Abanye abantwana bakaJakobe nemfuyo yakhe
1URaheli esebonile ukuthi wayengamzaleli uJakobe abantwana, uRaheli waba-nomhawu ngodadewabo, wathi kuJakobe: Ngiphe abantwana, funa ngife.
2Intukuthelo kaJakobe yayisivuthela uRaheli, wathi: Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu okwenqabele isithelo sesizalo na?
3Wathi: Nansi incekukazi yami uBiliha; ngena kuye, ukuze azalele emathangeni ami, ngakheke nami ngaye.
4Wayesemupha uBiliha incekukazi yakhe, abe-ngumkakhe; uJakobe wangena kuye.
5UBiliha wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana.
6Wayesethi uRaheli: UNkulunkulu ungahlulele, futhi wezwa izwi lami: wangipha indodana; ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uDani.
7UBiliha incekukazi kaRaheli wabuye wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesibili.
8URaheli wathi: Ngokubambana ngibambene nodadewethu ngamandla kaNkulunkulu, ngamahlula; waqamba igama layo ngokuthi uNafetali.
9ULeya esebonile ukuthi ukhawulile ukuzala, wamthatha uZilipa incekukazi yakhe, wamupha uJakobe, abe-ngumkakhe.
10UZilipa incekukazi kaLeya wamzalela uJakobe indodana.
11ULeya wayesethi: Kwenziwe inhlanhla; waqamba igama layo ngokuthi uGadi.
12UZilipa incekukazi kaLeya wamzalela indodana yesibili.
13Wayesethi uLeya: Yisibusiso sami! Ngokuba izintombi ziyakungibiza ukuthi ngingobusisiweyo; waqamba igama layo ngokuthi uAsheri.
14Ngesikhathi sokuvuna ukolweni uRubeni waya wafumana amamandragora* endle, wawayisa kunina uLeya. URaheli wayesethi kuLeya: Ake ungiphe amamandragora endodana yakho.
15Wathi kuye: Kuncane yini ukuba uthathile umyeni wami na? Usuyakuthatha namamandragora endodana yami na? URaheli wathi: Ngalokho uzakulala nawe ngalobubusuku ngamamandragora endodana yakho.
16Kusihlwa uJakobe esebuya endle, uLeya waya ukumhlangabeza, wathi: Ngena kimi, ngokuba impela ngikuqashile ngamamandragora endodana yami. Wayeselala naye ngalobobusuku.
17UNkulunkulu wamuzwa uLeya; wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesihlanu.
18Wayesethi uLeya: UNkulunkulu unginikile umvuzo, lokhu ngamnika umyeni wami incekukazi yami; waqamba igama lakhe ngokuthi uIsakare.
19ULeya wabuye wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesithupha.
20Wayesethi uLeya: UNkulunkulu ungiphé isipho esihle; manje umyeni wami useyakuhlala kimi, ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha; waqamba igama layo ngokuthi uZebuloni.
21Ngasemuva wazala indodakazi, waqamba igama layo ngokuthi uDina.
22UNkulunkulu wamkhumbula uRaheli, uNkulunkulu wamuzwa, wavula isizalo sakhe.
23Wakhulelwa, wazala indodana, wathi: UNkulunkulu ususile ihlazo lami.
24Waqamba igama layo ngokuthi uJosefa, ethi: UJehova makangenezelele nenye indodana futhi.
25Kwathi uRaheli esemzalile uJosefa, uJakobe wathi kuLabani: Ngimukise ukuba ngiye endaweni yami ezweni lakithi.
26Ngiphe omkami nabantwana bami engikusebenzele ngabo, ngihambe, ngokuba uyawazi umsebenzi engikwenzele wona.
27ULabani wayesethi kuye: Ake ngifumane umusa emehlweni akho. Sengibonile ukuthi uJehova ungibusisile ngenxa yakho.
28Wathi futhi: Nquma umvuzo wakho, ngikuphe wona.
29Wathi kuye: Uyazi wena ukuthi ngikukhonzé kanjani nokuthi izinkomo zakho zazinjani kimi.
30Ngokuba kwakuncane okwakho ngingakafiki; kepha kwandile, sekukuningi; uJehova ukubusisile ezinyathelweni zami; manje ngiyakuyisebenzela nini eyami indlu na?
31Wathi: Ngiyakukuphani na? Wathi uJakobe: Awuyikunginika-lutho; uma ungenzela lokhu, ngiyakubuye ngaluse umhlambi wakho, ngiwulinde.
32Namuhla ngiyakudabula emhlambini wakho wonke, ngikhiphe khona zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, nazo zonke ezimnyama ezimvini, nezimagqabhagqabha nezimanakanaka ezimbuzini, kube-ngumvuzo wami.
33Ukulunga kwami kuyakungifakazela ngesikhathi esizayo, lapho ufika ngomvuzo wami osebusweni bakho, ukuthi zonke ezingemanakanaka nezingemagqabhagqabha ezimbuzini, nezingemnyama ezimvini ezikimi, mazithiwe zebiwe.
34Wayesethi uLabani: Bheka, makube-njengezwi lakho.
35Ngalowomuhla wakhipha izimpongo ezinemishwe nezimagqabhagqabha, nezimbuzikazi zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, zonke ezinokumhlophe, nezimnyama zonke ezimvini, wazinikela esandleni samadodana akhe.
36Wamisa ibanga lezinsuku ezintathu phakathi kwakhe noJakobe; uJakobe walusa imihlambi eseleyo kaLabani.
37UJakobe wathatha izinti ezimanzi zompopula* nezomalimondi* nezompelatani*, wazebula imishwe emhlophe, wambula okumhlophe okusezintini.
38Wazifaka izinti abezebulile emikhombeni nasemiqengqeni yamanzi phambi kwemihlambi, lapho imihlambi iza khona ukuphuza; yamitha ekufikeni kwayo ukuphuza.
39Imihlambi yamitha phambi kwezinti, imihlambi yazala ezinemishwe, nezimanakanaka, nezimagqabhagqabha.
40UJakobe wayesahlukanisa amawundlu, wabhekisa ubuso bemihlambi kwezinemishwe nakwezimnyama emhlambini kaLabani; wabeka amaqembu akhe abe-wodwa engawafaki emhlambini kaLabani.
41Kwathi lapho ibiyakumitha imihlambi eqinileyo, uJakobe wabeka izinti phambi kwamehlo emihlambi emiqengqeni ukuba imithe phakathi kwezinti.
42Kepha lapho umhlambi wawubuthakathaka, akazifakanga; yathi-ke ebuthakathaka yaba-ngekaLabani neqinileyo yaba-ngekaJakobe.
43Yayisikhula kakhulu impela lendoda, yaba-nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.