UJehova uyahambela uAbrahama
1UJehova wabonakala kuye ngasemaokeni* aseMamre, ehlezi emnyango wetende ngesikhathi sokushisa kwemini.
2Waphakamisa amehlo akhe, wabuka; bheka, amadoda amathathu ayemi phambi kwakhe; wathi ukuba awabone, wasuka emnyango wetende, wagijima ukuwahlangabeza, wakhothama,
3wathi: Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, mawungadluli encekwini yakho.
4Makulethwe ingcosana yamanzi, nigeze izinyawo zenu, niphumule phansi komuthi.
5Ngizakulanda ucezu lwesinkwa, nithokozise izinhliziyo zenu, andukuba nidlule, njengokuba senifikile encekwini yenu. Athi: Yenza njengokusho kwakho.
6UAbrahama waphuthuma etendeni kuSara, wathi: Sheshisa, uthathe amaseya* amathathu empuphu ecolekileyo, uyixove, wenze amaqebelengwane.
7UAbrahama wagijima, waya ezinkomeni, walanda ithole elihle nelinonileyo, walinika encekwini; yashesha ukulilungisa.
8Wathatha amangqanga, nobisi, nethole abelilungisile, wakubeka phambi kwawo; wema ngakuwo phansi komuthi; adla.
9Athi kuye: Uphi uSara umkakho na? Wathi: Nangu etendeni.
10Wayesethi: Impela ngiyakubuyela kuwe emva komnyaka ngalesisikhathi; bheka, khona umkakho uSara uyakubanendodana. USara wakuzwa lokhu esemnyango wetende ongasemva kwakhe.
11Kepha oAbrahama noSara base begugile, beneminyaka eminingi; kwase kuphelile kuSara okwabesifazane.
12USara wahleka phakathi kwakhe, wathi: Lapho sengimdala, nenkosi yami igugile, ngiyakuba-nalenjabulo na?
13UJehova wathi kuAbrahama: Uhlekeleni uSara, ethi: Imbala ngizakuzala ngimdala na?
14Kukhona into emahlula uJehova na? Ngalesisikhathi emva komnyaka ngiyakubuyela kuwe, uSara abe-nendodana.
15USara waphika wathi: Angihlekanga, ngokuba wesaba. Kepha wathi: Qha, uhlekile.
Ukumenyezelwa kokuchithwa kweSodoma nokulikhulekela kuka-Abrahama
16Amadoda asuka lapho, abheka ngaseSodoma; uAbrahama wahamba nawo ewaphelekezela.
17UJehova wathi: Ngingamfihlela uAbrahama lokho engizakukwenza na?
18UAbrahama uyakuba-yisizwe esikhulu, esinamandla; ziyakubusiswa kuyena izizwe zonke zomhlaba.
19Ngokuba ngimkhethele ukuba ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe ukugcina indlela kaJehova nokusebenza ukulunga nokwahlulela, ukuze uJehova amenzele uAbrahama lokho amthembisé khona.
20UJehova wathi: Isikhalo saseSodoma nesaseGomora sikhulu, nezono zabo zinzima impela.
21Ngalokho ngiyakwehla, ngibone ukuba benzile impela konke njengokwesikhalo esesifikile kimi; uma kungenjalo, ngiyakukwazi.
22Ayesefulathela lapho amadoda, aya ngaseSodoma, kepha uAbrahama wayesemi ebusweni bukaJehova.
23UAbrahama wasondela, wathi: Uyakubhubhisa olungileyo kanye nomubi na?
24Mhlawumbe kukhona abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi; imbala uyakuyibhubhisa, ungayiyeki indawo ngenxa yabalungileyo abangamashumi ayisihlanu abakuyo na?
25Makube-kude nawe ukwenza ngalendlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe-njengomubi; lokhu makube-kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?
26UJehova wathi: Uma ngifumana eSodoma abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi, ngiyakuyekela indawo yonke ngenxa yabo.
27Kepha uAbrahama waphendula wathi: Bheka, sengiqalile ukukhuluma eNkosini, mina engiluthuli nomlotha.
28Mhlawumbe kuyakusweleka abayisihlanu kubo abalungileyo abangamashumi ayisihlanu; ubuyakubhubhisa wonke umuzi ngenxa yalabo abayisihlanu na? Wathi: Angiyikuwubhubhisa, uma ngifumana khona abangamashumi amane nanhlanu.
29Kepha wabuye wakhuluma kuye, wathi: Mhlawumbe kungafunyaniswa khona abangamashumi amane. Wathi: Angiyikukwenza ngenxa yabangamashumi amane.
30Wayesethi: Mayingathukutheli iNkosi ukuthi ngisakhuluma. Mhlawumbe kungafunyaniswa khona abangamashumi amathathu. Wathi: Angiyikukwenza, uma ngifumana abangamashumi amathathu lapho.
31Kepha wathi: Bheka, ngiqalile ukukhuluma neNkosi. Mhlawumbe kungatholakala abangamashumi amabili khona. Wathi: Angiyikuwubhubhisa ngenxa yabangamashumi amabili.
32Wayesethi: Mayingathukutheli iNkosi ukuthi ngisakhuluma kanye nje. Mhlawumbe kungafunyanwa abayishumi khona. Wathi: Angiyikuwubhubhisa ngenxa yalabo abayishumi.
33UJehova wasuka, nxa eseqedile ukukhuluma noAbrahama; uAbrahama wabuyela endaweni yakhe.