Uhambo lwesibili lwabafowabo bakaJosefa beya eGibithe
1Indlala yayinzima ezweni.
2Kwathi sebeqedile amabele ababewathengile eGibithe, uyise wathi kubo: Buyelani, nisithengele ukudlana.
3UJuda wakhuluma kuye, wathi: Lowomuntu wagoma nokugoma kithina, wathi: Aniyikubona ubuso bami, kuphela uma umfowenu enani.
4Uma umthuma nathi umfowethu, sizakwehla, sithenge ukudla;
5kepha uma ungamthumi, asizukwehla, ngokuba lowomuntu wathi kithina: Aniyikubona ubuso bami, kuphela uma umfowenu enani.
6Wayesethi uIsrayeli: Ningenzeleni okubi ngokumtshela lowomuntu ukuthi ukhona omunye umfowenu na?
7Bathi: Wabuza nokubuza lowomuntu ngathi nangezihlobo zethu, wathi: Usekhona uyihlo na? Ninomunye umfowenu na? Samlandisa njengalawamazwi; sasingakwazi kanjani ukuba uyakuthi: Yehlisani umfowenu, na?
8UJuda wathi kuIsrayeli uyise: Thuma umfana nami, size sisuke, sihambe ukuba siphile, singafi, thina nawe kanye nezingane zethu.
9Mina ngiyakuba-yisibambiso sakhe; uzakumbiza esandleni sami; uma ngingambuyiseli kuwe, ngimbeke ebusweni bakho, ngiyakuba-necala kuze kube-phakade,
10ngokuba uma sasingalibalanga, impela nga sesibuyile manje ngokwesibili.
11Uyise uIsrayeli wayesethi kubo: Uma kunjalo, yenzani lokhu; phathani izithelo ezikhethiweyo zezwe emasakeni enu, nimehlisele lowomuntu isipho, ibhalisamu* eliyingcosana, nezinyosi eziyingcosana, namakha, nemure*, namapisitakiyo*, nama-alimondi*,
12niphathe esandleni senu imali iphindwé kabili; naleyomali eyabuyiselwa emilonyeni yamasaka enu, niyihambise ngesandla senu; mhlawumbe kwenzeka iphutha.
13Nithathe futhi umfowenu, nisuke nibuyele kulowomuntu.
14UNkulunkulu uSomandla aniphe umusa ebusweni balowomuntu, ukuze anikhululele umfowenu lowo omunye kanye noBenjamini; kepha mina, uma ngaphucwa abantwana, ngiyaphucwa.
15Amadoda ayesethatha lesosipho nemali ephindwé kabili esandleni sawo kanye noBenjamini, asuka ehlela eGibithe, ema ebusweni bukaJosefa.
16UJosefa esembona uBenjamini enabo, wathi kophezu kwendlu yakhe: Ngenisa lawamadoda endlini, uhlabe, ulungise, ngokuba lawamadoda ayakudla nami emini.
17Lowomuntu wenza njengalokho eshilo uJosefa; inceku yawangenisa amadoda endlini kaJosefa.
18Amadoda esaba, ngokuba angeniswa endlini kaJosefa, athi: Singeniswé lapha ngenxa yemali eyabuyiselwa emasakeni ethu kuqala ukuba asizume, asehlele, asenze izigqila kanye nezimbongolo zethu.
19Asondela-ke encekwini yendlu kaJosefa, akhuluma kuyo ngasemnyango wendlu,
20athi: O nkosi, ngempela safika kuqala ukuthenga ukudla.
21Kwathi sesifiké endlini yezihambi, savula amasaka ethu; bheka, imali yalowo nalowo yayisemlonyeni wesaka lakhe, imali yethu ngokulinganiswa kwayo; sesiyibuyisile ngesandla sethu.
22Sehlé nenye imali esandleni sethu ukuba sithenge ukudla; asazi ukuthi ngubani owayifaka imali yethu emasakeni ethu.
23Yayisithi kubo: Ukuthula makubekinina; ningesabi; uNkulunkulu wenu noNkulunkulu kayihlo uniphé igugu emasakeni enu; imali yenu ngayithola. Yaphumisa uSimeyoni, yamletha kubo.
24Inceku yayisingenisa amadoda endlini kaJosefa, yawanika amanzi; ageza izinyawo zawo; yazipha izimbongolo zawo ukudla.
25Alungisela uJosefa isipho, ezofika emini, ngokuba ayezwile ukuthi ayakudla khona.
26UJosefa esefiké ekhaya, ayisa kuye endlini isipho esasisesandleni sawo, akhothamela phansi kuye.
27Wabuza impilo yabo, wathi: Usaphila uyihlo, ixhegu enanikhuluma ngalo, na? Usekhona na?
28Bathi-ke: Inceku yakho ubaba isaphila, isekhona. Bamkhothamela, bamkhonza.
29Wayesephakamisa amehlo akhe, wambona uBenjamini umfowabo, indodana kanina, wathi: Nguye lo ongumfowenu omncane enakhuluma ngaye kimi na? Wathi: UNkulunkulu makabe-nomusa kuwe-ndodana yami.
30Wakhawuleza uJosefa, ngokuba ngaphakathi kwakhe kwavutha isihe ngomfowabo; wafuna lapho angakhala khona, wangena ekamelweni lakhe, wakhala khona.
31Wageza ubuso bakhe, waphuma; wazibamba, wathi: Lethani ukudla.
32Bambekela ukudla ngokwakhe, nalabo ngokwabo, nabaseGibithe abadla naye ngokwabo, lokhu abaseGibithe bangedle namaHeberu, ngokuba kuyanengeka kubo abaseGibithe.
33Bahlala phambi kwakhe, izibulo njengobuzibulo balo nomncane njengobuncane bakhe; abantu bamangala omunye nomunye.
34Wabathathela izabelo kulokho okwakuphambi kwakhe, kepha isabelo sikaBenjamini saphindwa kahlanu silinganiswa nesabo. Baphuza, bathokoza naye.