OHagari noIshmayeli
1USarayi umka-Abrama wayengamzaleli-mntwana; kepha wayenencekukazi yaseGibithe, igama layo linguHagari.
2USarayi wathi kuAbrama: Bheka-ke, uJehova ungivalile ekuzaleni; mawungene kuyo incekukazi yami; mhlawumbe ngizakwakhelwa ngayo. UAbrama walalela izwi likaSarayi.
3USarayi umka-Abrama wathatha uHagari waseGibithe, incekukazi yakhe, wamnika uAbrama indoda yakhe abe-ngumkakhe, uAbrama esehlalile iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani.
4Wangena kuHagari; wakhulelwa. Esebonile ukuthi ukhulelwe, inkosikazi yakhe yadeleleka emehlweni akhe.
5USarayi wathi kuAbrama: Okubi okwenziwe kimi akube-phezu kwakho. Mina nganikela incekukazi yami esifubeni sakho; kepha nxa isibonile ukuthi ikhulelwe, ngase ngideleleka emehlweni ayo; uJehova makahlulele icala phakathi kwami nawe.
6UAbrama wathi kuSarayi: Bheka, incekukazi yakho isesandleni sakho; yenza kuyo okufanele emehlweni akho. USarayi wayilaya, yabaleka ebusweni bakhe.
7Ingelosi kaJehova yamfumana ngasemthonjeni wamanzi ehlane, umthombo osendleleni eya eShuri.
8Yathi: Hagari, ncekukazi kaSarayi, uvelaphi na? Uyangaphi na? Wathi: Ngibaleka ebusweni bukaSarayi inkosikazi yami.
9Ingelosi kaJehova yathi kuye: Buyela kuyo inkosikazi yakho, uzithobise phansi kwesandla sayo.
10Ingelosi kaJehova yathi futhi kuye: Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho, ingabe isabalwa ngobuningi bayo.
11Ingelosi kaJehova yathi kuye: Bheka, usukhulelwe; uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uIshmayeli*, ngokuba uJehova uzwile ukuhlupheka kwakho.
12Uyakuba-ngumuntu onjengembongolo engathanjisiwe, isandla sakhe simelane nabo bonke, nesandla sabo bonke simelane naye, ahlale ngasempumalanga kwabafowabo bonke.
13Wamqamba uJehova owayekhulumé kuye igama lokuthi: Wena unguNkulunkulu obonayo, ngokuba wathi: Imbala ngimbonile ongibonayo na?
14Ngalokho umthombo wabizwa ngokuthi iBeri-lahayi-royi*; bheka, uphakathi kweKadeshi neBeredi.
15UHagari wamzalela uAbrama indodana; uAbrama waqamba igama lendodana yakhe ayizalayo uHagari ngokuthi uIshmayeli.
16UAbrama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nesithupha mhla uHagari emzalela uAbrama uIshmayeli.