Usuku lwesikhombisa
1Kwase kupheleliswa izulu nomhlaba kanye nombuthano wakho wonke.
2UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa imisebenzi yakhe abeyenzile; waphumula ngosuku Iwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke abeyenzile.
3UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolosuku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza.
4Lokhu kungumlando wokudalwa kwezulu nomhlaba ekudalweni kwakho mhla uJehova uNkulunkulu ewenza umhlaba nezulu.
5Kwakungakabikho-sihlahla endle, namifino yayingakamili emhlabathini, ngokuba uJehova uNkulunkulu wayengakanisi imvula emhlabeni, kungakabikhomuntu wokulima umhlabathi;
6kepha kwenyuka inkungu ivela emhlabathini, yanisela ubuso bonke bomhlaba.
7UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba-kanjalo umphefumulo ophilayo.
Insimu yase-Edene
8UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene ngasempumalanga; wambeka khona umuntu amenzileyo.
9UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi yonke ebukekayo, emihle, edliwayo, nomuthi wokuphila phakathi nensimu, nomuthi wokwazi okuhle nokubi.
10E-Edene kwavela umfula owamanzisa insimu; wahlukana khona, wabayizimbaxa ezine.
11Eyokuqala inegama lokuthi iPishoni; yiyo ezungeza izwe lonke laseHavila, lapho kukhona igolide;
12lihle igolide lalelozwe; kukhona nenhlaka yebedola* netshe leshohamu* lapho.
13Igama leyesibili linguGihoni; yiyo ezungeza lonke izwe laseKushe.
14Igama leyesithathu linguHidekeli; yiyo egobhoza ngasempumalanga kwase-Asiriya. Eyesine inguEwufrathe.
15UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine.
16UJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi: Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho,
17kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.
Ukudalwa kowesifazane
18UJehova uNkulunkulu wathi: Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.
19UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu, waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube-ngamagama azo.
20Umuntu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle. Kepha umuntu akatholelwanga umsizi onjengaye.
21UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama.
22UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu.
23Wayesethi umuntu: Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami; uyakubizwa ngokuthi indodakazi, ngokuba uthathwé endodeni.
24Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakubanyamanye.
25Babehamba-ze bobabili, uAdamu* nomkakhe, bengenamahloni.