminikelo yakho yokuphuzwa, unikele ngakho ealtare lendlu kaNkulunkulu wenu eseJerusalema.
18Okuhle kuwe nakubafowenu ukuba nikwenze ngesiliva negolide eliseleyo, kwenzeni ngokwentando kaNkulunkulu wenu.
19Izitsha onikwé zona ukuba zibengezenkonzo yendlu kaNkulunkulu wakho, zibuyisele phambi kukaNkulunkulu waseJerusalema.
20Okunye okudingekayo endlini kaNkulunkulu wakho, ofanele ukukunika, kukhiphe endlini yengcebo yenkosi.
21Kimina, yebo, mina-Aritahishashita inkosi, kukhishwa isimemezelo kubo bonke abaphathizikhwama abangaphesheya koMfula* ukuthi konke uEzra umpristi nombhali womthetho kaNkulunkulu wezulu ayakukubiza kini, makwenziwe ngesineke sonke.
22kuze kube-ngamatalenta* ayikhulu esiliva, namakhora* ayikhulu kakolweni, namabhati* ayikhulu ewayini, namabhati ayikhulu amafutha, nosawoti ongabhaliwe.
23Konke okusesimemezelweni sikaNkulunkulu wezulu makwenzelwe ngesineke indlu kaNkulunkulu wezulu, ngokuba kungase kube-khona intukuthelo phezu kombuso wenkosi namadodana ayo na?
24Futhi siyanazisa ukuthi akakho onegunya lokuthelisa abapristi namaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini*, nezinceku zalendlu kaNkulunkulu intela, nenkokhiso, nemali yendlela.
25Wena-ke, Ezra, ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu wakho okusesandleni sakho, misa abahluleli nabaholi abayakwahlulela bonke abantu abangaphesheya koMfula*, bonke abazi imithetho kaNkulunkulu wakho; nongayaziyo nimfundise.
26Bonke abangayikwenza umthetho kaNkulunkulu wakho nomthetho wenkosi mabahlulelwe ngaso sonke isineke, noma kube-ngokokufa noma okokuxoshwa, noma impahla yabo ibe-yisizi, noma kube-ngukuboshwa.
27Makabongwe uJehova uNkulunkulu wawobaba obeké enhliziyweni yenkosi ukuhlobisa indlu kaJehova eseJerusalema,
28wehlisela phezu kwami umusa phambi kwenkosi, nabeluleki bayo, naphambi kwezikhulu zonke zenkosi ezingamaqhawe. Mina ngaqiniswa ngokwesandla seNkosi uNkulunkulu wami esasiphezu kwami, ngabutha kuIsrayeli abayizinhloko ukuba bakhuphuke nami.